Skip to Content

"esikhaleni"

9 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 7:3

Kwakukhona esikhaleni sesango abantu abane abanochoko ; bathi omunye komunye: Sihlalelani lapha size sife na?

AbAhluleli 4:21

UJayeli umkaHebere wayesethatha isikhonkwane setende, waphatha isando ngesandla, wanyonyobela kuye , wambethela esikhaleni sendlebe ngesikhonkwane, sagqobhoza, saphumela emhlabathini , ngokuba wayelele ubuthongo obukhulu ediniwe; wafa kanjalo.

AbAhluleli 5:26

Wafaka isandla sakh e esikhonkwaneni, esokunene sakhe esandweni sezisebenzi; ngesando wamshaya uSisera , wadebeza ikhanda lakhe , yebo, wamgqobhoza, wambhoboza esikhaleni sendlebe.

AbAhluleli 9:35

UGali indodana ka -Ebedi waphuma , wema esikhaleni sesango lomuzi ; u- Abimeleki wayeseqhamuka nabantu ababenaye ekuqamekeleni.

AbAhluleli 9:44

U-Abimeleki nezigaba ezazinaye zadumela, zema esikhaleni sesango lomuzi; izigaba zombili zadumela bonke abasendle, zababulala.

U-Isaya 10:29

badlula esikhaleni, ebusuku bahlala eGeba ; iRama liyaqhaqhazela, iGibeya likaSawule liyabaleka.

UHezekeli 22:30

Ngafuna kubo umuntu wokubiya uthango , eme esikhaleni ngaphambi kwami ngenxa yezwe ukuba ngingalichithi, kepha angimfumananga.

UJeremiya 26:10

Izikhulu zakwaJuda zazizwa lezo zinto , zakhuphuka endlini yenkosi , zaya endlini kaJehova, zahlala esikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova.

UJeremiya 38:14

USedekiya inkosi wathumela wamthatha uJeremiya umprofethi , wamzisa kuye esikhaleni sesithathu esisendlini kaJehova ; inkosi yathi kuJeremiya : Ngithanda ukubuza into kuwe, ungangifihleli lutho.