Skip to Content

"esikhwameni"

7 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 17:40

Wathatha induku yakhe ngesandla , wazikhethela amatshe ayisihlanu abushelezi emfudlaneni , wawafaka esikhwameni somalusi ayenaso , eyikeni lakhe, indwayimana yakhe isesandleni sakhe; wayesesondela kumFilisti.

1 uSamuweli 17:49

UDavide wafaka isandla sakhe esikhwameni sakhe , wakhipha khona itshe , waliphonsa, wamshaya umFilisti ebunzini , itshe lashona ebunzini , wawela phansi ngobuso.

U-Esteri 3:9

Uma kukuhle enkosini , makulotshwe ukuba sichithwe ; ngiyakukhokhela amatalenta ayizinkulungwane eziyishumi esiliva ezandleni zabenza umsebenzi wenkosi, ayiswe esikhwameni senkosi.

U-Esteri 4:7

UMoridekayi wamtshela konke okumehleleyo nenani lemali uHamani ayethembisile ukulikhokhela esikhwameni senkosi ngabaJuda ukuba babhujiswe.

U-Isaya 46:6

Abathulula igolide esikhwameni yini , balinganise isiliva esilinganisweni , baqashe umkhandi wes iliva ukuba enze unkulunkulu , bese bekhothama , bakhuleke, na?

UDuteronomi 25:13

Makungabikho esikhwameni sakho izisindo ezahlukeneyo , esikhulu nesincane.

UJobe 14:17

Isiphambeko besiyakuvalelwa esikhwameni, besewusibekela ukona kwami.