Skip to Content

"esinagogeni"

25 occurrences in ZUL

EkaJakobe 2:2

Ngokuba uma kungena esinagogeni lenu umuntu onendandatho yegolide nezingubo ezicwebezelayo, kungene nompofu onezingubo ezimbi,

IsAmbulo 3:9

Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane abazishaya abaJuda bengesibo, kepha beqamba amanga ; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.

IzEnzo 13:14

Bona ekumukeni kwabo ePherge baya e -Antiyokiya lasePhisidiya, bangena esinagogeni ngosuku lwesabatha, bahlala phansi.

IzEnzo 14:1

Kwathi e -Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni labaJuda , bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki.

IzEnzo 17:10

Kepha abazalwane bamukisa oPawulu noSila masinyane ebusuku ukuba baye eBereya; bona sebefikile khona bangena esinagogeni labaJuda.

IzEnzo 17:17

Ngakho-ke wakhuluma esinagogeni kubaJuda nakuwo amakholwa nasesigcawini imihla ngemihla kubo ababesuke bekhona.

IzEnzo 18:19

Wehlela e -Efesu, wabashiya khona ; kepha yena wangena esinagogeni , washumayela kubaJuda.

IzEnzo 18:26

yena waqala ukushumayela ngesibindi esinagogeni . Kwathi ukuba bamuzwe o-Akwila noPrisila, bamthatha bamchasisela indlela kaNkulunkulu ngesineke esikhulu.

IzEnzo 18:4

Washumayela esinagogeni ngamasabatha onke, wazuza abaJuda namaGreki.

IzEnzo 19:8

Wayesengena esinagogeni , wakhuluma ngesibindi izinyanga zaba ntathu , eshumayela ebafundisa ngombuso kaNkulunkulu.

NgokukaJohane 12:42

Nokho abaningi nasezikhulwini bakholwa nguye, kodwa ngenxa yabaFarisi abakuvumanga, funa bakhishwe esinagogeni;

NgokukaJohane 18:20

UJesu wamphendula wathi: Ngikhulumile obala ezweni. Ngezikhathi zonke bengifundisa esinagogeni nasethempelini , lapho abaJuda bonke bebuthana khona, angikhulumanga lutho ngasese.

NgokukaJohane 6:59

Lokho wakukhuluma esinagogeni efundisa eKapernawume.

NgokukaJohane 9:22

Abazali bakhe basho lokho , ngokuba besaba abaJuda . Ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma ekhona ovuma ukuba unguKristu, kakhishwe esinagogeni.

NgokukaLuka 4:16

Wafika eNazaretha , lapho wayondliwa khona , wangena esinagogeni ngosuku lwesabatha njengokwenza kwakhe, wasukumela ukufunda.

NgokukaLuka 4:33

Kwakukhona esinagogeni umuntu onomoya wedemoni elingcolileyo , wamemeza ngezwi elikhulu, wathi:

NgokukaLuka 4:38

Wasuka esinagogeni , wangena endlini kaSimoni . Kepha umkhwekazi kaSimoni wayebanjwe ngumkhuhlane omkhulu; bamnxusa ngaye.

NgokukaLuka 6:6

Kwathi-ke ngelinye isabatha wangena esinagogeni , wafundisa. Kwakukhona umuntu lapho osandla sakhe sokunene sasishwabene.

NgokukaMarku 1:21

Bangena eKapernawume . Kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni, wafundisa.

NgokukaMarku 1:23

Kwakukhona-ke esinagogeni umuntu onomoya ongcolileyo, wamemeza,

NgokukaMarku 1:29

Sebephume esinagogeni bangena masinyane endlini kaSimoni no -Andreya, benoJakobe noJohane.

NgokukaMarku 3:1

Khona wabuye wangena esinagogeni. Kwakukhona lapho umuntu onesandla esishwabeneyo.

NgokukaMarku 6:2

Sekufikile isabatha, waqala ukufundisa esinagogeni . Abaningi abamuzwayo bamangala bathi: Lo ukuthathaphi lokhu na? Ukuhlakanipha kuni akunikiwe lona na? Nemisebenzi yamandla enje yenziwe ngezandla zakhe na?

NgokukaMathewu 12:9

Wamuka lapho, wangena esinagogeni labo.

NgokukaMathewu 13:54

Esefikile emzini wakubo wabafundisa esinagogeni labo , baze bamangala, bathi: Lo ukuthathaphi lokhu kuhlakanipha nalawa mandla na?