Skip to Content

"esitsheni"

15 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 17:10

Wayesesuka waya eSarefati; esefikile esangweni lomuzi, bheka, umfelokazi wayecakasha khona ; wambiza wathi : Ake ungilethele ingcosana yamanzi esitsheni, ngiphuze.

2 uSamuweli 12:3

kepha empofu yayingenalutho , inexhukazana lilinye elincane nje kuphela , eyayilithengile yalondla ; lakhulela kuyo nakubantwana bayo ; ladla ucezu lwayo, laphuza esitsheni sayo , lalala esifubeni sayo , lalinjengendodakazi kuyo.

IsAmbulo 14:10

naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe esitsheni solaka lwakhe , lingaxutshiwe, ahlushwe ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.

IsAmbulo 18:6

Buyiselani kulo njengalokho lona likwenzile, niphinde kabili okwemisebenzi yalo; esitsheni elalixuba kuso, xubani kabili kuso;

IzAga 19:24

Ivila liyafaka isandla salo esitsheni; alisibuyiseli nasemlonyeni walo.

IzAga 26:15

Ivila liyafaka isandla salo esitsheni ; kuyamkhathaza ukusibuyisela emlonyeni walo.

NgokukaMarku 14:20

Wathi kubo: Ngomunye wabayishumi nambili, okha kanye nami esitsheni.

NgokukaMathewu 26:23

Kepha waphendula wathi : Ofake isandla kanye nami esitsheni nguyena ozakungikhaphela.

UDuteronomi 23:24

Lapho ungena esivinini somakhelwane wakho , ungadla izithelo zomvini , usuthe ngokuthanda kwakho, kepha ungafaki lutho esitsheni sakho.

UHezekeli 4:9

Futhi zithathele ukolweni , nebhali, nobhontshisi, nembumba, nonyaluthi, nesipelite, ukubeke esitsheni sibe sinye , uzenzele isinkwa ngakho ngokomumo wezinsuku oyakulala ngazo ngohlangothi lwakho , izinsuku ezingamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye, usidle.

ULevitikusi 14:5

umpristi ayale ukuba ihlatshwe e nye yezinyoni esitsheni sebumba phezu kwamanzi agobhozayo.

ULevitikusi 14:50

ahlabe enye yezinyoni esitsheni sebumba phezu kwamanzi agobhozayo,

ULevitikusi 6:28

Kepha isitsha sebumba okuphekelwe kuso masaphulwe , kodwa uma kuphekelwa esitsheni sethusi, siyakuphucuzwa, sihashazwe ngamanzi.

UNumeri 19:17

Abangcolileyo bayakuthatha umlotha wokushayo komnikelo wesono , namanzi agobhozayo ayakuthelwa kanye nawo esitsheni,

UNumeri 5:17

umpristi athathe amanzi angcwele esitsheni sebumba , athathe kulo uthuli oluphansi etabernakele, alufake emanzini,