Skip to Content

"esivalweni"

6 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 12:9

UJehoyada, umpristi, wayesethatha umphongolo , wabhoboza imbobo esivalweni sawo , wawubeka eceleni kwe -altare ngakwesok unene lapho umuntu engena endlini kaJehova ; abapristi abalinda umbundu bafaka khona yonke imali eyalethwa endlini kaJehova.

IzEnzo 12:13

Esengqongqotha esivalweni sesango , yeza intombazana ukusabela , egama layo linguRoda;

UHezekeli 40:40

Eceleni ngaphandle lapho kukhushukelwa esivalweni sesango ngasenyakatho kwakukhona amatafula am abili, nakolunye uhlangothi olungasemphemeni wesango amatafula amabili.

UHezekeli 46:3

Abantu bayakukhuleka esivalweni salelo sango phambi kukaJehova ngamasabatha nangokwethwasa kwenyanga.

UHezekeli 8:14

Wayesengiyisa esivalweni sesango lendlu kaJehova elingasenyakatho; bheka, nampo abesifazane behlezi belilela uTamuzi.

UHezekeli 8:3

Wayeselula kungathi isandla , wangibamba ngesihluthu sekhanda lami ; uMoya wangiphakamisa phakathi komhlaba nezulu , wangiyisa ngemibono kaNkulunkulu eJerusalema esivalweni sesango legceke elingaphakathi elibheke ngasenyakatho , lapho kwakukho na isihlalo sesithombe somhawu , esibanga umhawu.