"esixukwini"
15 occurrences in ZUL
Wababela bonke abantu esixukwini sonke sakwa -Israyeli, abesilisa nabesifazane, kwaba yilowo nalowo ucezu lwesinkwa , nesicubu senyama , nesigaxa sezithelo zomvini ezomileyo . Base behamba abantu bonke , baya, kwaba yilowo nalowo ekhaya lakubo.
Ngiyakumbonga uJehova ngomlomo wami, ngimdumise esixukwini.
Ngiyakukhumbula lokhu , ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami , njengalokho ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkul u ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi.
Base bekhipha u -Aleksandru esixukwini , abaJuda bamqhubela phambili; kepha u-Aleksandru waqhweba ngesandla, efuna ukuziphendulela kubantu.
Kepha abanye esixukwini bam emeza okunye, abanye okunye; yathi ukuba ingenakulazi iqiniso ngenxa yomsindo, yayala ukuba ayiswe ekamu.
abangifumananga ngiphikisana namuntu , nakuba ngivusa isiphithiphithi esixukwini, nasethempelini, nasemasinagogeni, nasemzini,
Kepha esixukwini abaningi bakholwa nguye , bathi: UKristu, nxa esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezo azenzileyo lona na?
Ngakho kwaba khona ukwahlukana ngaye esixukwini.
Kwathi esakhuluma lokhu, owesifazane othile esixukwini waphakamisa izwi, wathi kuye: Sibusisiwe isisu esakuthwalayo namabele owawancelayo.
UJesu ekuzwa lokho wamangala ngayo , waphenduka, wathi esixukwini esimlandelayo: Ngithi kini : Angizange ngifumane ukukholwa okungaka nakwa-Israyeli.
esezwile ngoJesu, weza esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo yakhe,
Wanele ukuzwa uJesu phakathi kwakhe ukuthi amandla aphumile kuye , waphendukela esixukwini, wathi: Ngubani othinte izingubo zami na?
Kuthe esengene endlini , evela esixukwini, abafundi bakhe bambuza ngalowo mfanekiso.
Wagudluka naso esixukwini bebodwa , wafaka iminwe yakhe ezindlebeni zaso, wafela amathe, waphatha ulimi lwaso,
Sebefikile esixukwini , kweza kuye umuntu , waguqa ngamadolo phambi kwakhe,