Skip to Content

"esizalweni"

10 occurrences in ZUL

AmaHubo 110:3

Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho ; ebuhleni bobungcwele abasha bakho bavela njengamazolo esizalweni sokusa.

AmaHubo 22:9

Impela nguwe owangikhipha esizalweni , wangikhoselisa ngasemabeleni kamame.

UJeremiya 1:5

Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi ; ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni.

UJobe 10:18

Ungikhipheleni esizalweni na? Ngangiyakugqibuka lingakangiboni iso,

UJobe 1:21

wathi: Ngaphuma ngize esizalweni sikamame; ngiyakubuyela khona ngize; uJehova wapha, uJehova uthathile; malibongwe igama likaJehova.

UJobe 31:15

Owangenza mina esiswini, wabenza nabo; owasibumba esizalweni munye.

UJobe 3:11

Angifanga ngani esizalweni na? Angibhubhanga ngani ekuphumeni kwami esiswini na?

UNumeri 12:12

Ake anga bi njengofileyo , onyama yakhe idliwe inxenye , nxa ephuma esizalweni sikanina.

UmShumayeli 11:5

Njengalokhu ungazi indlela yomoya ukuthi iphi , nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo , kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke.

UmShumayeli 5:15

Njengalokho aphuma esizalweni sikanina , uyakubuye amuke , ahambe ze njengasekufikeni kwakhe , engatholi lutho ngomshikashika wakhe , ahambe nalo esandleni sakhe.