Skip to Content

"etendeni"

97 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 1:39

USadoki umpristi wathatha uphondo lwamafutha etendeni , wamgcoba uSolomoni. Babetha amacilongo , bonke abantu bathi : Mana njalo , nkosi Solomoni.

1 AmaKhosi 2:28

Lapho kufika umbiko kuJowabe ngokuba uJowabe -- wayemlandele u - Adoniya noma engamlandelanga u -Abisalomu uJowabe -- wabaleka, waya etendeni likaJehova, wabamba izimpondo ze-altare.

1 AmaKhosi 2:29

Inkosi uSolo moni yatshelwa ukuthi : UJowabe ubalekele etendeni likaJehova; bheka, ungase-altare. USolomoni wayesethuma uBenaya indodana kaJehoyada ngokuthi: Hamba, umsukele.

1 AmaKhosi 2:30

UBenaya wafika etendeni likaJehova , wathi kuye : Isho kanje inkosi , ithi: Phuma. Wathi: Qha, ngiyakufela lapha . UBenaya wabuyisela enkosini izwi lokuthi: Washo njalo uJowabe, wangiphendula kanjalo.

1 iziKronike 9:21

UZakariya indodana kaMeshelemiya wayengumlindisango etendeni lokuhlangana.

1 uSamuweli 13:2

USawule wazikhethela abantu abayizinkulungwane ezintathu kwa -Israyeli; izinkulungwane ezimbili zazinoSawule eMikimashi nasentabeni yaseBetlehema, nenkulungwane yayinoJonathani eGibeya lakwaBenjamini ; abanye abantu wabamukisa, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.

1 uSamuweli 17:54

UDavide wathatha ikhanda lomFilisti, waliyisa eJerusalema; kepha wafaka izikhali zakhe etendeni lakhe.

1 uSamuweli 4:10

AmaFilisti alwa , u-Israyeli wachithwa , babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe; kwaba khona ukuceka okukhulu, ngokuba kwawa ku-Israyeli abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu aba yimigundatshani.

2 AmaKhosi 14:12

UJuda wahlulwa phambi kuka -Israyeli; babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.

2 iziKronike 10:16

Wonke u-Israyeli esebonile ukuthi inkosi ayibalalelanga , abantu babuyisela izwi enkosini , bathi: Sinasabelo sini kuDavide na ? Ifa asinalo endodaneni kaJese. Yilowo nalowo makaye etendeni lakhe , Israyeli; zibhekele indlu yakho manje, Davide. Wayesesuka u-Israyeli wonke, waya ematendeni akhe.

2 iziKronike 1:13

USolomoni wayesesuka endaweni ephakemeyo yaseGibeyoni etendeni lokuhlangana, waya eJerusalema; wabusa phezu kuka-Israyeli.

2 iziKronike 25:22

UJuda wahlulwa phambi kuka -Israyeli; babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.

2 uSamuweli 19:8

Yayisisuka inkosi , yahlala esangweni . Kwathiwa kubo bonke abantu : Bhekani, inkosi ihlezi esangweni . Base befika abantu bonke phambi kwenkosi. Kepha ab akwa-Israyeli babebalekele , kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.

2 uSamuweli 20:22

Owesifazane wayeseya ngokuhlakanipha kwakhe kubantu bonke . Bamnquma uSheba indodana kaBikri ikhan da, baliphonsa kuJowabe . Yena wabetha icilongo , bahlakazeka kulowo muzi , baya, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. UJowabe wabuyela eJerusalema enkosini.

2 uSamuweli 7:6

Ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo abantwana bakwa-Israyeli eGibithe kuze kube namuhla, kepha ngangilokhu ngihamba etendeni nasetabernakele.

AbAhluleli 19:9

Lapho umuntu esesukuma ukuba ahambe , yena nesancinza sakhe nenceku yakhe, umukhwe wakhe , uyise wentombi, wathi kuye : Bheka, ilanga seliyathambama, sekuzakuhlwa; ake uhlale ubusuku bonke ; yebo, ilanga seliyakuphela; hlala lapha ukuba inhliziyo yakho ithokoze , nivuke kusasa ekuseni kakhulu, nihambe indlela yenu ukuba ufike etendeni lakho.

AbAhluleli 20:8

Bonke abantu bavuka njengomuntu munye, bathi: Asiyikuya, sisho namunye etendeni lakhe; asiyikuphambukela sisho namunye endlini yakhe.

AbAhluleli 4:17

Kepha uSisera wabaleka ngezinyawo , wafika etendeni likaJayeli umkaHebere umKheni, ngokuba kwakukhona ukuthula phakathi kukaJabini inkosi yaseHasori nendlu kaHebere umKheni.

AbAhluleli 4:18

UJayeli waphuma ukumhlan gabeza uSisera, wathi kuye: Phambuka, nkosi yami; phambukela kimi , ungesabi. Waphambukela kuye etendeni , wamembesa ingubo.

AbAhluleli 7:13

Lapho efika uGideyoni , bheka, umuntu wayelandisa umngane wakhe iphupho, wathi: Ngaphupha iphupho; bheka, iqebelengwane lesinkwa sebhali lagingqikela ekamu lakwaMidiyani , lafika etendeni , lalishaya laze lawa , laligumbuqela, labhadalala.

AbAhluleli 7:8

Abantu base bethatha umphako ngesandla sabo namacilongo abo ; bonke abanye abakwa-Israyeli wabathuma , kwabayilowo nalowo etendeni lakhe , wagcina lawo madoda amakhulu amathathu; ikamu lakwaMidiyani laliphansi kwakhe esigodini.

AmaHubo 132:3

Angiyikungena etendeni lendlu yami; angiyikwenyukela embhedeni wami;

AmaHubo 15:1

Jehova, ngubani oyakuhlala etendeni lakho na ? Ngubani oyakwakha entabeni yakho engcwele na?

AmaHubo 27:6

Nakalokhu ikhanda lami lizakuphakam a ngaphezu kwezitha zami ezingihaqileyo; ngizakunikela iminikelo yokwethaba etendeni lakhe , ngihlabelele, ngidumise uJehova ngogubhu.

AmaHubo 52:5

Ngakho-ke uNkulunkulu uyakukubhidliza kuze kube phakade; uyakukubamba, akukhiphe etendeni lakho , akusiphule ezweni labaphilayo . Sela

AmaHubo 61:4

Ngiyakuhlala etendeni lakho kuze kube phakade ; ngiyakukhosela ekusithekeni kwamaphiko akho. Sela

AmaHubo 91:10

Awuyikwehlelwa ngokubi, nesifo asiyikusondela etendeni lakho.

IsiLilo 2:4

Yansala umnsalo wayo njengesitha , yema njengomelene nathi ngesokunene sayo, yabulala konke okwakumnandi emehlweni ethu . Etendeni lendodakazi yaseSiyoni yathulula ukufutheka kwayo njengomlilo.

U-Eksodusi 18:7

UMose waphuma ukumhlangabeza umukhwe wakhe , wamkhothamela, wamanga; babuzana impilo, bangena etendeni.

U-Eksodusi 27:21

Etendeni lokuhlangana ngaphandle kwesihenqo esiphambi kobufakazi u - Aroni namadodana akhe bayakuziphath a kwasekuhlweni kuze kuse phambi kukaJehova; kuyakuba yisimiso sabantwana bakwa -Israyeli kuze kube phakade ezizukulwaneni zabo.

U-Eksodusi 28:43

u-Aroni namadodana akhe bawafake , nxa bengena etendeni lokuhlangana , nanxa besondela e -altare ukuyokhonza endaweni engcwele , ukuba bangathwali ububi, bafe; kuyakuba yisimiso kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe kuze kube phakade.

U-Eksodusi 29:30

Indodana yakhe engumpristi esikhundleni sakhe ayizembathe izinsuku eziyisikhombisa, nxa ingena etendeni lokuhlangana ukuyokhonza endaweni engcwele.

U-Eksodusi 30:20

Nxa bengena etendeni lokuhlangana, bayakugeza ngamanzi ukuba bangafi, noma besondela e -altare ukuyokhonza , bawushise umnikelo womlilo kuJehova;

U-Eksodusi 30:36

ucolisise enye , uyibeke phambi kobufakazi etendeni lokuhlangana , lapho ngiyakuhlangana khona nawe, ibe ngcwelengcwele kini.

U-Eksodusi 33:11

UJehova wakhuluma kuMose ubuso nobuso , njengalokhu umuntu ekhuluma nomhlobo wakhe . Wabuyela ekamu , kepha i nceku yakhe uJoshuwa indodana kaNuni, insizwa, ayiphumanga etendeni. UMose ucela ukubona inkazimulo kaJehova

U-Eksodusi 33:7

UMose wayevama ukulithatha itende , walimisa ngaphandle kwekamu , libe kude nekamu , walibiza ngokuthi itende lokuhlangana . Kwathi bonke abamfunayo uJehova baphuma, baya etendeni lokuhlangana elalingaphandle kwekamu.

U-Eksodusi 33:8

Kwathi uMose ephuma eya etendeni , bonke abantu basukuma bema , kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe , bambuka uMose waze wangena etendeni.

U-Eksodusi 33:9

Kwathi uMose engena etendeni , insika yefu yehla, yema ngasemnyango wetende; uJehova wakhuluma noMose.

U-Eksodusi 40:22

Wafaka itafula etendeni lokuhlangana ohlangothini lwetabernakele olungasenyakatho ngaphandle kwesihenqo.

U-Eksodusi 40:24

Walubeka uthi lwezibani etendeni lokuhlangana malungana netafula ohlangothini lwetabernakele olungaseningizimu.

U-Eksodusi 40:26

Walibeka i-altare legolide etendeni lokuhlangana ngaphambi kwesihenqo.

U-Eksodusi 40:32

Nxa bengena etendeni lokuhlangana nanxa besondela e -altare, bageza njengalokho uJehova emyalile uMose.

U-Eksodusi 40:35

UMose wayengenakungena etendeni lokuhlangana , ngokuba ifu lahlala phezu kwalo, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.

U-Isaya 16:5

kuyakumiswa isihlalo sobukhosi ngomusa, kuhlale kuso ngeqiniso etendeni likaDavide umahluleli ofuna ukwahlulela esheshisa ukulunga.

UDuteronomi 31:14

UJehova wathi kuMose : Bheka, izinsuku zakho sezisondele zokuba ufe ; mbize uJoshuwa, nime etendeni lokuhlangana ukuba ngimyale . OMose noJoshuwa base behamba, bema etendeni lokuhlangana.

UDuteronomi 31:15

UJehova wabonakala etendeni esensikeni yefu , insika yema ngasemnyango wetende.

UGenesise 18:6

U-Abrahama waphuthuma etendeni kuSara , wathi: Sheshisa, uthathe amaseya amathathu empuphu ecolekileyo , uyixove, wenze amaqebelengwane.

UGenesise 18:9

Athi kuye: Uphi uSara umkakho na? Wathi: Nangu etendeni.

UGenesise 24:67

U-Isaka wamngenisa etendeni likanina uSara , wamthatha uRebeka , wabangumkakhe; wamthanda; u-Isaka wayeseduduzeka emva kokufa kukanina.

UGenesise 31:33

ULabani wayesengena etendeni likaJakobe , nasetendeni likaLeya , nasetendeni lezincekukazi zombili ; akazitholanga. Waphuma etendeni likaLeya, wangena etendeni likaRaheli.

UGenesise 31:34

URaheli wayezithathe izithixo , wazifaka esihlalweni sekamela , wahlala phezu kwazo. ULabani waphumputha etendeni lonke, kepha akazitholanga.

UGenesise 9:21

Waphuza iwayini, wadakwa, walala nqunu etendeni lakhe.

UJeremiya 37:10

Ngokuba noma benichithile impi yonke yamaKaledi elwa nani , kwaze kwasala abantu abagwaziweyo bodwa phakathi kwabo , bona bebeyakuvuka, kube yilowo nalowo etendeni lakhe, bawushise lo muzi ngomlilo.

UJobe 18:14

Uyakuhlwithwa etendeni lakhe alethembayo, ayiswe enkosini yengebhe.

UJobe 18:15

Etendeni lakhe bayakuhlala abangesibo abakhe , kuvumvuzelwe isibabule ekhaya lakhe.

UJobe 18:6

Ukukhanya kuyakufiphala etendeni lakhe , nesibani sakhe phezu k wakhe siyakucimeka.

UJobe 20:26

Ubumnyama bonke bubekelelwe ingcebo yakhe ; umlilo ongavuthelwanga uyakuyidla, uchithe okusele etendeni lakhe.

UJobe 22:23

Uma ubuyela kuSomandla , uyakwakhiwa, uma udedisa okubi kude etendeni lakho,

UJoshuwa 7:22

UJoshuwa wayesethuma izithunywa , zagijimela etendeni ; bheka kwakuthukusiwe etendeni lakhe, isiliva liphansi.

ULevitikusi 10:9

Ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla , wena namadodana akho kanye nawe, nxa ningena etendeni lokuhlangana, ukuba ningafi; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.

ULevitikusi 16:17

Akuyikubakho muntu etendeni lokuhlangana , nxa eng ena ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele aze aphume , azenzele ukubuyisana , yena nendlu yakhe nebandla lonke lakwa-Israyeli.

ULevitikusi 16:23

U-Aroni uyakungena etendeni lokuhlangana , akhumule izambatho zelineni azembetheyo ekungeneni kwakhe endaweni engcwele, azishiye khona.

ULevitikusi 24:3

Ngaphandle kwesihenqo sobufakazi etendeni lokuhlangana u -Aroni uyakuzilungisa njalo phambi kukaJehova , aqale kusihlwa kuze kuse ; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu,

ULevitikusi 4:16

Umpristi ogcotshiweyo alethe igazi lenkunzi etendeni lokuhlangana.

ULevitikusi 6:30

Kepha makungadliwa mnikelo wesono okwangeniswa igazi lawo etendeni lokuhlangana ukuba kwenziwe ukubuyisana endaweni engcwele; woshiswa ngomlilo.

ULevitikusi 9:23

OMose no-Aroni bangena etendeni lok uhlangana, babuye baphuma , bababusisa abantu; yayisibonakala inkazimulo kaJehova kubantu bonke.

UNumeri 11:16

UJehova wakhuluma kuMose , wathi: Ngibuthele amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga akwa-Israyeli, owaziyo ukuthi angamalunga abantu nezinduna zabo, uwalethe etendeni lokuhlangana ukuba eme khona nawe.

UNumeri 11:26

Kodwa kwasala amadoda amabili ekamu , igama lenye lalingu -Elidadi, igama leyesibili linguMedadi; umoya wayehlala phezu kwawo ; ayephakathi kwalawo alotshiweyo, kepha awayanga etendeni; aprofetha ekamu.

UNumeri 12:4

UJehova wayesekhuluma ngokuzumayo kuMose naku -Aroni nakuMiriyamu, wathi: Wozani nina nobathathu etendeni lokuhlangana. Baphuma bobathathu.

UNumeri 14:10

Kepha inhlangano yonke yathi mabakhandwe ngamatshe . Inkazimulo kaJehova yabonakala etendeni lokuhlangana kubo bonke abantwana bakwa - Israyeli. Intukuthelo kaJehova. Isijeziso sabakwa-Israyeli

UNumeri 17:4

Uyakuzibekela etendeni lokuhlangana ngaphambi kobufakazi , lapho ngihlangana khona nawe.

UNumeri 17:7

UMose wazibeka izintonga phambi kukaJehova etendeni lobufakazi.

UNumeri 17:8

Kwathi ngolwangakusasa uMose wangena etendeni lobufakazi ; bheka, intonga ka -Aroni yendlu kaLevi ibisihlum ile, ivezile imiqumbe , iqhakazile izimbali, ithele ama-alimondi avuthiweyo.

UNumeri 18:22

Abantwana bakwa-Israyeli mabangabe besasondela etendeni lokuhlangana , funa bathwale isono, bafe.

UNumeri 18:31

Niyakukudlela ezindaweni zonke , nina nabezindlu zenu , ngokuba kungumvuzo wenu ngomsebenzi wenu etendeni lokuhlangana.

UNumeri 19:14

Nanku umthetho , uma umuntu efela etendeni : yilowo nalowo ongena etendeni nalowo osetendeni uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.

UNumeri 1:1

UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi etendeni lokuhlangana ngolokuqala lwenyanga yesibili ngomnyaka wesibili emva kokuphuma kwabo eGibithe, wathi:

UNumeri 25:8

wamlandela umuntu wakwa -Israyeli, wangena etendeni , wabagwaza bobabili, indoda yakwa-Israyeli nowesifazane esiswini sakhe . Sanqamuka-ke kanjalo isifo kubantwana bakwa-Israyeli.

UNumeri 31:54

OMose no -Eleyazare umpristi bamukela igolide kuzo izinduna zezinkulungwane nakwezamakhulu , baliletha etendeni lokuhlangana, laba yisikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova.

UNumeri 3:25

Imfanelo yamadodana kaGereshoni etendeni lokuhlangana iyakuba yitabernakele, netende, nesimbozo salo , neveli lomnyango wetende lokuhlangana,

UNumeri 4:15

Nxa u -Aroni namadodana akhe sebeqedile ukusibekela indlu engcwele nempahla yonke ye ndlu engcwele, lapho ikamu liyakusuka , emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukukuthwala , kepha awayikuthinta okungcwele, funa afe . Lezo zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.

UNumeri 4:23

kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka eng amashumi ayisihlanu , bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana.

UNumeri 4:3

kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kufike kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu , bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana.

UNumeri 4:31

Nakhu okuzakugcinwa yibo ukuba bakuthwale ngokomsebenzi wabo wonke etendeni lokuhlangana: amapulangwe etabernakele, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo,

UNumeri 4:33

Lowo ungumsebenzi wemindeni yamadodana kaMerari ngokomsebenzi wabo wonke etendeni lokuhlangana phansi kwesandla sika -Itamari indodana ka-Aroni umpristi.

UNumeri 4:35

kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabeneminyaka engamashumi ayisihlanu , bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana;

UNumeri 4:37

Yilabo ababalwayo bemindeni yamaKohat i, bonke abakhonza etendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose nangu -Aroni njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.

UNumeri 4:39

kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu , bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana,

UNumeri 4:4

Nanku umsebenzi wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana : izinto ezingcwelengcwele.

UNumeri 4:41

Yilabo ababalwayo bemindeni yamadodana kaGereshoni, bonke abakhonza etendeni lokuhlangana , ababalwa nguMose nangu -Aroni njengesiyalezo sikaJehova.

UNumeri 4:43

kusukela kwabaneminyaka engamash umi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu , bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana,

UNumeri 4:47

kusukela kwabaneminyaka engamashumi am athathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena ukwenza umsebenzi wenkonzo nomsebenzi wokuthwala etendeni lokuhlangana,

UNumeri 7:89

Nanxa uMose engena etendeni lokuhlangana ukuba akhulume naye , wezwa izwi likhuluma kuye, livela ngaphezu kwesihlalo somusa esisemphongolweni wobufakazi ngaphakathi kwamakherubi omabili; wayesekhuluma kuye.

UNumeri 8:19

Ngiwanikile amaLevi abe yisipho sika -Aroni nesamadodana akhe esivela kubantwana bakwa -Israyeli ukusebenza umsebenzi wabantwana bakwa - Israyeli etendeni lokuhlangana nokwenzela abantwana bakwa -Israyeli ukubuyisana, ukuze kungabikho sifo phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli, lapho abantwana bakwa-Israyeli besondela endlini engcwele.

UNumeri 8:22

Emva kwalokho amaLevi angena ukwenza umsebenzi wawo etendeni lokuhlangana phambi kuka -Aroni naphambi kwamadodana akhe ; njengalokho uJehova emyalile uMose ngamaLevi, benze njalo-ke kuwo.

UNumeri 8:26

kodwa bayakukhonza kanye nabafowabo etendeni lokuhlangana , bagcine imfanelo kepha bangabe besakhonza . Uyakwenze njalo kumaLevi ngezimfanelo zawo.

UNumeri 9:17

Nalapho ifu lenyuswa etendeni , base behamba abantwana bakwa -Israyeli, nasendaweni lapho ifu lalima khona, lapho abantwana bakwa-Israyeli bamisa khona.