Skip to Content

"eyedwa"

9 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 18:6

Base bahlukaniselana izwe ukuba balidabule : u-Ahabi wahamba ngenye indlela eyedwa, u-Obadiya naye wahamba ngenye indlela eyedwa.

1 kuThimothewu 5:5

Lowo ongumfelokazi ngoqobo osele eyedwa uthembele kuNkulunkulu , uhlala ekunxuseni nasekukhulekeni ubusuku nemini,

2 uSamuweli 18:24

UDavide wayehlezi emkhathini wamasango omabili; umlindi wakhuphukela ophahleni lwesango ngasogangeni , waphakamisa amehlo akhe , wabheka, nanguya umuntu egijima eyedwa.

2 uSamuweli 18:25

Umlindi wamemeza , wayitshela inkosi . Yathi inkosi : Uma eyedwa , unombiko emlonyeni wakhe. Wayelokhu esondela njalo.

2 uSamuweli 18:26

Umlindi wayesebona omunye umuntu egijima ; umlindi wabiza umlindisango, wathi: Bheka, omunye umuntu ugijima eyedwa . Inkosi yathi: Naye uletha umbiko.

NgokukaLuka 9:36

Kwathi livela izwi , uJesu wafunyanwa eyedwa . Bathula bona , ngaleyo mihla kabatshelanga muntu neyodwa yalezo zinto abazibonileyo. Ukuphulukiswa komfana onesithuthwane (Math. 17:14; Mark. 9:14)

NgokukaMarku 6:47

Kwathi sekuhlwile , umkhumbi wawuphakathi nolwandle , yena eyedwa emhlabathini.

NgokukaMathewu 14:13

Wathi uJesu esekuzwile lokho , wamuka lapho ngomkhumbi , waya endaweni eyihlane eyedwa. Kepha izixuku zathi sezikuzwile , zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini.

NgokukaMathewu 14:23

Esezimukisile izixuku wenyukela entabeni eyedwa ukuyokhuleka ; sekuhlwile, wayeyedwa lapho.