Skip to Content

"eyeluliweyo"

16 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 8:42

ngokuba bayakuzwa ngegama lakho elikhulu , nangesandla sakho esinamandla, nangengalo yakho eyeluliweyo lapho ebeseza ukukhuleka kule ndlu,

2 AmaKhosi 17:36

kepha uJehova owanikhuphula ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangengalo eyeluliweyo yena niyakumesaba , kuyena niyakukhothamela , nimhlabele yena;

2 iziKronike 6:32

Futhi owezizwe ongesiye owabantu bakho u -Israyeli, lapho evela ezweni elikude ngenxa yegama lakho elikhulu nesandla sakho esinamandla nengalo yakho eyeluliweyo, abesefika ukukhuleka kule ndlu,

AmaHubo 136:12

ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo , ngokuba umusa wakhe umi phakade;

U-Eksodusi 6:6

Ngalokho yisho kubantwana bakwa -Israyeli ukuthi : NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu.

U-Isaya 40:12

Ngubani olinganise amanzi ngentende yesandla sakhe , walinganisa izulu ngeminwe eyeluliweyo , wahlanganisa uthuli esilinganisweni , walinganisa izintaba ngezikalo namagquma ngezisindo, na?

UDuteronomi 11:2

Yazini namuhla ngokuba angikhulumi kubantwana benu abangazanga nabangabonanga ukulaya kukaJehova uNkulunkulu wenu ubukhulu bakhe , nesandla sakhe esinamandla, nengalo yakhe eyeluliweyo,

UDuteronomi 26:8

uJehova wasikhipha eGibithe ngesandla esinaman dla nangengalo eyeluliweyo, nangezenzo ezesabekayo nezinkulu , nangezibonakaliso, nangezimangaliso,

UDuteronomi 4:34

UNkulunkulu wake walinga yini ukuhamba eyozithabathela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla , nangengalo eyeluliweyo , nangengebhe enkulu njengakho konke uJeho va uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibithe phambi kwamehlo enu, na?

UDuteronomi 5:15

Wokhumbula ukuthi wawuyinceku ezwe ni laseGibit he nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala ukugcina usuku lwesabatha.

UDuteronomi 9:29

Nokho bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo.

UHezekeli 20:33

Kuphila kwami , isho iNkosi uJehova , impela ngesandla esinamandla , nangengalo eyeluliweyo, nangokufutheka okuthululiweyo ngiyakuba yinkosi phezu kwenu.

UHezekeli 20:34

Ngiyakunikhipha phakathi kwabantu , nginibuthe emazweni lapho nihlakazekele khona ngesandla esinamandla , nangengalo eyeluliweyo , nangokufutheka okuthululiweyo,

UJeremiya 27:5

Mina ngenzile umhlaba , nomuntu, nesilwane okukhona emhlabeni ngamandla ami amakhulu nangengalo yami eyeluliweyo , ngiwunika lowo ofanele emehlweni ami.

UJeremiya 32:17

E, Nkosi Jehova , bheka, wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho lutho olukwahlulayo

UJeremiya 32:21

wabakhipha abantu bakho u -Israyeli ezweni laseGibithe ngezibonakaliso nangezimangaliso, nangesandla esinamandla , nangengalo eyeluliweyo , nangengebhe enkulu,