Skip to Content

"ezimbili"

209 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:19

Isihlalo sobukhosi sasinezikhwelo eziyisithupha , isihloko saso sasiyisiyingelezi emuva ; kwakukhona imikhono ngalapha nangalapha kwendawo yokuhlala, kumi izingonyama ezimbili ngaseceleni kwemikhono.

1 AmaKhosi 17:12

Kepha wathi : Kuphila kukaJehova uNkulunkulu wakho , anginalo neqebelengwane, kukhona kuphela ukhweshe lwempuphu embizeni nengcosana yamafutha ophisweni ; bheka, sengicakashile izinkuni ezimbili , ukuze ngingene ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sikudle, sife.

1 AmaKhosi 18:21

U-Eliya wasondela kubo bonke abantu , wathi: Koze kube nini nimanqikanqika phakathi kwezinhlangothi ezimbili na ? Uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni yena, kepha uma kunguBali , mlandeleni yena. Kodwa abantu kabamphendulanga ngazwi.

1 AmaKhosi 18:23

Mabasinike izinkunzi ezimbili , bazikhethele inku nzi ibenye , bayihlahlele, bayibeke phezu kwezinkuni , bangafaki umlilo ; mina ngiyakuyilungisa enye inkunzi, ngiyibeke phezu kwezinkuni, ngingafaki umlilo.

1 AmaKhosi 2:39

Kwathi ngasekupheleni kweminyaka emithathu izinceku ezimbili zikaShimeyi zabaleka, zaya ku-Akhishi indodana kaMahakha inkosi yaseGati. UShimeyi watshelwa ukuthi: Bheka, izinceku zakho ziseGati.

1 AmaKhosi 2:5

Futhi wena uyazi okwenziwayo kimi nguJowabe indodana kaSeruya , nalokho akwenzayo kuzo izinduna ezimbili zezimpi zak wa-Israyeli, o-Abineri indodana kaNeri no-Amasa indodana kaJetheri, owababulala, wachitha igazi lokulwa ngesikhathi sokuthula , wabeka igazi lokulwa kulo ibhande lakhe elalisokhalweni lwakhe nasezicathulweni zakhe ezazisezinyaweni zakhe.

1 AmaKhosi 5:14

Wabathuma eLebanoni , beyizinkulungwane eziyishumi ngenyanga , bededelana; babe seLebanoni inyanga , babe sekhaya izinyanga ezimbili ; u- Adoniramu wayephezu kwezisebenzi.

1 AmaKhosi 6:32

Wenza-ke izivalo ezimbili ngomnqumo , wazifekethisa ngamakherubi abaziweyo, nangamasundu, nangezimbali eziqhakazileyo , wazinameka ngegolide, wembesa amakherubi namasundu igolide.

1 AmaKhosi 6:34

nezivalo ezimbili ngomsayipuresi ; izinxenye zombili zaleso naleso sivalo zasongwa.

1 AmaKhosi 7:15

Wakhanda izinsika ezimbili zethusi , yileyo naleyo iyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili ubude bayo , nomucu oyizingalo eziyishumi nambili wazungeza enye insika.

1 AmaKhosi 7:16

Wenza izihloko ezimbili ngethusi elibunjiweyo ukuba zibekwe phezu kwezinsika; ubude besinye isihloko babuyizingalo eziyisihlanu , nobude besinye isihloko babuyizingalo eziyisihlanu.

1 AmaKhosi 7:18

Wenza amapomegranati; kwakuyizinhla ezimbili nxazonke kwelinye inetha ukwembesa izihloko ezaziphezu kwezinsika ; wenze njalo nakwesinye isihloko.

1 AmaKhosi 7:24

Phansi kodini lwalo nxazonke kwakukhona izintangazane ezaluzungezayo izingalo eziyishumi , zizungeza ulwandle nxazonke ; izintangazane zazisezinhleni ezimbili, zibunjiwe ekubunjweni kwalo.

1 AmaKhosi 7:26

Uhlonze lwalo lwalungangobubanzi besandla ; udini lwalo lwalwenziwe njengodini lwendebe lunjengembali yomnduze ; lwalulingene namabhati ayizinkulungwane ezimbili.

1 AmaKhosi 7:41

izinsika ezimbili , nezihloko ezimbili ezinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika, namanetha amabili okwembesa izihloko ezimbili ezinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika,

1 AmaKhosi 7:42

namapomegranati angamakhulu amane amanetha omabili , izinhla ezimbili zamapomegranati kulelo nalelo netha , okwembesa izihloko zombili ezazinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika,

1 AmaKhosi 8:9

Kwakungekho lutho emphongolweni , kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezabekwa khona nguMose eHorebe , lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.

1 iziKronike 26:32

Abafowabo, amaqhawe anamandla , babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisikhombisa , izinhloko zawoyise , ezenziwa ababonisi phezu kwabakwaRubeni nabakwaGadi nenxenye yesizwe sabakwaManase ezindabeni zonke zikaNkulunkulu nasezindabeni zenkosi.

1 iziKronike 5:21

Asusa izinkomo zabo , namakamela ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu, nezimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nezimbongolo eziyizinkulungwane ezimbili , nabantu abayizinkulungwane eziyikhulu.

1 uSamuweli 10:4

bayakukubingelela, bakunike izi nkwa ezimbili oyakuzamukela ezandleni zabo.

1 uSamuweli 11:7

Wathatha izinkabi ezimbili, wazihlahlela, wazithuma emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli ngesandla sezithunywa, ethi: Ongaphumi emva kukaSawule noSamuweli kuyakwenziwa kanjalo kuzo izinkabi zakhe . Ingebhe ngoJehova yehlela phezu kwabantu, baphuma njengomuntu munye.

1 uSamuweli 13:2

USawule wazikhethela abantu abayizinkulungwane ezintathu kwa -Israyeli; izinkulungwane ezimbili zazinoSawule eMikimashi nasentabeni yaseBetlehema, nenkulungwane yayinoJonathani eGibeya lakwaBenjamini ; abanye abantu wabamukisa, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.

1 uSamuweli 25:18

U-Abigayili wayeseshesha , wathatha izinkwa ezingamakhulu amabili , nezimvaba ezimbili zewayini, nezimvu eziyisihlanu ezilungisiweyo, namaseya ayisihlanu otshwele , nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo , nezigaxa ezingamakhulu amabili zamakhiwane, wakubeka ezimbongolweni.

1 uSamuweli 30:12

bamnika nocezu lwesigaxa samakhiwane , nezigaxa ezimbili zezithelo zomvini ezomileyo ; esedlile kwabuyela kuye umoya wakhe , ngokuba wayengadlanga sinkwa , engaphuzanga manzi , izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.

1 uSamuweli 6:10

Abantu benze njalo ; bathatha izinkomo ezimbili ezincelisayo , bazibophela enqoleni, bazivalela amankonyane azo ekhaya,

1 uSamuweli 6:7

Manje thathani nilungise inqola entsha nezinkomo ezimbili ezincelisayo okungafikanga joka phezu kwazo , nizibophele izinkomo enqoleni, nibuyisele ekhaya amankonyane azo,

2 AmaKhosi 10:8

Kwafika is ithunywa, samtshela ukuthi : Balethile amakhanda amadodana enkosi. Wathi: Wabekeni abe yizinqwaba ezimbili ngasesikhaleni sesango kuze kube sekuseni.

2 AmaKhosi 18:23

Ngalokho ake uvumelane nenkosi yami, inkosi yase-Asiriya, ngiyakukunika amahhashi ayizinkulungwane ezimbili, uma ungabeka izinkweli kuwo.

2 AmaKhosi 1:14

Bheka, kwehle umlilo ezulwini , waqeda izinduna zamashumi ayisihlanu ezimbili zokuqala zinamashumi ayisihlanu azo; kepha manje makube yigugu emehlweni akho ukuphila kwami.

2 AmaKhosi 5:22

Wathi: Sisahlezi kahle . Inkosi yami ingithumile ngokuthi : Bheka, manje kufike kimi izinsizwa ezimbili zamadodana abaprofethi zivela ezintabeni zakwa-Efrayimi; ake uzinike italenta lesiliva nezingubo ezimbili zokuphendulela.

2 AmaKhosi 5:23

UNahamani wathi: Vuma, wamukele amatalenta amabili . Wamncengisisa, wabopha amatalenta amabili esil iva ezinqalathini ezimbili kanye nezingubo ezimbili zokuphendulela, wakunikela ezincekwini zakhe ezimbili; zakuthwala phambi kwakhe.

2 AmaKhosi 7:14

Bathatha izinqola ezimbili namahhashi ; inkosi yathumela emva kwempi yama-Aramu ngokuthi: Hambani nibone.

2 AmaKhosi 9:32

Waphakamisela ubuso bakhe ngasefasiteleni , wathi: Ubani onami na ? Ngubani? Kwase kulunguza kuye izinduna ezimbili noma ezintathu.

2 iziKronike 26:12

Umumo wonke wezinhloko zawoyise , amaqhawe anamandla, wawuyizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha.

2 iziKronike 35:8

Izikhulu zakhe zabanika abantu , nabapristi, namaLevi iminikelo yesihle . OHilikiya, noZakariya, noJehiyeli, abaphathi bendlu kaNkulunkulu, babanika abapristi amawundlu ayizinkulungwa ne ezimbili namakhulu ayisithupha nezinkabi ezingamakhulu amathathu, kube ngokweminikelo yephasika.

2 iziKronike 3:15

Wenza ngaphakathi kwendlu izinsika ezimbili , ukuphakama kwazo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu nanhlanu; isihloko esasingaphezu kwaleyo naleyo sasiyizingalo eziyisihlanu.

2 iziKronike 4:12

izinsika ezimbili , nezihloko ezimbili ezinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika, namanetha amabili okwembesa izihloko ezimbili ezinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika,

2 iziKronike 4:13

namapomegranati angamakhulu amane amanetha omabili , izinhla ezimbili zamapomegranati kulelo nalelo netha , okwembesa izihloko z ombili ezazinjengezinkamba phezu kwezinsika.

2 iziKronike 4:3

Phansi kwalo kwakukhona okufana nezintangazane nxazonke ezaluzungeza izingalo eziyishumi nxazonke; izintangazane zazisezinhleni ezimbili nxazonke zolwandle, zibunjiwe ekubunjweni kwalo.

2 iziKronike 5:10

Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezabekwa khona nguMose eHorebe , lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.

2 iziKronike 9:18

Isihlalo sobukhosi sasin ezikhwelo eziyisithupha , sinesenabelo segolide esasinamathelisiwe esihlalweni sobukhosi , nemikhono ngalapha nangalapha kwendawo yokuhlala, kumi izingonyama ezimbili ngaseceleni kwemikhono.

2 uSamuweli 16:1

UDavide esedlulile kancane isiqo ngo sentaba , bheka, kwamhlangabeza uSiba inceku kaMefibosheti enezimbongolo ezimbili eziboshelweyo , zithwele izinkwa ezingamakhulu amabili , nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa eziyikhulu zamakhiwane, nemvaba yewayini.

2 uSamuweli 1:1

Kwathi emva kokufa kukaSawule , uDavide esebuyile ekubulaleni ama - Amaleki, futhi uDavide esehlale izinsuku ezimbili eSikilagi,

2 uSamuweli 8:2

Washaya nabakwaMowabi , wabalinganisa ngentambo, wabalalisa emhlabathini, wabalinganisa ngezintambo ezimbili abayakubulawa nangentambo epheleleyo abayakusindiswa . AbakwaMowabi base beba yizinceku zikaDavide, bathela intela.

AbAhluleli 11:37

Yathi kuyise: Mangenzelwe lokhu: ngiyeke izinyanga ezimbili ukuba ngiye , ngehlele ezintabeni, ngililele ubuntombi bami, mina nabangane bami.

AbAhluleli 11:38

Wathi: Hamba. Wayimukisa izinyanga ezimbili ; yamuka yona nabangane bayo, yalilela ubuntombi bayo ezintabeni.

AbAhluleli 11:39

Kwathi ngasekupheleni kwezinyanga ezimbili , yabuyela kuyise owenza kuyo njengokwesithembiso sakhe asethembisileyo; ayiyazanga indoda.

AbAhluleli 15:13

Basho kuye , bathi: Qha, kepha siyakukubopha nokukubopha , sikunikele esandleni sawo , kodwa impela asiyikukubulala . Bambopha ngezintambo ezimbili ezintsha, bamkhuphulela edwaleni.

AbAhluleli 15:16

Wathi uSamsoni : Ngomhlathi wembongolo ngibulele inqwaba , yebo, izinqwaba ezimbili, ngomhlathi wembongolo abantu abayinkulungwane.

AbAhluleli 16:29

USamsoni wayesebamba izinsika ezimbili eziphakathi eyayimi ngazo indlu , wencika kuzo, kwenye ngesandla sokunene, kwenye ngesokhohlo.

AbAhluleli 19:10

Kepha aka vumanga lowo muntu ukuh lala lobo busuku , kodwa wavuka wahamba, wafika malungana neJebusi eliyiJerusalema ; kwakukhona naye izimbongolo ezimbili ziboshelwe izihlalo; nesancinza sakhe sasinaye.

AbAhluleli 19:3

Umyeni waso wasuka, wasilandela ukuba akhulume kuyo inhliziyo yaso , asibuyise, enenceku yakhe nezimbongolo ezimbili; samngenisa endlini kayise; lapho uyise wentombi embona, wathokoza ukuhlangana naye.

AbAhluleli 20:45

Baphenduka babalekela ehlane edwaleni lakwaRimon i; bakhothoza kubo emendweni abantu abayizinkulungwane eziyisihlanu , babaxosha kwaze kwabaseGideyomu, babulala kubo abantu abayizinkulungwane ezimbili.

AbAhluleli 5:30

Angithi batholile babelana impango ? Intombi, yebo, izintombi ezimbili endodeni ngayinye ; kuSisera impango yezingubo ezinemibala , impango yezingubo ezinemibala ezifekethisiweyo ; izingubo ezimbili ezinemibala ezifekethisiweyo zezintamo zaba yimpango.

AbAhluleli 7:25

Abamba izikhulu ezimbili zakwaMidiyani , o-Orebi noZebi , ambulala u - Orebi ngasedwaleni lika-Orebi, noZebi bambulala ngasesikhamweni sewayini sikaZebi, abaxosha abakwaMidiyani ; aletha ikhanda lika -Orebi nelikaZebi kuGideyoni phesheya kweJordani.

IsAmbulo 11:4

Labo bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kweNkosi yomhlaba.

IsAmbulo 13:11

Ngase ngibona esinye isilo siphuma emhlabeni , sinezimpondo ezimbili ezifana nezewundlu, kepha sikhuluma njengodrako.

IsAmbulo 14:13

Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: Loba ukuthi: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela kulesi sikhathi . Yebo, usho uMoya , ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela. Izingelosi ezimbili zokuvuna

IsiHlabelelo seziHlabelelo 7:3

Amabele akho amabili anjengezixhumu ezimbili ezingamawele ensephe.

IzAga 20:10

Izisindo ezimbili nama-efa amabili, kokubili kuyisinengiso kuJehova.

IzAga 20:23

Izisindo ezimbili ziyisinengiso kuJehova , nesilinganiso senkohliso asilungile.

IzAga 30:7

Yizinto ezimbili engizicela kuwe: unganginqabeli nazo, ngingakafi.

IzAga 5:4

Kepha ekugcineni umunyu njengomhlonyane, ubukhali njengenkemba enezinhlangothi ezimbili.

IzEnzo 23:23

Yayisibiza izinduna zekhulu ezimbili , yathi: Lungisani amabutho angamakhulu amabili alungele ukuya eKesariya ngehora lesithathu lasebusuku, kanye nezinkweli ezingamashumi ayisikhombisa , nabemikhonto abangamakhulu amabili,

KumaHeberu 6:18

ukuze ngezinto ezimbili ezingeguquleke, uNkulunkulu angeqambe amanga ngazo, sibe nenduduzo enamandla thina esibalekele ekulibambeni ithemba esilimiselweyo,

KwabaseGalathiya 4:20

kepha bengingat handa ngibe khona kini manje , ngiguqule izwi lami , ngokuba ngididekile ngani. OSara noHagari bayimifanekiso yezivumelwano ezimbili

KwabaseGalathiya 4:24

Lokhu kungukufanekisa ; ngokuba laba bayizivumelwano ezimbili , esinye ngesasentabeni yaseSinayi, esizalela ubugqila, esinguHagari.

NgokukaJohane 11:6

Ngakho-ke kwathi ezwa ukuthi uyagula , wahlala futhi izinsuku ezimbili endaweni abe kuyo.

NgokukaJohane 20:12

wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe , zihlezi, enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besilele khona.

NgokukaJohane 2:6

Kwakukhona lapho izimbiza zamatshe eziyisithupha zibekwe ngesiko lokuhlamba labaJuda , ziphethe yileso naleso izilinganiso ezimbili noma ezintathu.

NgokukaJohane 4:40

Athe ukuba eze kuye amaSamariya , amncenga ukuba ahlale nawo; wahlala khona izinsuku ezimbili.

NgokukaJohane 4:43

Kepha emva kwezinsuku ezimbili waphuma lapho ukuya eGalile.

NgokukaJohane 6:9

Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhal i eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili; kepha kuyini lokho kwabaningi kangaka na?

NgokukaLuka 12:6

Akuthengwa yini imizwilili eyisihlanu ngezindibilishi ezimbili na ? Akukhohlakele namunye kuyo emehlweni kaNkulunkulu.

NgokukaLuka 22:38

Base bethi: Nkosi, bheka, nazi izinkemba ezimbili. Wathi kubo: Kwanele. EGetsemane (Math. 26:36; Mark. 14:32)

NgokukaLuka 23:32

Kwakukhona nabanye, izelelesi ezimbili, abayiswa ukuba babulawe kanye naye.

NgokukaLuka 3:11

Waphendula, wathi kubo: Onezingubo ezimbili akamuphe ongenayo ; naye onokudla enze njalo.

NgokukaLuka 9:13

Kepha wathi kubo : Bapheni nina ukudla . Bathi-ke: Esinakho yizinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela ngaphandle kokuba siyobathengela bonke laba bantu ukudla.

NgokukaLuka 9:16

Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili , wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babele isixuku.

NgokukaMarku 14:1

Emva kwezinsuku ezimbili kwaba khona iPhasika nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo; abapristi abakhulu nababhali bafuna isu lokumbamba ngobuqili, bambulale.

NgokukaMarku 5:13

Wabavumela. Omoya abangcolileyo baphuma , bangena ezingulubeni ; umhlambi wagulukudela eweni , waphonseka elwandle kungathi izinkulungwane ezimbili, zaminza elwandle.

NgokukaMarku 6:38

Wathi kubo : Ninezinkwa ezingaki na ? Hambani nibone . Sebazi bathi : Ziyisihlanu, nezinhlanzi ezimbili.

NgokukaMarku 6:41

Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili , wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa , wazinika abafundi ukuba bazibeke phambi kwabo; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke ngazo.

NgokukaMathewu 14:17

Bathi kuye : Asinalutho lapha , kuphela izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili.

NgokukaMathewu 14:19

Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi etshanini , wazithabatha izinkwa eziyisihlanu n ezinhlanzi ezimbili , wabheka ngasezulwini , wazibusisa, wazihlephula, wabanika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.

NgokukaMathewu 20:24

Bathi ukuzwa lokho abayishumi, bazithukuthelela izelamani ezimbili.

NgokukaMathewu 20:28

njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi. UJesu usiza izimpumputhe ezimbili ukuba zibone (Mark. 10:46)

NgokukaMathewu 20:30

Bheka, kwakuhlezi izimpumputhe ezimbili ngasendlelen i; kuthe zizwa ukuthi uJesu uyadlula , zamemeza zathi : Nkosi, Ndodana kaDavide , sihawukele!

NgokukaMathewu 26:2

Niyazi ukuthi emva kwezinsuku ezimbili kuyiPhasika ; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ukuba ibethelwe esiphambanweni.

NgokukaMathewu 4:18

UJesu ehamba ngaselwandle lwase Galile wabona izelamani ezimbili , uSimoni othiwa uPetru no -Andreya umfowabo , bephonsa inetha elwandle ; ngokuba babe ngabadobi.

NgokukaMathewu 4:21

Esedlulela phambili wabona ezinye izelamani ezimbili , uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise , belungisa amanetha abo; wababiza.

NgokukaMathewu 9:27

Esadlula lapho uJesu, izimpumputhe ezimbili zamlandela, zamemeza zathi: Sihawukele, ndodana kaDavide!

U-Eksodusi 16:29

Bhekani, njengalokho uJehova eniphile isabatha , ngalokho uyaninika ngosuku lwesithupha isinkwa sezinsuku ezimbili ; hlalani, kube yilowo nalowo endaweni yakhe , kungaphumi muntu endaweni yakhe ngosuku lwesikhombisa.

U-Eksodusi 25:10

Bayakuwenza umphongolo ngomuthi wom tholo, ubude bawo bube yizingalo ezimbili nenxenye , ububanzi bawo bube yingalo nenxenye , nokuphakama kwawo kube yingalo nenxenye.

U-Eksodusi 25:17

Uyakwenza isihlalo somusa ngegolide elicwengekileyo , ubude baso bube yizingalo ezimbili nenxenye, ububanzi baso bube yingalo nenxenye.

U-Eksodusi 25:23

Uyakulenza itafula ngomuthi womtholo , ubude balo bube yizingalo ezimbili, ububanzi balo bube yingalo , nokuphakama kwalo kube yingalo nenxenye.

U-Eksodusi 26:19

Wenze izinyawo ezingamashumi amane esiliva phansi kwamapulangwe angamashumi amabili , izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye , zibe ngezemisuka yalo yomibili , nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe , zibe ngezemisuka yalo yomibili,

U-Eksodusi 26:21

kanye nezinyawo zawo ezingamashumi amane esiliva , izinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe, nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe.

U-Eksodusi 26:25

Kuyakuba ngamapulangwe ayisishiyagalombili nezinyawo zawo zesiliva , izinyawo eziyishumi nesithupha , izinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe nezinyawo ezimbili phansi kwelinye.

U-Eksodusi 28:25

Ezinye izihloko ezimbili zamaketanga athandelweyo wozifaka ezisekelweni zombili, uzibeke ngaphambili ezizibeni zengubo yamahlombe.

U-Eksodusi 28:7

Iyakuba neziziba ezimbili zasemahlombe, zihlangene emaceleni ayo omabili, ukuba ihlanganiswe.

U-Eksodusi 29:1

Yilokhu oyakukwenza kubo ukubahlukanisa ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi: thabatha iduna nezinqama ezimbili ezingenasici,

U-Eksodusi 30:2

Ubude balo bube yingalo , nobubanzi balo bube yingalo, libe nezinhlangothi ezine ezilingeneyo ; ukuphakama kwalo kube yizingalo ezimbili , izimpondo zalo zibe kunye nalo.

U-Eksodusi 34:1

UJehova wathi kuMose : Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngilobe ezibhebheni amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphulayo.

U-Eksodusi 34:4

Wayesebaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala ; uMose wavuka ekuseni kakhulu , wakhuphukela entabeni yaseSinayi , njengalokho uJehova emyalile; waphatha ngesandla sakhe izibhebhe ezimbili zamatshe.

U-Eksodusi 36:24

Wazenza izinyawo ezingamashumi amane zesiliva phansi kwamapulangwe angamashumi amabili , izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye , ezemisuka yalo emibili, nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe , ezemisuka yalo emibili.

U-Eksodusi 36:26

nezinyawo zawo ezingamashumi amane zesiliva , izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe.

U-Eksodusi 36:30

Kwakungamapulangwe ayisishiyagalombili nezinyawo zawo zesiliva , izinyawo eziyishumi nesithupha , izinyawo ezimbili phansi kwalelo nalelo pulangwe.

U-Eksodusi 37:10

Walenza itafula ngomuthi womtholo ; ubude balo babuyizingalo ezimbili , nobubanzi balo babuyingalo, nokuphakama kwalo kwakuyingalo nenxenye.

U-Eksodusi 37:25

Walenza i-altare lempepho ngomuthi womtholo; ubude balo babuyingalo , nobubanzi balo babuyingalo ; laba nezinhlangothi ezine ezilingeneyo ; nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezimbili; izimpondo zalo zazikunye nalo.

U-Eksodusi 37:6

Wasenza isihlalo somusa ngegolide elicwengekileyo ; ubude baso babuyizingalo ezimbili nenxenye, nobubanzi baso babuyingalo nenxenye.

U-Eksodusi 38:29

Ithusi lomnikelo laba ngamatalenta angamashumi ayisikhombisa namashekeli ayizinkulungwane ezimbili namakhulu amane.

U-Eksodusi 39:16

Benza izisekelo ezimbili zegolide namasongo amabili egol ide; bawafaka amasongo omabili emaceleni omabili esihlangu.

U-Eksodusi 39:18

Ezinye izihloko ezimbili zamaketanga athandelweyo bazifaka ezisekelweni ezimbili, wazibeka ngaphambili ezizibeni zengubo yamahlombe.

U-Eksodusi 4:9

Kuzakuthi-ke uma bengayikukholwa nayilezi zibonakaliso ezimbili , bengalaleli izwi lakho , uyakukha amanzi omfula , uwathele emhlabathini owomileyo; amanzi owakha emfuleni ayakuphenduka igazi emhlabathini owomileyo.

U-Esteri 2:21

Ngalezo zinsuku uMoridekayi esahlezi esangweni lenkosi, izinduna ezimbili zenkosi oBigithani noThereshi kubalindisango zazithukuthele , zafuna ukubeka izandla enkosini u-Ahashiveroshi.

U-Esteri 6:2

Kwafumaniseka kulotshiwe ukuthi uMoridekayi wayelandile ngoBigithani noThereshi izinduna ezimbili zenkosi , abalindisango, ukuthi babefunile ukubeka isandla enkosini u-Ahashiveroshi.

U-Ezra 2:14

abantwana bakwaBigivayi : yizinkulungwane ezimbili namashumi ayisihlanu nesithupha;

U-Ezra 2:3

abantwana bakwaPharoshi : yizinkulungwane ezimbili nekhulu namashumi ayisikhombisa nambili;

U-Ezra 2:6

abantwana bakwaPhakati Mowabi babantwana bakwaJeshuwa noJowabe : yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisishiyagalombili neshumi nambili;

U-Ezra 8:27

nezindebe ezingamashumi amabili zegolide ezingamadarike ayinkulungwane, nezitsha ezimbili zethusi elikhazimulayo nelihle , eliyigugu njengegolide.

U-Isaya 17:6

Kepha umkhothozo uyakusala khona njengokushaywa kweminqumo: izithelo ezimbili noma ezintathu enhlokweni phezulu , ezine noma eziyisihlanu emagatsheni omuthi, usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

U-Isaya 36:8

Ngalokho ake uvumelane nenkosi yami , inkosi yase-Asiriya, ngiyakukunika amahhashi ayizinkulungwane ezimbili, uma ungabeka izinkweli kuzo.

U-Isaya 7:21

Kuyakuthi ngalolo suku indoda yondle isithole nezimvu ezimbili,

UDaniyeli 7:4

Esokuqala sasinjengengonyama , sinamaphiko okhozi ; ngabheka aze ahluthwa amaphiko aso , saphakanyiswa emhlabeni , samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu.

UDaniyeli 8:14

Wathi kimi: Koze kube yizikhathi zokuhlwa nezokusa eziyizinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu; bese yihlanjululwa indlu engcwele.

UDaniyeli 8:20

Inqama oyibonileyo inezimpondo ezimbili , zingamakhosi aseMediya nasePheresiya.

UDaniyeli 8:3

Ngase ngiphakamisa amehlo ami , ngabona; bheka, kwakumi phambi komfula inqama inezimpondo ezimbili ; lezo zimpondo ezimbili zazithaphile , kepha olunye lwaluthaphe kunolunye, oluthaphileyo lwavela muva.

UDaniyeli 8:6

Yafika enqameni eyayinezimpondo ezimbili , engayibona imi phambi komfula, yatheleka kuyo ngokufutheka kwayo okunamandla.

UDaniyeli 8:7

Ngayibona isondela kakhulu enqameni , yababa ngayo , yayishaya inqama , yazaphula izimpondo zayo ezimbili ; kwakungekho mandla enqameni okuma phambi kwayo , kepha yayiphonsa phansi , yayinyathela, kwakungekho ongayophula inqama esandleni sayo.

UDuteronomi 10:1

Ngaleso sikhathi uJehova wathi kimi: Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ukhuphukele kimi entabeni, uzenzele umphongolo womuthi.

UDuteronomi 10:3

Ngase ngenza -ke umphongolo womuthi womtholo , ngabaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngakhuphukela entabeni nginezibhebhe zombili esandleni sami.

UDuteronomi 22:9

Awuyikutshala is ivini sakho ngezinhlobo ezimbili zembewu , funa zonke izithelo zibe ngezendlu engcwele, imbewu owayitshalayo nezithelo zesivini.

UDuteronomi 4:13

Wanimemezelela isivumelwano sakhe aniyala ngaso ukuba nisenze , imiyalelo eyishumi; wayiloba ezibhebheni ezimbili zamatshe.

UDuteronomi 5:22

Lawo mazwi uJehova wawakhuluma kuyo yonke inhlangano yenu entabeni, evela phakathi komlilo , nefu, nesigayegaye, ngezwi eli khulu, akathasiselanga lutho. Wawaloba ezibhebheni ezimbili zamatshe , wanginika zona.

UDuteronomi 9:10

UJehova wanginika lezo zibhebhe ezimbili zamatshe , zilotshwe ngomunwe kaNkulunkulu; kwakulotshwe k uzona njengamazwi onke uJehova awakhuluma kini entabeni, ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana.

UGenesise 1:16

UNkulunkulu wazenza izinkanyiso ezimbili ezinkulu , inkanyiso enkulu ukuba ibuse imini , nenkanyiso encane ukuba ibuse ubusuku , kanye nezinkanyezi.

UGenesise 22:3

U-Abrahama wavuka ekusen i, wabophela imbongolo yakhe , wathatha ezimbili ezincekwini zakhe , no-Isaka indodana yakhe ; wacanda izinkuni zomnikelo obuzakushiswa, wasuka waya endaweni uNkulunkulu abemtshele yona.

UGenesise 25:23

UJehova wathi kuye : Esiswini sakho kukhona izizwe ezimbili ; izinhlobo ezimbili zabantu ziyakwahlukana ezibilinini zakho ; esinye isizwe siyakwahlula esinye, omkhulu akhonze omncane.

UGenesise 32:22

Wavuka ebusuku, wathatha omkakhe ababili, nezincekukazi zakhe ezimbili, nabantwana bakhe abayishumi nanye, wawela ezibukweni elithiwa iJaboki.

UGenesise 6:19

Nakuzo zonke izilwane uzakungenisa ezimbili kuzo zonke izinhlobo zenyama ukuba ziphile nawe, kube ngeyeduna neyensikazi.

UGenesise 6:20

Kuzo izinyoni ngezinhlobo zazo , nakuzo izinkomo ngezinhlobo zazo , nakuzo izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo kuzakufika kuwe ezimbili zezinhlobo zonke, ziphile.

UHezekeli 21:19

Wena ndodana yomuntu , zibekele izindlela ezimbili zokufika kwenkemba yenkosi yaseBabele , zombili ziphume ezweni linye , wenze isiqondiso sendlela, usibeke engosini yezindlela zomuzi.

UHezekeli 35:10

Ngokuba wathi : Lezi zizwe ezimbili nalawa mazwe amabili kuyakuba ngokwami, sidle ifa lakho, noma uJehova ebelapho,

UHezekeli 37:14

Ngiyakuwufaka uMoya wami kini , nize niphile , nginibeke ezweni lakini , nazi ukuthi mina Jehova ngikhulumile, ngakwenza, usho uJehova. Izinti ezimbili

UHezekeli 37:22

ngibenze isizwe sinye ezweni, ezintabeni zakwa-Israyeli, kube yinkosi inye kubo bonke , bangabe besaba yizizwe ezimbili , bangabe besahlukaniselwa imibuso emibili.

UHezekeli 40:9

Wayeselinganisa umpheme wesango : yizingalo eziyisishiyagalombili ; nezinsika zalo: yizingalo ezimbili; umpheme wesango wawungasendlini.

UHezekeli 41:22

I-altare lalingumuthi , ukuphakama kwalo kuyizingalo ezintathu , nobude balo buyizingalo ezimbili ; lalinamagumbi; ubude balo nezindonga zalo kwakungumuthi; wathi kimi : Lokhu kuyitafula eliyakuba ngaphambi kukaJehova.

UHezekeli 41:23

Ithempeli nendawo engcwelengcwele kwakunezivalo ezimbili.

UHezekeli 41:24

Izivalo zazinezicabha ezimbili , izicabha ezimbili eziphendukayo , ezimbili ngezesinye isivalo, nezicabha ezimbili ngezesinye.

UHezekeli 41:3

Wayesengena phakathi, walinganisa izinsika zomnyango: yizingalo ezimbili; nomnyango: yizingalo eziyisithupha ; nobubanzi bomnyango : yizingalo eziyisikhombisa.

UHezekeli 43:14

kusukela esinqeni emhlabathini kuze kube sonqenqemeni oluphansi kwakuyizingalo ezimbili , ububanzi buyingalo ; kusukela onqenqemeni oluncane kuze kube sonqenqemeni olukhulu kwakuyizingalo ezine , ububanzi buyingalo.

UHezekeli 47:13

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Nanku umkhawulo eniyakwahlukanisa ngawo ifa lezwe ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli, uJosefa abe nezabelo ezimbili.

UHoseya 6:2

Uyakusiphilisa ngezinsuku ezimbili , asivuse ngosuku lwesithathu, siphile phambi kwakhe.

UJobe 13:20

Izinto ezimbili kuphela ungazenzi kimi, ngize ngingacasheli ubuso bakho:

UJoshuwa 14:3

Ngokuba uMose wayezinikile izizwe ezimbili nenxenye yesizwe ifa ngaphesheya kweJordani, kepha amaLevi akawanikanga ifa phakathi kwabo.

UJoshuwa 14:4

Ngokuba abantwana bakwaJosefa ba be yizizwe ezimbili , oManase no - Efrayimi; abawanikanga amaLevi isabelo ezweni , kuphela imizi ukuhlala kuyo, namadlelo ayo ezinkomo zawo, neyemfuyo yawo.

UJoshuwa 3:4

Nokho kuyakuba khona ibanga phakathi kwenu nawo , lingangezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngokulinganisa, ningasondeli kuwo, ukuba nazi indlela eniyakuhamba ngayo, ngokuba anidlulanga ngale ndlela phambili.

UJoshuwa 7:3

Abuyela kuJoshuwa , athi kuye : Mabangakhuphuki bonk e abantu ; makuhambe amadoda kungathi izinkulungwane ezimbili noma ezintathu , alichithe i -Ayi; ungabakhathazi bonke abantu ngokuya khona , ngokuba bayingcosana nje.

ULevitikusi 14:10

Ngosuku lwesis hiyagalombili wothatha izimvu zamaduna ezimbili ezingenasici, nexhukazi elinomnyaka munye elingenasici , nokweshumi okuthathu kwempuphu ecolekileyo , kube ngumnikelo wempuphu , kuxovwe namafutha nelogi lamafutha.

ULevitikusi 14:4

bheka, umpristi makayale ukuba oyakuhlanjululwa athathelwe izinyoni ezimbili ezihlambulukileyo nomsedari nendwangu ebomvu nehisopi,

ULevitikusi 14:49

Wothabatha, ukuba ahlambulukise indlu , izinyoni ezimbili nomsedari nendwangu ebomvu nehisopi,

ULevitikusi 16:5

Wothabatha enhlanganweni yabantwana bakwa -Israyeli izimpongo ezimbili zibe ngumnikelo wesono, nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa.

ULevitikusi 19:19

Niyakugcina izimiso zam i; ungavumeli izilwane zakho zizekwe ngolunye uhlobo; ungahlwanyeli ensimini yakho izinhlobo ezimbili zembewu ; kungezi phezu kwakho ingubo eyizinhlobonhlobo zezintanjana.

ULevitikusi 23:17

Maniphume ezindlini zenu nezinkwa ezimbili zokuzuliswa zokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo, ziphekwe nemvubelo, zibe lulibo kuJehova.

ULevitikusi 23:18

Kanye nesinkwa niyakunikela ngezimvu eziyisikhombisa ezingenasici zinomnyaka munye, neduna nezinqama ezimbili , zibe ngumnikelo wokushiswa kuJehova kanye nomnikelo wazo wempuphu neminikelo yazo yokuphuzwa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.

ULevitikusi 23:19

Niyakunikela ngempongo ibe ngumnikelo wesono , nezimvu ezimbili zamaduna ezinomnyaka munye, zibe ngumhlatshelo weminikelo yokuthula.

ULevitikusi 23:20

Umpristi uyakuzizulisa kanye nesinkwa solibo zibe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova kanye nezimvu ezimbili ; ziyakuba ngcwele kuJehova, zibe ngezompristi.

ULevitikusi 24:6

Wowabeka izinqwaba ezimbili , ayisithupha abe senqwabeni inye etafuleni elicwengekileyo phambi kukaJehova.

UNehemiya 12:31

Ngase ngikhuphulela ogangeni izikhulu zakwaJuda , ngabeka izigaba ezimbili ez inkulu ezabongayo , zahlaba ihele ; esinye sahamba ngakwesokunene ogangeni, saya ngaseSangweni Lomquba;

UNehemiya 7:11

abantwana bakwaPhahati Mowabi babantwana bakwaJeshuwa noJowabe : yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisishiyagalombili neshumi nesishiyagalombili;

UNehemiya 7:17

abantwana bakwa -Azigadi: yizinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu namashumi amabili nambili;

UNehemiya 7:19

abantwana bakwaBigivayi : yizinkulungwane ezimbili namashumi ayisithupha nesikhombisa;

UNehemiya 7:71

Ezinye izinhloko zaw oyise zanikelela isikhwama somsebenzi amadarike ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide namamane ayizinkulungwane ezimbili namakhulu amabili esiliva.

UNehemiya 7:72

Abakunikelayo abanye abantu kwakungamadarike ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide , namamane ayizinkulungwane ezimbili esiliva, nezambatho zabapristi ezingamashumi ayisithupha nesikhombisa.

UNehemiya 7:8

abantwana bakwaPharoshi : yizinkulungwane ezimbili nekhulu namashumi ayisikhombisa nambili;

UNumeri 11:31

Kwavuka umoya ovela kuJehova , waletha izigwaca zivela ngaselwandle , waziwisa ngasekamu kungathi ibanga losuku ngalapha nebanga losuku ngalapha kwekamu nxazonke , nokuphakama phezu komhlaba kungathi izingalo ezimbili.

UNumeri 22:22

Intukuthelo kaNkulunkulu yavutha ngokuba wahamba ; ingelosi kaNkulunkulu yema endleleni ukuba imelane naye . Wayekhwele imbongolo yakhe, izinceku zakhe ezimbili zinaye.

UNumeri 28:9

Ngosuku lwesabatha izimvu zamaduna ezimbili ezinomnyaka munye ezingenasici, nokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu exovwe namafutha kanye nomnikelo wawo wokuphuzwa:

UNumeri 29:13

ninikele ngomnikelo wokushiswa , umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova: amaduna ayishumi nantathu , nezinqama ezimbili , nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye, zibe ngezingenasici,

UNumeri 29:14

kanye nomnikelo wazo wempuphu , impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, okweshumi okuthathu ngaleyo naleyo nkunzi yezinkunzi eziyishumi nantathu, nokweshumi okubili ngaleyo naleyo nqama yezinqama ezimbili,

UNumeri 29:17

Ngosuku lwesibili : amaduna ayishumi nambili , nezinqama ezimbili , nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici,

UNumeri 29:20

Ngosuku lwesithathu : izinkunzi eziyishumi nanye , nezinqama ezimbili , nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici,

UNumeri 29:23

Ngosuku lwesine : izinkunzi eziyishumi, nezinqama ezimbili , nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici,

UNumeri 29:26

Ngosuku lwesihlanu: izinkunzi eziyisishiyagalolunye, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici,

UNumeri 29:29

Ngosuku lwesithupha: izinkunzi eziyisishiyagalombili, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici,

UNumeri 29:32

Ngosuku lwesikhombisa : izinkunzi eziyisikhombisa , nezinqama ezimbili , nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici,

UNumeri 34:15

lezi zizwe ezimbili nenxenye zathola ifa lazo ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga. Ukukhethwa kwamadoda okwahlukanisa ifa lezwe

UNumeri 35:5

Niyakulinganisa ngaphandle komuzi izingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasempumalanga, nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngaseningizimu , nezingalo e ziyizinkulungwane ezimbili ngasentshonalanga , nezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngasenyakatho , umuzi ube phakathi . Lokho kuyakuba ngamadlelo emizi yawo.

UNumeri 4:36

labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisihlanu.

UNumeri 4:40

labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha namashumi amathathu.

UNumeri 7:17

Okomhlatshelo kweminikelo yokuthula nakhu : izinkabi ezimbili , nezinqama eziyisihlan u, nezimpongo eziyisihlanu , nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye ; lokho kwakungumnikelo kaNaheshoni indodana ka-Aminadaba.

UNumeri 7:23

Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu : izinkabi ezimbili , nezinqama eziy isihlanu, nezimpongo eziyisihlanu , nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye ; lokho kwakungumnikelo kaNethaneli indodana kaSuwari.

UNumeri 7:29

Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu : izinkabi ezimbili , nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu , nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye ; lokho kwakungumnikelo ka -Eliyabe indodana kaHeloni.

UNumeri 7:3

Zaletha iminikelo yazo phambi kukaJehova , izinqola eziyisithupha ezimboziwe, nezinkabi eziyishumi nambili, yilezo zikhulu ezimbili zinenqola inye, yileso sinenkunzi; zazethula phambi kwetabernakele.

UNumeri 7:35

Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu : izinkabi ezimbili , nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu , nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye ; lokho kwakungumnikelo ka -Elisuri indodana kaShedewuri.

UNumeri 7:47

Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu : izinkabi ezimbili , nezinqama eziyisihlanu , nezimpongo eziyisihlanu , nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye ; lokho kwakungumnikelo ka -Eliyasafa indodana kaDehuweli.

UNumeri 7:53

Okomhlatshelo weminikelo yokuthu la nakhu : izinkabi ezimbili , nezinqama eziyisihlanu , nezimpongo eziyisihlanu , nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye ; lokho kwakungumnikelo ka -Elishama indodana ka-Amihudi.

UNumeri 7:59

Okomhlatshelo w eminikelo yokuthula nakhu : izinkabi ezimbili , nezinqama eziyisihlanu , nezimpongo eziyishlanu , nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye ; lokho kwakungumnikelo kaGamaliyeli indodana kaPedasuri.

UNumeri 7:65

Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu : izinkabi ezimbili , nezinqama eziyisihlanu , nezimpongo eziyisihlanu , nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye ; lokho kwakungumnikelo ka -Abidani indodana kaGideyoni.

UNumeri 7:7

Izinqola ezimbili nezinkabi ezine wazinika amadodana kaGereshoni ngomsebenzi wawo,

UNumeri 7:71

Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu : izinkabi ezimbili , nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu , nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye ; lokho kwakungumnikelo ka -Ahiyezeri indodana ka-Amishadayi.

UNumeri 7:77

Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu : izinkabi ezimbili , nezinqama eziyisihlanu , nezimpongo eziyisihlanu , nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye ; lokho kwakungumnikelo kaPagiyeli indodana ka-Okirani.

UNumeri 7:83

Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu : izinkabi ezimbili , nezinqama eziyisihlanu , nezimpongo eziyisihlanu , nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye ; lokho kwakungumnikelo ka -Ahira indodana ka-Enani.

UNumeri 7:85

yilolo nalolo qwembe lwesiliva lungamashekeli ayikhulu namashumi amathathu, yilolo nalolo khamba lungamashumi ayisikhombisa , lonke isiliva lezitsha libe yizinkulungwane ezimbili namakhulu amane ngokweshekeli lendlu engcwele,

UNumeri 9:22

Noma kwakuyizinsuku ezimbili , noma inyanga , noma isikhathi esingakanani ifu lisahlezi phezu kwetabernakele , abantwana bakwa-Israyeli bahlala ekamu, abahambanga; kepha lapho lenyuswa, bahamba.

UZakariya 11:7

Ngase ngalusa izimvu zokuhlatshwa , izimvu ezihluphekayo . Ngazithathela izintonga ezimbili , enye ngayibiza ngokuthi uMusa , nenye ngayibiza ngokuthi uZibopho; ngalusa-ke izimvu.

UZakariya 13:8

Kuyakuthi ezweni lonke, usho uJehova, kunqunywe izinxenye ezimbili kulo, zibhubhe, kusale eyesithathu kulo.

UZakariya 6:1

Ngabuye ngaphakamisa amehlo ami , ngabona; bheka, kwaphuma izinqola ezine phakathi kwezintaba ezimbili; izintaba zaziyizintaba zethusi.