Skip to Content

"ezindlebeni"

61 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 15:14

USamuweli wayesethi: Kuthini, pho, lokhu kukhala kwezimvu ezindlebeni zami, nokukhala kwezinkabi engikuzwayo, na?

1 uSamuweli 25:24

Wawa ngasezinyaweni zakhe , wathi: Lobo bubi mabube phezu kwami , nkosi; incekukazi yakho mayikhulume ezindlebeni zakho , uzwe amazwi encekukazi yakho.

1 uSamuweli 8:21

USamuweli wezwa onke amazwi abantu , wawalanda ezindlebeni zikaJehova.

2 AmaKhosi 18:26

Base bethi u -Eliyakimi indodana kaHilikiya noShebina noJowa kuRabi Shake: Ake ukhulume ezincekwini zakho ngesi -Aramu, ngokuba siy aluzwa, ungakhulumi kithi ngolimi lwabaJuda ezindlebeni zabantu abasogangeni.

2 AmaKhosi 19:28

Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami , nangokuba ukuzidla kwakho kwenyukele ezindlebeni zami, ngiyakubeka ingwegwe yami emakhaleni akho netomu lami emlonyeni wakho, ngikubuyise ngendlela oweza ngayo.

2 AmaKhosi 23:2

Inkosi yenyukela endlini kaJehova, bonke abantu bakwaJuda nabo bonke abakhileyo eJerusalema benayo, kanye nabapristi nabaprofethi, yebo, abantu bonke, abancane nabakhulu, yafunda ezindlebeni zabo onke amazwi encwadi yesivumelwano ebifunyenwe endlini kaJehova.

2 iziKronike 34:30

Inkosi yakhuphukela endlini kaJehova kanye nabo bonke abantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema , nabapristi, namaLevi, nabantu bonke, abakhulu nabancane, wafunda ezindlebeni zabo onke amazwi encwadi yesivumelwano ebifunyenwe endlini kaJehova.

2 uSamuweli 18:12

Wathi-ke umuntu kuJowabe : Noma bengiyakukhokhelwa izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva esandleni sami , nokho bengingayikuselulela isandla sami endodaneni yenkosi, ngokuba ezindlebeni zethu inkosi yakuyala wena no-Abishayi no-Ithayi ukuthi: Yilondeni insizwa u-Abisalomu.

2 uSamuweli 22:7

Ekuhluphekeni kwami ngambiz a uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami ; walizwa izwi lami esethempelini lakhe ; ukukhala kwami k wangena ezindlebeni zakhe.

2 uSamuweli 3:19

U-Abineri wakhuluma futhi ezindlebeni zakwaBenjamini ; u-Abineri waya futhi ukukhuluma ezindle beni zikaDavide eHebroni konke okwakukuhle ku - Israyeli nakuyo yonke indlu yakwaBenjamini.

AbAhluleli 17:2

Yena wathi kunina : Lezo zinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva ezathathwa kuwe, owaziqalekisa, wakhuluma ngazo ezindlebeni zami, bheka, leyo mali ikimi; ngayithatha. Unina wathi: Mayibusiswe nguJehova indodana yami.

AbAhluleli 7:3

Ngalokho memeza ezindlebeni zabantu , uthi: Owesabayo ethuthumela makabuye, amuke entabeni yakwaGileyadi ! Kwabuya abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili , kwasala abayizinkulungwane eziyishumi.

AbAhluleli 9:2

Ake nikhulume ezindlebeni zabo bonke abantu baseShekemi, nithi: Yikuphi okuhle kini ukuba onke amadodana kaJerubali angabantu abangamashumi ayisikhombisa anibuse nokuba nibuswe n gumuntu munye na ? Khumbulani ukuthi mina ngiyithambo lenu nenyama yenu.

AbAhluleli 9:3

Abafowabo bakanina base bekhuluma ngaye ezindlebeni zabo bonke abantu baseShekemi onke lawo mazwi ; izinhliziyo zabo zathanda ukumlandela u - Abimeleki, ngokuba bathi: Ungumfowethu.

AmaHubo 18:6

Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJe hova, ngakhala kuNkulunkulu wami ; walizwa izwi lami esethempelini lakhe ; ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.

EkaJakobe 5:4

Bhekani, umvuzo wezisebenzi ezavuna amasimu enu eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwabavunileyo kungenile ezindlebeni zeNkosi Sebawoti.

IzAga 23:9

Ungakhulumi ezindlebeni zesiwula , ngokuba siyak udelela ukuhlakaniph a kwamazwi akho.

IzEnzo 11:22

Kepha kwezwakala izwi ngabo ezindlebeni zebandla laseJerusalema ; lase lithuma uBarnaba ukuba ahambe afike e-Antiyokiya;

IzEnzo 17:20

Ngokuba uletha ezindlebeni zethu okuthile okungaziwayo; ngalokho sifuna ukwazi ukuthi lokhu kungaba yini.

NgokukaLuka 1:44

Ngokuba bheka, kuthe izwi lokubingelela kwakho lifika ezindlebeni zami , umntwana waxhuma esiswini sami ngokujabula.

NgokukaLuka 4:21

Waqala ukukhuluma kubo , ethi: Namhlanje ugcwalisekile lo mbhalo ezindlebeni zenu.

NgokukaLuka 7:1

Kwathi eseqede onke amazwi akhe ezindlebeni zabantu , wangena eKapernawume.

NgokukaMarku 7:33

Wagudluka naso esixukwini bebodwa , wafaka iminwe yakhe ezindlebeni zaso, wafela amathe, waphatha ulimi lwaso,

U-Eksodusi 17:14

UJehova wathi kuMose : Kulobe lokhu kube yisikhumbuzo encwadini , ukubeke ezindlebeni zikaJoshuwa ukuthi ngizakuqothula ukukhunjulwa kuka-Amaleki phansi kwezulu.

U-Eksodusi 24:7

Wathatha incwadi yesivumelwano , wayifunda ezindlebeni zabantu ; bathi: Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza, silalele.

U-Isaya 22:14

Kepha uJehova Sebawoti wazibonakalisa ezindlebeni zami , wathi: Impela lesi sono asiyikuhlangulwa kini nize nife, isho iNkosi uJehova Sebawoti. Isiprofetho ngoShebina no-Eliyakimi

U-Isaya 36:11

Base be thi o-Eliyakimi noShebina noJowa kuRabi Shake : Ake ukhulume ezincekwini zakho ngesi -Aramu, ngokuba siyaluzwa , ungakhulumi kithi ngolimi lwabaJuda ezindlebeni zabantu abasogangeni.

U-Isaya 37:29

Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami , nangokuba ukuzidla kwakh o kwenyukele ezindlebeni zami, ngiyakufaka ingwegwe yami emakhaleni akh o netomu lami emlonyeni wakho, ngikubuyise ngendlela oweza ngayo.

U-Isaya 49:20

Abantwana bokusweziselwa kwakh o basayakusho ezindlebeni zakho ukuthi: Indawo ingumcingo kimi; sukani kimi ukuba ngihlale.

U-Isaya 5:9

UJehova Sebawoti wathi ezindlebeni zami: Impela izindlu eziningi ziyakuba yincithakalo, nezinkulu nezinhle zingabi namuntu ohlala kuzo.

UDuteronomi 31:11

lapho wonke u -Israyeli efike ukubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhe tha, wofunda lo mthetho phambi kuka-Israyeli wonke ezindlebeni zakhe.

UDuteronomi 31:28

Ngibuthele onke amalunga ezizwe zenu nezinduna zenu ukuba ngikhulume lawa mazwi ezindlebeni zazo, ngifakazise izulu nomhlaba ngazo.

UDuteronomi 31:30

UMose wayesekhuluma ezindlebeni zeban dla lonke lakwa -Israyeli amazwi ehubo lakhe, aze aphela.

UDuteronomi 32:44

UMose wafika wakhuluma onke amazwi aleli hubo ezindlebeni zabantu , yena noJoshuwa indodana kaNuni.

UDuteronomi 5:1

UMose wayesebiza wonke u -Israyeli, wathi kuye : Yizwa, Israyeli, izimiso nezahlulelo engizikhuluma ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde , uqaphele ukuzenza.

UGenesise 20:8

U-Abimeleki wavuka ekuseni , wabiza izinceku zakhe zonke , wakhuluma onke lawa mazwi ezindlebeni zazo; amadoda esaba kakhulu.

UGenesise 23:10

U-Efroni wayehlezi phakathi kwabantwana bakwaH eti: u-Efroni umHeti wamphendula u -Abrahama ezindlebeni zabantwana bakwaHeti phambi kwabo bonke abangena esangweni lomuzi wakhe, wathi:

UGenesise 23:13

Wakhuluma ku -Efroni ezindlebeni zabantu balelo zwe , wathi: Ake ungilalele: ngizakukunika imali yensimu ; yamukele kimi, ngimmbele khona ofileyo wami.

UGenesise 44:18

UJuda wayesesondela kuye, ethi: O nkosi yami, inceku yakho mayikhulume izwi ezindlebeni zenkosi yami , ungavuthi ulaka ngenceku yakho , ngokuba ungangoFaro wena.

UGenesise 50:4

Sezidlulile izinsuku zokumkhalela , uJosefa wakhuluma kuyo indlu kaFaro , wathi: Uma ngifumene umusa emehlweni enu , ake nikhulume ezindlebeni zikaFaro ngokuthi

UHezekeli 10:13

Amasondo ayebizwa ezindlebeni zami ngokuthi ayingilizayo.

UHezekeli 16:12

Ngafaka icici emakhaleni akho, namagenqeza ezindlebeni zakho, nomqhele omuhle ekhanda lakho.

UHezekeli 8:18

Ngalokho ngiyakusebenza ngokufutheka ; iso lami aliyikubahawukela , ngingabi nabubele; noma bememeza ezindlebeni zami ngezwi elikhulu , angiyikubezwa.

UHezekeli 9:1

Wayesememeza ezindlebeni zami ngezwi elikhulu , ethi: Mazisondele izijeziso zomuzi , kube yilowo nalowo abe nezikhali zokubulala esandleni sakhe.

UHezekeli 9:5

Kwamanye washo ezindlebeni zami , wathi: Dabulani emzini emva kwayo , nibulale, iso lenu lingahawukeli, ningabi nabubele,

UJeremiya 26:15

Yazini nokwazi kuphela ukuthi uma ningibulala , niyakwehlisela igazi elingenacala phezu kwenu , naphezu kwalo muzi , naphezu kwabakhileyo kuwo, ngokuba ngeqiniso uJehova ungithume kini ukuba ngikhulume onke lawa mazwi ezindlebeni zenu.

UJeremiya 28:7

Kepha mawuzwe leli zwi engilikhuluma ezindlebeni zakho nasezindlebeni zabantu bonke ngokuthi:

UJeremiya 29:29

UZefaniya umpristi wayifunda le ncwadi ezindlebeni zikaJeremiya umprofethi.

UJeremiya 2:1

Lase lifika izwi likaJehova, lithi: Hamba umemeze ezindlebeni zeJerusalema, uthi: Usho kanje uJehova, uthi:

UJeremiya 36:10

UBaruki wayesefunda encwadini amazwi kaJeremiya endlini kaJehova ekamelweni l ikaGemariya indodana kaShafani umbhali egcekeni lasenhla ngasesikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova ezindlebeni zabantu bonke.

UJeremiya 36:13

UMikhaya wazitshela onke amazwi ayewezwile , lapho uBaruki eyifunda incwadi ezindlebeni zabantu.

UJeremiya 36:14

Ngalokho zonke izikhulu zathuma uJehudi indodana kaNethaniya kaShelemiya kaKushi kuBaruki , zathi: Umqulu owufundileyo ezindlebeni zabantu wuthathe ngesandla sakho , uze nawo . UBaruki indodana kaNeriya wawuthatha umqulu ngesandla sakhe, weza kuzo.

UJeremiya 36:15

Zathi kuye : Ake uhlale phansi , ufunde ezindlebeni zethu . UBaruki wayesefunda ezindlebeni zazo.

UJeremiya 36:20

Zase zingena enkosini egcekeni; sezibeke umqulu ekamelweni lika-Elishama umbhali zalanda onke amazwi ezindlebeni zenkosi.

UJeremiya 36:21

Inkosi yayisimthuma uJehudi ukuba awuland e umqulu ; wawukhipha ekamelweni lika-Elishama umbhali. UJehudi wawufunda ezindlebeni zenkosi nasezindlebeni zazo zonke izikhulu ezazimi ngasenkosini.

UJobe 33:8

Impela wakhuluma ezindlebeni zami , ngezwa izwi lokukhuluma kwakho ukuthi:

UJoshuwa 20:4

Obalekelayo komunye waleyo mizi uyakuma ngasesikhaleni sesango lomuzi, akhulume indaba yakhe ezindlebeni zamalunga alowo muzi , angene naye emzini, amuphe indawo ukuba ahlale phakathi kwabo.

UNehemiya 13:1

Ngalolo suku kwafundwa encwadini kaMose ezindlebeni zabantu ; kwafunyanwa kulotshiwe kuyo ukuthi owakwa-Amoni nowakwaMowabi abanakungena ebandleni likaNkulunkulu kuze kube phakade,

UNumeri 11:1

Kwathi abantu bakhonona , kwabakubi ezindlebeni zikaJehova; esekuzwile uJehova, yavutha intukuthelo yakhe ; umlilo kaJehova washa phakathi kwabo, wabaqeda abasemkhawulweni wekamu.

UNumeri 11:18

Yisho kubantu ukuthi : Zingcweliseleni olwangakusasa, niyakudla inyama, lokhu nikhalile ezindlebeni zikaJehova ngokuthi : Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle , ngokuba kwakukuhle kithi eGibithe , ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nize nidle.

UNumeri 14:28

Yisho kubo ukuthi : Kuphila kwami, ngiyakwenza kini impela njengalokho nikhulumile ezindlebeni zami: