Skip to Content

"ezinkalweni"

10 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 20:31

Kepha izinceku zakhe zathi ku ye: Bheka, sizwile ukuthi amakhosi endlu yakwa-Israyeli angamakhosi anomusa ; ake sembathe izindwangu zamasaka ezinkalweni zethu nezintambo emakhanda ethu , siphume, siye enkosini yakwa-Israyeli; mhlawumbe iyakusindisa ukuphila kwakho.

1 AmaKhosi 20:32

Zase zibhinca izindw angu zamasaka ezinkalweni zazo , nezintambo emakhanda azo, zaya enkosini yakwa-Israyeli, zathi: Ithi inceku yakho uBeni Hadadi: Ake ungiyeke , ngiphile. Yayisithi: Usekhona na ? Ungumfowethu yena.

AmaHubo 66:11

Wasingenisa enetheni; wabeka umthwalo onzima ezinkalweni zethu.

U-Amose 8:10

Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe ngukukhala, nezihlabelelo zenu zonke zibe yizililo, ngibeke izindwangu zamasaka ezinkalweni zonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda , ngikwenze kube njengokulilela indodana eyodwa , ukuphela kwakho kube njengosuku olumunyu. Indlala yezwi likaNkulunkulu

U-Isaya 32:11

Qhaqhazelani nina besifazane abazinzileyo , nihlupheke nina enizethembayo; khumulani nizenze nqunu , nibhince indwangu yamasaka ezinkalweni zenu.

UJeremiya 13:1

Usho kanje uJehova kimi, uthi: Hamba uzithengele ibhande lelineni, ulibeke ezinkalweni zakho, ungalingenisi emanzini.

UJeremiya 13:2

Ngalithenga ibhande njengezwi likaJehova, ngalibeka ezinkalweni zami.

UJeremiya 30:6

Ake nibuze, nibone, uma owesilisa wake wabeletha na? Ngibonelani onke amadoda enezandla zawo ezinkalweni njengobelethayo, ubuso bonke buphaphathekile, na?

UJobe 12:18

Uthukulula izibopho zamakhosi, awabophe ezinkalweni ngamaketanga.

UNehemiya 4:18

nabakhi bonke babe nenkemba ibhincwe ezinkalweni zabo , bakha kanjalo. Owabetha icilongo wayengaseceleni kwami.