Skip to Content

"ezintweni"

31 occurrences in ZUL

1 kuThimothewu 3:11

Ngokunjalo nabesifazane mababe nesizotha, abangahlebi, abazithibayo, abathembekayo ezintweni zonke.

1 kuThimothewu 4:8

Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana , kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke , kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.

1 kwabaseKorinte 11:2

Ngiyanibonga ngokuba ningikhumbula ezintweni zonke, nibambelela ezifundisweni, njengokuba nganinika zona.

1 kwabaseKorinte 1:5

ukuthi ezintweni zonke nicetshisiwe kuye , ekukhulumeni konke nasekwazini konke,

1 kwabaseKorinte 9:25

Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni z onke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo.

2 AmaKhosi 8:9

Wayesehamba uHazayeli ukumhlangabeza , wazithathela ngesandla sakhe izipho ezintweni zonke ezinhle zaseDa maseku, imithwalo yamakamela angamashumi amane, weza wema phambi kwakhe , wathi: Indodana yakho uBeni Hadadi, inkosi yase-Aramu, ingithumile kuwe ngokuthi: Ngiyakusinda kulesi sifo na?

2 kuThimothewu 4:5

Kepha wena , qonda ezintweni zonke , ubekezele ekuhluphekeni , wenze umsebenzi womvangeli, ufeze ukukhonza kwakho.

2 kwabaseKorinte 11:6

Noma ngiyibhimbi lokukhuluma , nokho angisilo ngokwazi ; lokhu sikubonakalisile kinina ngezindlela zonke ezintweni zonke.

2 kwabaseKorinte 11:9

nalapho ngikhona kini ngiswele , angibanga mthwalo kumuntu , ngokuba abazalwane abavela eMakedoniya bakuqeda ukuswela kwami ; ezintweni zonke ngazilinda ukuba nginganisindi, futhi ngisezakuzilinda.

2 kwabaseKorinte 2:9

ngokuba ngaloba futhi ngenxa yalokho , ukuze ngokuhlolwa kwenu ngazi ukuba ningabalalelayo ezintweni zonke yini.

2 kwabaseKorinte 7:16

Ngiyathokoza, ngokuba ezintweni zonke nginethemba ngani.

2 kwabaseKorinte 8:22

Kepha sithumele kanye nabo umzalwane wethu esimfumene kaningi ekhuthele ezintweni eziningi , kepha manje ukhuthele kakhulu ngenxa yokunethemba kwakhe okukhulu.

2 kwabaseKorinte 9:11

ukuze ezintweni zonke nicetshiswe kukho ukuphana konke okuveza ngath i ukubonga uNkulunkulu.

2 kwabaseKorinte 9:8

Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame , ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke , nivame imisebenzi yonke emihle,

2 uSamuweli 23:5

Ayinjalo indlu yami kuNkulunkul u na? Ngokuba wenzile nami isivumelwano esiphakade ; sihleliwe ezintweni zonke , sigcinekile, ngokuba yonke insindiso yami nokwenama kwami akayikukuhlumisa na?

KuThithu 2:10

zingantshontshi, zibonakalise konke ukwethemba okuhle , ukuze zihlobise isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.

KuThithu 2:9

Yala izinceku ukuba zithobele amakhosi azo , zikholeke ezintweni zonke , zingaphiki nkani,

KumaHeberu 13:18

Sikhulekeleni, ngokuba siyethemba ukuthi sinonembeza omuhle , sithanda ukuhamba kahle ezintweni zonke.

Kwabase-Efesu 5:24

Kepha njengokuba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda ezintweni zonke.

KwabaseKolose 1:18

yona iyinhloko yomzimba , ngisho ibandla, engukuqala, izibulo kwabafileyo, ukuze yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke,

KwabaseKolose 3:20

Bantwana, lalelani abazali benu ezintweni zonke , ngokuba lokho kuyathandeka eNkosini.

KwabaseKolose 3:22

Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu ngokwenyama , kungengokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, niyesabe iNkosi.

KwabaseRoma 15:27

Kwaba kuhle, ngokuba nembala banecala kubo ; ngokuba uma abezizwe behlanganyela nabo ezintweni zabo zokomoya , banecala futhi lokubakhonza ngezokwenyama.

NgokukaMathewu 25:21

Inkosi yakhe yathi kuye: Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana ; ngizakukubeka phezu kokuningi ; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.

NgokukaMathewu 25:23

Inkosi yakhe yathi kuye: Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana ; ngizakukubeka phezu kokuningi ; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.

UDaniyeli 1:20

Ezintweni zonke zokuhlakanipha nezokuqonda inkosi eyayibabuza ngazo yabafumanisa b edlula kayishumi zonke izanusi nabathwebulayo ababesembusweni wayo wonke.

UJeremiya 5:28

Bakhuluphele, bayacwebezela; yebo, bayadlula ezintweni zobubi; abameli ukulunga, abameli izintandane ukuba zihlahlamele , nemfanelo yabampofu abayahluleli.

ULevitikusi 22:3

Yisho kubo ukuthi : Yilowo nalowo w enzalo yenu yonke ezizukulwaneni zenu osondela ezintweni ezingcwele abantwana bakwa -Israyeli abazingcwelisela uJehova , esengcolile, lowo muntu uyakunqunywa , angabikho phambi kwami; nginguJehova.

ULevitikusi 5:15

Uma umuntu esenza isiphambeko , one kungengamabomu ezintweni ezingcwele zikaJehova, woletha kuJehova umnikelo wakhe wecala , inqama yasemhlambini eng enasici njengokulinganisa kwakho namashekeli esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele, ibe ngumnikelo wecala,

UNumeri 18:9

Lokhu kuyakuba ngokwakho ezintweni ezin gcwelengcwele ezisale emlilweni: yonke iminikelo yabo , yonke iminikelo yabo yempuphu , nayo yonke iminikelo yabo yesono , nayo yonke iminikelo yabo yecala abanikela ngayo kimi iyakuba ngcwelengcwele kuwe nakumadodana akho.

UNumeri 4:19

kepha ukuba baphile , bangafi, lapho besondela ezintweni ezingcwelengcwele, nenze kanje kubo : u-Aroni namadodana akhe bayakungena, babamise, kube yilowo nalowo emsebenzini wakhe nasemthwalweni wakhe;