Skip to Content

"ezithelweni"

9 occurrences in ZUL

AbAhluleli 13:14

Kangadli lutho oluvela ezithelweni zomvini , kangaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, kangadli lutho olungcolileyo ; konke engamyaleza ngakho kakugcine.

IzAga 31:31

Muphe ezithelweni zezandla zakhe, izenzo zakhe zimdumise emasangweni.

NgokukaLuka 20:10

Ngenkathi efaneleyo wayesethumela inceku kubalimi ukuba bamnike ezithelweni zesivini; kepha abalimi bayishaya, bayimukisa ze.

NgokukaMarku 12:2

Ngenkathi efaneleyo wayesethuma inceku kubalimi ukuba ithathe kubalimi ezithelweni zesivini.

U-Isaya 30:23

Uyakunika imbewu yakho oyakuyihlwanyela emhlabathini imvula , aveze nesinkwa ezithelweni zomhlabathi oyakuvunda, uthele kakhulu; ngalolo suku izinkomo zakho ziyakuklaba emadlelweni abanzi.

UDuteronomi 1:25

Athatha ngezan dla zawo ezithelweni zezwe , azehlisela kithi , asibuyisela izwi, athi: Yizwe elihle uJehova uNkulunkulu wethu asinika lona.

UGenesise 47:24

Kuyakuthi ezithelweni nimnike uFaro okwesihlanu , izinxenye ezine zibe ngezenu, kube yimbewu yamasimu , nokudla kwenu nokwabendlu yenu , nokudla kwezingane zenu.

UJoshuwa 5:11

Badla ezithelweni zezwe ngolwangakusasa emva kwephasika , amaqebelengwane angenamvubelo notshwele ngalona lolo suku.

UJoshuwa 5:12

Imana lanqamuka ngang omuso, nxa sebedla ezithelweni zezwe ; abakwa- Israyeli ababe besaba nemana futhi, kepha base bedla ezithelweni zezwe laseKhanani ngalowo mnyaka. Isikhulu sebandla lasezulwini