Skip to Content

"ezitsheni"

12 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 9:7

Wayesethi uSawule kuyo inceku yakhe : Kepha bheka , uma siya khona , siyakulethani kulowo muntu na ? Ngokuba isinkwa siphelile ezitsheni zethu ; akukho nto esingayiyisa kulowo muntu kaNkulunkulu; sinani, pho, na?

2 kwabaseKorinte 4:7

Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba , ukuze ubukhulu b amandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, bungabi ngobuvela kithi.

KwabaseRoma 9:23

ukuba abonakalise ing cebo yenkazimulo yakhe ezitsheni zomusa ayezilungisele inkazimulo ngaphambili,

NgokukaMathewu 13:48

lithe seligcwele , balidonsela ogwini , bahlala phansi , babuthela ezinhle ezitsheni, kepha ezimbi bazilahla.

NgokukaMathewu 25:4

Kodwa ezihlakaniphileyo zaphatha amafutha ezitsheni kanye nezibani zazo.

U-Eksodusi 24:6

UMose wathatha inxenye yegazi , wayithela ezitsheni ; inxenye yegazi wafafaza ngayo i-altare.

U-Eksodusi 7:19

UJehova wathi kuMose: Yisho ku-Aroni, uthi: Thatha induku yakho, welule isandla sakho phezu kwamanzi aseGibithe , naphezu kwemifula , naphezu kweminonjana yabo , naphezu kweziziba , naphezu kwamachibi amanzi abo onke ukuba aphenduke igazi , kube khona igazi ezweni lonke l aseGibithe ezitsheni zemithi nasezitsheni zamatshe.

U-Isaya 65:4

abahlala emathuneni , balale ezindaweni ezisithekileyo , badle inyama yezingulube, benomhluzi wezinto ezinengekayo ezitsheni zabo,

UJeremiya 32:14

Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Thatha lezi zincwadi, le ncwadi yokuthenga enamathelisiweyo nale ncwadi evulekileyo , uzifake ezitsheni zebumba ukuba zihlale izinsuku eziningi.

UJeremiya 40:10

Bhekani, mina ngiyakuhlala eMispa, ngiwakhonze lawo maKaledi ayakufika kithina, kepha nina , buthani iwayin i, nezithelo, namafutha, nikubeke ezitsheni zenu, nihlale emizini yenu eniyithathileyo.

UJeremiya 48:11

UMowabi ugciniwe kwasebusheni bakhe , uphumulile enhleseni yakhe , kathululwanga ezitsheni ngezitsha, akayanga ekuthunjweni ; ngalokho ukuzwakala kwakhe kuhlala kuye, nephunga lakhe aliguquki.

URuthe 2:9

Amehlo akho mawabe sensimini ayivunayo , uwalandele; angithi ngiyalile abafana ukuba bangakuthinti na ? Nxa womile, yana ezitsheni, uphuze lokho abakukhileyo abafana.