Skip to Content

"eziyikhulu"

62 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 12:21

URehobowamu es efikile eJerusalema wabutha yonke indlu yakwaJuda nesizwe sakwaBenjamini , abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili , amabutho, ukuba balwe nendlu yakwa-Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu indodana kaSolomoni.

1 AmaKhosi 20:29

Base bemisile bebhekana izinsuku eziyisikhombisa . Kwathi ngosuku lwesikhombisa kwaqala ukuliwa ; abantwana bakwa -Israyeli babulala ama - Aramu ayizinkulungwane eziyikhulu ayimigundatshani ngalusuku lunye.

1 AmaKhosi 4:23

nezinkabi eziyishumi ezikhuluphalisiweyo, nezinkabi ezingamashumi amabili zasemadlelweni , nezimvu eziyikhulu ngaphandle kwezindlu zele, namanxala, nezinsephe, nezinkuku ezikhuluphalisiweyo.

1 AmaKhosi 7:2

Wakha nendlu yehlathi laseLebanoni; ubude bayo babuyizingalo eziyikhulu, nobubanzi bayo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu , nokuphakama kwayo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu phezu kwezinhla ezi ne zezinsika zemisedari, imishayo yemisedari iphezu kwezinsika.

1 AmaKhosi 8:63

USolomoni wanikela kube ngumhlatshelo weminikelo yokuthula, owanikela ngawo kuJehova , izinkunzi eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili . Inkosi nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli bahlambulula-ke indlu kaJehova.

1 iziKronike 12:37

Ngaphesheya kweJordani kwabakwaGadi nasenxenyeni yesizwe sakwaManase, benezikhali zonke zempi zokulwa, yizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili.

1 iziKronike 18:4

UDavide wamaphuca izinqola eziyinkulungwane , nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisikhombisa , nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.

1 iziKronike 21:5

UJowabe wanika uDavide umumo wabantu ababaliweyo ; wonke u -Israyeli wayeyizinkulungwane eziyinkulungwane nezinkulungw ane eziyikhulu abahloma inkemba ; uJuda wayeyizinkulungwane ezingamakhulu amane namashumi ayisikhombisa.

1 iziKronike 22:14

Bheka, ekuhluphekeni kwami ngilungisele indlu kaJehova amatalenta ayizinkulungwane eziyikhulu egolide , namatalenta ayizinkulungwane eziyinkulungwane esiliva, nethusi nensimbi okungenakulinganiswa, ngokuba kuningi; ngilungisile nemithi namatshe; uyakwenezela kukho.

1 iziKronike 29:7

zanikela enkonzweni yendlu kaNkulunkulu amatalenta ayizinkulung wane eziyisihlanu egolide, namadarike ayizinkulungwane eziyishumi, namatalenta ayizinkulungwane eziyishumi esiliva , namatalenta ayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili ethusi , namatalenta ayizinkulungwane eziyikhulu ensimbi.

1 iziKronike 5:21

Asusa izinkomo zabo , namakamela ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu, nezimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nezimbongolo eziyizinkulungwane ezimbili , nabantu abayizinkulungwane eziyikhulu.

1 uSamuweli 25:18

U-Abigayili wayeseshesha , wathatha izinkwa ezingamakhulu amabili , nezimvaba ezimbili zewayini, nezimvu eziyisihlanu ezilungisiweyo, namaseya ayisihlanu otshwele , nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo , nezigaxa ezingamakhulu amabili zamakhiwane, wakubeka ezimbongolweni.

2 AmaKhosi 19:35

Kwathi ngalobo busuku kw aphuma ingelosi kaJehova , yabulala ekamu labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu zodwa ezifileyo.

2 AmaKhosi 3:4

UMesha inkosi yakwaMowabi owayefuyile kakhulu izimvu wathela enkosini yakwa-Israyeli uboya bamawundlu ayizinkulungwane eziyikhulu nobezinqama eziyizinkulungwane eziyikhulu.

2 iziKronike 11:1

URehobowamu esefikile eJerusalema wabutha indlu yakwaJuda noBenjamini, abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihiyagalombili , amabutho, ukuba balwe no -Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu.

2 iziKronike 17:18

emva kwakhe kwakunguJehozabadi , enabahlomele impi abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.

2 iziKronike 25:6

Waqasha kwa -Israyeli amaqhawe anamandla ayizinkulungwane eziyikhulu ngamatalenta ayikhulu esiliva.

2 iziKronike 28:6

Ngokuba uPheka indodana kaRemaliya wabulala kwaJuda izinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili ngalusuku lunye , bonke bengamadoda anamandla, ngokuba bebeshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise.

2 iziKronike 29:32

Inani leminikelo y okushiswa elalethwa yibandla laliyizinkunzi ezingamashumi ayisikhombisa , nezinqama eziyikhulu , namawundlu angamakhulu amabili ; konke lokhu kwa kungokomnikelo wokushiswa kuJehova.

2 iziKronike 2:17

USolomoni wabala bonke abezizwe ababesezweni lakwa -Israyeli ngokubalwa uDavide uyi se ayebabalile ngakho ; kwafumaniseka ukuthi babe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihlanu nezinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha.

2 iziKronike 4:8

Wenza amatafula ayis humi, wawabeka ethempelini , ayisihlanu ngakwesokunene nayisihlanu ngakwesokhohlo . Wenza nezitsha eziyikhulu zegolide.

2 iziKronike 7:5

Inkosi uSolomoni yanikela ngomhlatshelo wezinkunzi eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili . Inkosi nabo bonke abantwana bakwa -Israyeli bahlambulula-ke indlu kaJehova.

2 uSamuweli 16:1

UDavide esedlulile kancane isiqo ngo sentaba , bheka, kwamhlangabeza uSiba inceku kaMefibosheti enezimbongolo ezimbili eziboshelweyo , zithwele izinkwa ezingamakhulu amabili , nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa eziyikhulu zamakhiwane, nemvaba yewayini.

2 uSamuweli 8:4

UDavide wamaphuca abamahhashi abayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili ; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola , washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.

AbAhluleli 8:10

OZeba noSalimuna babeseKarkori , izimpi zabo zinabo kungathi abantu abayizinkulungwane eziyishumi nanhlanu, bonke ababesele empini yonke yabasempumalanga, ngokuba kwakuwile abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abahloma inkemba.

IsAmbulo 14:1

Ngase ngibona; bheka, iWundlu limi entabeni yaseSiyoni , kumi kanye nalo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane , benegama lalo negama likaYise lilotshwe emabunzini abo.

IsAmbulo 14:3

Bahlabelela igama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi , naphambi kwezidalwa ezine, namalunga; kepha akubangakho onamandla okufunda lelo gama, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abathengiweyo emhlabeni.

IsAmbulo 21:17

Walinganisa ugange lwawo , izingalo eziyikhulu namashumi amane nane , yisilinganiso somuntu esingesengelosi.

IsAmbulo 7:4

Ngase ngizwa umumo wababekwa uphawu , izinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, ababekwa uphawu ezizweni zonke zabantwana bakwa-Israyeli:

NgokukaLuka 15:4

Ngumuphi umuntu kini onezimvu eziyikhulu , alahlekelwe ngenye kuzo , angazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ehlane , aye kwelahlekileyo, aze ayithole, na?

NgokukaLuka 16:7

Khona wathi komunye : Wena-ke unecala elingakanani na ? Wathi: Izilinganiso eziyikhulu zikakolweni . Wathi kuye : Thatha incwadi yakho , ulobe amashumi ayisishiyagalombili.

NgokukaMathewu 18:12

Nithini na ? Uma umuntu enezimvu eziyikhulu , kuduke enye kuzo , akazishiyi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezintabeni, ahambe ayofuna edukileyo, na?

U-Eksodusi 27:11

Nasohlangothini olungasenyakatho ebudeni makube khona izilenge , ubude bazo bube yizingalo eziyikhulu , nezinsika zazo zibe ngamashumi amabili , nezinyawo zazo zibe ngamashumi amabili zethusi ; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zibe yisiliva.

U-Eksodusi 27:18

Ubude begceke boba yizingalo eziyikhulu , ububanzi bube ngezamashumi ayisihlanu njalo , ukuphakama kube yizingalo eziyisihlanu , bube yilineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, izinyawo zibe yithusi.

U-Eksodusi 27:9

Wolenza igceke letabernakele ; ngaseningizimu ohlangothini olungaseningizimu makube khona izilenge zegceke zelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo , ubude bazo bube yizingalo eziyikhulu ohlangothini lunye;

U-Eksodusi 38:11

Ngasohlangothini lwasenyakatho yizingalo eziyikhulu , izinsika zazo zingamashumi amabili , nezinyawo zazo zingamas humi amabili zethusi ; izingwegwe zezinsika nemishayo yazo kwakuyisiliva.

U-Eksodusi 38:27

Amatalenta ayikhulu esiliva ayengawokukhanda izinyawo zendlu engcwele, nezinyawo zesihenqo , izinyawo eziyikhulu ngamatalenta ayikhulu , italenta ngonyawo.

U-Eksodusi 38:9

Walenza negceke ; ngaseningizimu ohlangothini lwaseningizimu izilenge zegceke zaziyilineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, izingalo eziyikhulu.

U-Esteri 1:1

Kwathi emihleni ka -Ahashiveroshi yena ungu-Ahashiveroshi lowo owabusa kusukela e -Indiya kuze kube seKushe phezu kwezifunda eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa

U-Esteri 1:4

lapho iyibonakalisa ingcebo yombuso wayo odumileyo , nobukhosi nobuhle bobukhulu bayo izi nsuku eziningi , izinsuku eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.

U-Esteri 8:9

Abalobi benkosi babizwa ngaleso sikhathi ngenyanga yesithathu, eyinyanga kaSivani, ngolwamashumi amabili nantathu lwayo ; kwalotshwa njengakho konke uMoridekayi ayala ngakho abaJuda , nawothulasizwe, nababusi, nezikhulu zezifunda , kusukela e -Indiya kuze kufike eKushe , izifunda eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa , izifunda ngezifunda njengokubhala kwazo , nezizwe ngezizwe njengolimi lwazo , nabaJuda njengokubhala kwabo nanjengolimi lwabo.

U-Esteri 9:30

Wathuma izincwadi kubo bonke abaJuda ezifundeni eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa zombuso ka-Ahashiveroshi, zinamazwi okuthula neqiniso,

U-Ezra 2:69

zanikelela isikhwama somsebenzi njengokwamandla azo amadarike ayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nanye egolide , namamane ayizinkulungwane eziyisihlanu esiliva, nezambatho zabapristi eziyikhulu.

U-Ezra 6:17

Banikela ekuhlanjululweni kwaleyo ndlu kaNkulunkulu ngezinkunzi eziyikhulu, nangezinqama ezingamakhulu amabili , nangamawundlu angamakhulu amane, kanye nezimpongo eziyishumi nambili zibe ngumnikelo wokona ngo-Israyeli wonke njengokomumo wezizwe zakwa-Israyeli.

U-Isaya 37:36

Kwaphuma ingelosi kaJehova , yabulala ekamu labase -Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu ; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa.

UDaniyeli 6:1

Kwaba kuhle kuDariyu ukubeka phezu kombuso izikhulu eziyikhulu namashumi amabili ebeziyakuba sembusweni wonke.

UGenesise 7:24

Amanzi ayenamandla emhlabeni izinsuku eziyikhulu namashumi ayisihlanu.

UGenesise 8:3

Amanzi ayesemuka njalo emhlabeni; emva kwezinsuku eziyikhulu namashumi ayisihlanu amanzi ancipha.

UHezekeli 40:23

Kwakukhona isango legceke elingaphakathi malungana naleli sango ngasenyakatho nangasempumalanga; walinganisa, kusukela esangweni kuze kube sesangweni, izingalo eziyikhulu.

UHezekeli 40:27

Kwakukhona isango legceke elingaphakathi ngaseningizimu ; walinganisa, kusukela esangweni kuze kube sesangweni ngaseningizimu , izingalo eziyikhulu.

UHezekeli 40:47

Wayeselilinganisa igceke , ubude balo buyizingalo eziyikhulu , nobubanzi buyizingalo eziyikhulu, yizinhlangothi ezine; i-altare laliphambi kwendlu.

UHezekeli 41:13

Wayeselinganisa ind lu, ubude bayo buyizingalo eziyikhulu ; indawo eyahlukanisiweyo nesakhiwo kanye nezindonga zaso , ubude bakho babuyizingalo eziyikhulu,

UHezekeli 41:14

nobubanzi bobuso bendlu kanye nendawo eyahlukanisiweyo ngasempumalanga: yizingalo eziyikhulu.

UHezekeli 41:15

Wayeselinganisa ubude be sakhiwo phambi kwendawo eyahlukanisiweyo eyayisemva kwaso nemipheme yayo ngalapha nangalapha : yizingalo eziyikhulu, nethempeli elingaphakathi, nemipheme yegceke,

UHezekeli 42:2

ohlangothini olude , ubude balo buyizingalo eziyikhulu , umnyango ungasenyakatho; ububanzi babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu.

UHezekeli 42:4

Ngaphambi kwamakamelo kwakukhona indlela yokuhamba , ububanzi bayo buyizingalo eziyishumi ngaphakathi, nobude bayo b uyizingalo eziyikhulu ; iminyango yawo yayingasenyakatho.

UHezekeli 42:8

Ngokuba ubude bamakamelo ayesegcekeni elingaphandle babuyizingalo ezingamashumi ayisi hlanu, kepha bheka , ngaphambi kwethempeli kwakuyizingalo eziyikhulu.

UJona 4:11

mina-ke bengingayikulihawukela iNineve , umuzi omkhulu , okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, kanye nezinkomo eziningi, na?

UNumeri 2:16

Bonke ababalwayo bekamu lakwaRubeni babe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihlanu nanye namakhulu amane namashumi ayisihlanu ngamabandla abo. Labo bayakusuka babe ngabesibili.

UNumeri 2:24

Bonke ababalwayo bekamu lakwa -Efrayimi babe yizinkulungwane eziyikhulu nesishiyagalombili nekhulu ngamabandla ab o. Labo bayakusuka babe ngabesithathu.

UNumeri 2:31

Bonke ababalwayo bekamu lakwaDani babe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihlanu nesikhombisa namakhulu ayisithupha . Labo bayakusuka babe ngabokugcina namabhanela abo.

UNumeri 2:9

Bonke ababalwayo bekamu lakwaJuda babe yizinkulungwa ne eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesithupha namakhulu amane ngamabandla abo. Labo bayakusuka kuqala.