Skip to Content

"ezizweni"

69 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:32

kodwa yena uyakuba nesizwe sibe sinye ngenxa yenceku yami uDavide nangenxa yeJerusalema , umuzi engiwukhethileyo ezizweni zonke zakwa - Israyeli

1 AmaKhosi 14:21

URehobowamu indodana kaSolomoni wabusa kwaJuda . URehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema , umuzi awukhethileyo uJehova ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe ; igama likanina lalinguNahama wabakwa-Amoni.

1 AmaKhosi 8:16

Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami u -Israyeli eGibithe angikhethanga muzi ezizweni zonke zakwa -Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho , kepha ngamkhetha uDavide abe phezu kwabantu bami u-Israyeli.

1 iziKronike 16:20

Bazulazula ezizweni ngezizwe, besuka kulo mbuso, beya kwabanye abantu.

1 iziKronike 16:31

Malijabule izulu , umhlaba uthokoze ; makuthiwe ezizweni : UJehova uyinkosi.

1 iziKronike 18:11

Nalezo inkosi uDavide yayizingcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide alisusa ezizweni zonke : ku-Edomi, nakuMowabi, nakubantwana bakwa - Amoni, nakumaFilisti, nakuma-Amaleki.

1 kuThimothewu 3:16

Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi : Owabonakaliswa enyameni , walungisiswa emoyeni , wabonwa yizingelosi , washunyayelwa ezizweni , wakholeka ezweni , waphakanyiselwa enkazimulweni.

2 AmaKhosi 21:7

Wabeka isithombe esibaziweyo sika -Ashera asenzileyo endlini asho ngayo uJehova kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe ukuthi : Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizweni zonke zakw a-Israyeli ngiyakubeka igama lami kuze kube phakade;

2 iziKronike 11:16

Emva kwabo kwaphuma ezizweni zonke zakwa -Israyeli abanhliziyo zabo zibhekiswe ukufuna uJehova uNkulun kulu wakwa -Israyeli, bafika eJerusalema ukuhlabela uJehova uNkulunkulu wawoyise.

2 iziKronike 12:13

Inkosi uRehobowamu yayisiziqinisa -ke eJerusalema yabusa , ngokuba uRehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa ; wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema , umuzi uJehova awukhethileyo ezizweni zonke zakwa -Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe; igama likanina lalinguNahama umAmonikazi.

2 iziKronike 33:7

Wabeka umfanekiso obaziweyo wesithombe awenzileyo endlini kaNkulunkulu asho ngayo uNkulunkulu kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe ukuthi : Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizweni zonke zakwa-Israyeli ngiyakubeka igama lami kuze kube phakade;

2 iziKronike 6:5

Kusukela osukw ini engakhipha ngalo abantu bami u -Israyeli ezweni laseGibithe angikhethanga muzi ezizweni zonke zakwa -Israyeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe khona lapho , futhi angikhethanga muntu ukuba abe ngumbusi wabantu bami u-Israyeli,

2 uSamuweli 15:10

Kepha u -Abisalomu wathuma izinhloli ezizweni zonke zakwa -Israyeli ngokuthi: Lapho nizwa ukukhala kwecilongo , anothi: U-Abisalomu uyinkosi eHebroni.

2 uSamuweli 19:9

Bonke abantu babephikisana ezizweni zonke zakwa -Israyeli, bethi: Inkosi yasophula esandleni sezitha zethu , yasikhulula esandleni samaFilisti ; manje isibalekile ezweni, imbalekele u-Abisalomu.

2 uSamuweli 24:2

Inkosi yathi kuJowabe induna yempi eyayinaye: Hamba ezizweni zonke zakwa-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba , nibale abantu ukuba ngiwazi umumo wabantu.

2 uSamuweli 7:23

Yisiphi isizwe nesisodwa emhlabeni esinjengabantu bakho u -Israyeli, uNkulunkulu ayakuzihlengela bona ukuba babe ngabantu bakhe , azenzele igama, anenzele nina izinto ezinkulu, alenzele izwe lakini izinto ezesabekayo phambi kwabantu bakho owazihlengela bona eGibithe ezizweni nakubo onkulunkulu bazo, na?

2 uSamuweli 8:11

Nalezo inkosi uDavide yazingcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide eyayilingcwelisile livela ezizweni zonke eyayizahlulile:

AbAhluleli 21:15

Abantu bamhawukela uBenjamini, ngokuba uJehova wayenze ukwahlukana ezizweni zakwa-Israyeli.

AmaHubo 105:13

Bazulazula ezizweni ngezizwe, besuka kulo mbuso, beya kwabanye abantu.

AmaHubo 110:6

Iyakwahlulela phakathi kwabezizwe , kugcwale izidumbu, ichoboze amakhanda ezizweni eziningi.

AmaHubo 77:14

Wena unguNkulunkulu owenza izimangaliso ; amandla akho uwazisile ezizweni.

AmaHubo 9:11

Hubani nimdumise uJehova ohlezi eSiyoni ; memezelani ezizweni izenzo zakhe ezinkulu.

IsAmbulo 7:4

Ngase ngizwa umumo wababekwa uphawu , izinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, ababekwa uphawu ezizweni zonke zabantwana bakwa-Israyeli:

IzEnzo 10:35

kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.

IzEnzo 2:5

Kepha kwakukhona abaJuda abakhile eJerusalema , amadoda akholwayo , evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu;

KwabaseRoma 16:26

kepha manje isibonakalisiwe ngemibhalo yabaprofethi , ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade , yazisiwe ezizweni zonke , kube ngukulalela kokukholwa,

KwabaseRoma 1:5

esamukela ngaye umusa nobuphostoli kube ngukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe,

NgokukaLuka 21:24

Bayakuwa bedliwa yinkemba , bathunjelwe ezizweni zonke ; iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.

NgokukaLuka 24:47

kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka , kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.

NgokukaMarku 13:10

Kepha ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke.

NgokukaMathewu 24:14

Leli vangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke , kube ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.

U-Isaya 66:19

Ngiyakubeka isibonakaliso phakathi kwazo , ngithume ababalekileyo babo kwabezizwe, eTharishishi, nasePhuli, naseLudi, abagoba umnsalo , nakuThubali naseJavani, eziqhingini ezikude, ezingezwanga umbiko ngami , zingabonanga inkazimulo yami, baze balande ngenkazimulo yami ezizweni.

U-Isaya 66:20

Bayakuletha bonke a bafowenu bebakhipha ezizweni zonke ngamahhashi, nangezinqola, nangezinhlaka, nangeminyuzi, nangamakamela, babe ngumnikelo kaJehova , beze entabeni yami engcwele eJerusalema , usho uJehova, njengalokhu abantwana bakwa -Israyeli bewuletha umnikelo wabo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaJehova.

U-Obadiya 1:15

Ngokuba usuku lukaJehova lusondel e ezizweni zonke ; njengokwenza kwakho kuyakwenziwa kanjalo kuwe ; izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.

UDuteronomi 1:13

Nizithathele amadoda ahlakaniphileyo, aqondileyo, aziwayo ezizweni zenu, ngiwenze abe yizinhloko phezu kwenu.

UDuteronomi 1:15

Ngase ngithatha izinhloko zezizwe zenu , amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawenza aba yizinhloko phezu kwenu : izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu , nezinduna zamashumi ayisihlanu , nezinduna zamashumi, neziphathimandla ezizweni zenu.

UDuteronomi 30:3

khona uJehova uNkulunkulu wak ho uyakubuyisa ukuthunjwa kwakho , akuhawukele, abuye akubuthe ezizweni zonke , lapho uJehova u Nkulunkulu wakho ekuhlakazele khona.

UDuteronomi 4:27

UJehova uyakunihlakazela ezizweni , nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uJehova eyakuniholela khona.

UGenesise 10:32

Lezi ziyim indeni yamadodana kaNowa ngezizukulwane zawo ezizweni zawo; ngalawo izizwe zahlakazeka emhlabeni emva kukazamcolo.

UHezekeli 11:17

Ngalokho thana: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakunibutha ezizweni, nginiqoqe emazweni enihlakazekelwe kuwo, ngininike izwe lakwa-Israyeli.

UHezekeli 12:15

Bayakwazi ukuthi nginguJehova , lapho ngibahlakazela ezizweni , ngibasabalalisele emazweni.

UHezekeli 16:14

Igama lakho laphumela ezizweni ngobuhle bakho , ngokuba laliphelele ngemihlobiso engangiyibeke kuwe, isho iNkosi uJehova.

UHezekeli 22:15

Ngiyakukuhlakazela ezizweni , ngikusabalalisele emazweni , ngiqede ukungcola kwakho kuwe.

UHezekeli 22:4

ngegazi olichithileyo un ecala, nangezithombe zakho ozenzileyo ungcolile ; usondezile izinsuku zakho , ufikile eminyakeni yakho ; ngalokho ngikwenzile ihlazo ezizweni nenhlekiso emazweni onke.

UHezekeli 28:25

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Lapho ngibutha indlu yakwa -Israyeli ezizweni abahlakazekele phakathi kwazo , ngingcweliswe kubo emehlweni ezizwe, bayakuhlala ezweni labo engalinika inceku yami uJakobe.

UHezekeli 29:12

Ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yincithakalo phakathi kwamazwe ayincithakalo, imizi yalo phakathi kwemizi echithekileyo ibe yincithakalo iminyaka engamashumi a mane, ngihlakazele abaseGibithe ezizweni , ngibasabalalisele emazweni.

UHezekeli 30:23

Ngiyakubahlakazela abaseGibithe ezizweni, ngibasabalalisele emazweni.

UHezekeli 30:26

Ngiyakubahlakazela a baseGibithe ezizweni , ngibasabalalisele emazweni , bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 32:9

Ngiyakukhathaza izinhliziyo zabantu abaningi , lapho sengiletha ukwaphulwa kwakho ezizweni emazweni ongawazanga.

UHezekeli 36:20

Nxa sebefika ezizweni lapho beya khona , balihlambalaza igama lami elingcwele, lapho kwakuthiwa ngabo : Laba bangabantu bakaJehova, kepha nokho baphumile ezweni lakubo.

UHezekeli 36:24

Ngiyakunithabatha ezizweni, nginibuthe emazweni onke, nginiyise ezweni lakini.

UHezekeli 37:21

Khuluma kubo , uthi: Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngiyakuthabatha abantwana bakwa -Israyeli ezizweni lapho baya khona , ngibabuthe nxazonke, ngibayise ezweni lakubo,

UHezekeli 38:12

ukuze uphange impango , ubamuke impahla , bese wuphendulela isandla sakho ezindaweni ezichithekileyo esezakhiwe nakubantu asebebuthiwe ezizweni, bezuza imfuyo nempahla, behlala enkabeni yezwe.

UHezekeli 38:8

Emva kwezinsuku eziningi uyakubuthwa ; ngeminyaka yokugcina uyakungena ezweni elibuyiswe enkembeni , liqoqwe ezizweni eziningi , ezintabeni zakwa -Israyeli ezaziyincithakalo njalo , eselikhishiwe kubantu , bahlale belondekile bonke.

UHezekeli 48:19

Abasebenza emzini bayakuwulima, bevela ezizweni zonke zakwa-Israyeli.

UJeremiya 1:5

Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi ; ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni.

UJeremiya 26:6

ngiyakwenza le ndlu ibe njengeShilo, nalo muzi ngiyakuwenza ube yisiqalekiso ezizweni zonke zomhlaba.

UJeremiya 29:14

Ngiyakufunyanwa yinina , usho uJehova , ngibuyise ukuthunjwa kwenu , nginibuthe ezizweni zonke nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona, usho uJehova, nginibuyisele endaweni enganenza ukuba nithunjwe kuyo.

UJeremiya 29:18

Ngiyakubalandela ngenkemba , nangendlala, nangesifo, ngibenze babe yingebhe emibusweni yonke yomhlaba , babe yisiqalekiso , nesimangaliso, nento encimfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo,

UJeremiya 3:19

Mina bengithi: Ngiyakukubeka kanjani phakathi kwabantw ana, ngikuphe izwe elinxanelekayo , ifa elihle kakhulu ezizweni ! Ngathi: Niyakungibiza ngokuthi Baba , ningabuyi ekungilandeleni.

UJeremiya 43:5

Kepha uJohanani ind odana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi bayithatha yonke insali yakwaJuda eyayibuye ezizweni zonke eyayixoshelwe kuzo ukuba igogobale ezweni lakwaJuda,

UJeremiya 9:16

Ngiyakubahlakazela ezizweni abangazazanga bona nawoyise , ngithume emva kwabo inkemba, ngize ngibaqede.

UJoshuwa 22:14

nezikhulu eziyishumi kanye naye , isikhulu sibe sinye ngendlu kayise ezizweni zonke zakwa -Israyeli, yileso naleso siyinhloko yendlu kayise phakathi kwemindeni yakwa-Israyeli.

UJoshuwa 3:12

Ngalokho zithatheleni manje amadoda ayishumi nambili ezizweni zakwa - Israyeli, indoda ibenye ngesizwe.

ULevitikusi 26:33

Nina-ke ngiyakunihlakazela ezizweni , ngihoshe inkemba emva kwenu , izwe lakini libe yincithakalo, nemizi yenu ibe yizwekufa.

UNehemiya 6:6

Kwakulotshwe kuyo ukuthi: Kuzwakele ezizweni, naye uGashimu uthi wena nabaJuda nihlose ukuhlubuka, okungalokho uvusa ugange, ube yinkosi yabo; yebo, anjalo amazwi.

UNumeri 31:4

kuleso naleso sizwe njalo anoyithuma empini inkulungwane ezizweni zonke zakwa-Israyeli.

UZakariya 14:16

Kuyakuthi bonke abaseleyo ezizweni zonke ezazilifikela iJerusalema bakhuphuke iminyaka ngeminyaka ukukhuleka eNkosini uJehova Sebawoti nokugubha umkhosi wamadokodo.

UZakariya 2:8

Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti ongithumile ukulanda inkazimulo yakhe ezizweni ezaziniphanga ngokuba othinta nina uthinta inhlamvu yeso lakhe uthi: