Skip to Content

"hhayi"

29 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 10:19

kepha namuhla nimlahlile uNkulunkulu wenu , yena owanisindisa ezingozini zenu zonke nasezinsizini zenu , nishilo nathi : Hhayi, kepha beka inkosi phezu kwethu . Ngalokho yimani phambi kukaJehova ngezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.

1 uSamuweli 12:12

Kepha lapho nabona uNahashi inkosi yabantwana bakwa -Amoni ephuma ukulwa nani , nathi kimi : Hhayi, kepha masibuswe yinkosi , ingani uJehova uNkulunkulu wenu wayeyinkosi yenu.

1 uSamuweli 1:15

UHana waphendula wathi: Hhayi, nkosi, ngingowesifazane ohluphekileyo; angiphuzanga iwayini naphuzo olunamandla , kepha bengithulula umphefumulo wami phambi kukaJehova.

1 uSamuweli 1:22

Kepha uHana akenyukanga , ngokuba wathi kumyeni wakhe : Hhayi aze alunyulwe umntwana ; khona ngiyakumyisa ukuba abonakale phambi kukaJehova, ahlale khona njalo.

1 uSamuweli 20:15

kepha futhi mawunganqumi isihawu sakho endlini yami kuze kube phakade, hhayi nalapho uJehova esenqumile zonke izitha zikaDavide ebusweni bomhlaba.

1 uSamuweli 2:16

Uma lowo muntu wathi kuye : Bayakushisa nokushisa amanoni kuqala , besewuthatha njengokuthanda kwakho , yathi: Hhayi, woyiletha manje; uma ungayilethi, ngiyakuyithatha ngamandla.

1 uSamuweli 2:24

Hhayi, madodana ami , akusilo izwi elihle engilizwayo lenekwa ngabantu bakaJehova.

1 uSamuweli 8:19

Kepha abantu bala ukulalela izwi likaSamuweli , bathi: Hhayi, sifuna ukuba kube khona inkosi phezu kwethu,

2 AmaKhosi 18:27

Kepha uRabi Shake wathi kubo : Inkosi yami ingithumile yini enkosini yakho nakuwena ukukhuluma lawa mazwi na ? Hhayi kulaba bantu yini abahlezi ogangeni ukuba badle amasimba abo , baphuze umshobingo wabo kanye nani, na?

2 AmaKhosi 3:13

Kepha u -Elisha wathi enkosini yakwa -Israyeli: Nginamsebenzi muni nawe na? Hamba uye kubaprofethi bakayihlo nakubaprofethi bakanyoko . Kepha inkosi yakwa -Israyeli yathi kuye : Hhayi, ngokuba uJehova ubizile lawo makhosi amathathu ukuwanikela esandleni sakwaMowabi.

2 AmaKhosi 4:16

Wathi: Ngalesi sikhathi ngomnyaka ozayo uyakusingatha indodana. Wathi: Hhayi, nkosi, wena muntu kaNkulunkulu , ungaqambi amanga encekukazini yakho.

2 AmaKhosi 6:12

Enye yezinceku zayo yathi : Hhayi, nkosi yami , nkosi, kodwa u -Elisha, umprofethi wakwa -Israyeli, uyayitshela inkosi yakwa -Israyeli amazwi owakhulumayo ekamelweni lakho lokulala.

AbAhluleli 19:23

Ixhegu, umninindlu, laphumela kubo , lathi kubo : Hhayi, bafowethu, ngiyanicela, ningenzi okubi okungako; lokhu lo muntu engenile endlini yami, ningenzi lobu buwula.

IzEnzo 12:15

Kodwa bathi kuyo : Uyahlanya. Yona yaqinisa yathi : Hhayi, kunjalo. Bona bathi: Yingelosi yakhe.

NgokukaMarku 14:29

UPetru wathi kuye: Noma beyakukhubeka bonke, hhayi mina.

NgokukaMathewu 12:7

Kepha uma benazi ukuba kuyini lokhu ukuthi : Ngifuna isihawu , hhayi umhlatshelo, nga ningabalahlanga laba abangenacala.

NgokukaMathewu 9:13

Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi : Ngifuna isihawu , hhayi umhlatshelo. Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke. Ukuzila ukudla (Mark. 2:18; Luk. 5:33)

U-Amose 5:14

Funani okuhle, hhayi okubi, ukuze niphile, abe nani uJehova uNkulunkulu Sebawoti kanjalo, njengalokhu nisho.

U-Isaya 21:5

Ngukulungisa itafula yini ? Ngukwendlala izindwangu , ukudla nokuphuza , na? Hhayi, sukumani, zikhulu, nicobe izihlangu.

U-Isaya 36:12

Kepha uRabi Shake wathi : Inkosi yami ingithumile yini enkosini yakho nakuwena ukukhuluma lawamazwi na ? Hhayi kulaba bantu yini abahlezi ogangeni ukuba badle amasimba abo, baphuze umshobingo wabo kanye nani, na?

UGenesise 33:10

UJakobe wathi : Hhayi bo ; uma ngifumene umusa emehlweni akho , samukele isipho sami esandleni sami , ngokuba ngibone ubuso bakho esengathi ngibona ubuso bukaNkulunkulu, wathokoza ngami.

UHoseya 6:6

Ngokuba ngifuna uthando , hhayi umhlatshelo ; ngifuma ukumazi uNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.

UHoseya 7:16

Bayabuyela, kepha hhayi kongaPhezulu , bafana nomnsal o ogejayo ; izikhulu ziyakuwa ngenkemba ngenxa yolaka lolimi lwabo . Lokhu kuyakuba yinhlekiso yabo ezweni laseGibithe.

UJeremiya 5:12

Zimphikile uJehova, zathi: Hhayi yena! Okubi akuyikusehlela, asiyikubona inkemba nendlala.

UJobe 31:18

hhayi, ikhulele kimi kwasebusheni bami njengakuyise ; kwasesizalweni sikamame ngangingumholi wabafelokazi

UJobe 32:13

Maningasho ukuthi : S ifumene ukuhlakanipha ; uNkulunkulu angamphengulula, hhayi umuntu.

UJoweli 2:13

Niklebhule inhliziyo yenu , hhayi izingubo zenu , niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu , ngokuba yena unomusa , unobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uhawukela nomubi.

URuthe 1:10

Bathi kuye: Hhayi! Kepha sobuyela nawe kubantu bakini!

URuthe 1:13

beningawahlalela aze abe n gakhulileyo na ? Beniyakuzivimbela ningabi namadoda na? Hhayi, madodakazi ami, kumunyu kimi ngenxa yenu, ngokuba isandla sikaJehova siphumele kimi.