"hlalani"
25 occurrences in ZUL
Bahamba, bamtshela uDavide ngalawo madoda . Wathuma ukuwahlangabeza, ngokuba ayenamahloni kakhulu lawo madoda . Yathi inkosi: Hlalani eJeriko, zize zihlume izilevu zenu, bese nibuya.
Nina-ke, ukugcoba enakwamukela kuye kuhlala kini , anidingi ukuba nobani anifundise ; kodwa lokhu ukugcoba kwakhe okunifundisa khona ngakho konke kuyiqiniso , akusiwo amanga , nanjengokuba kunifundisile , hlalani kuye.
Nakalokhu, bantwanyana, hlalani kuye , ukuze, nxa ebonakala , sibe nesibindi, singabi namahloni sinyibe kuye ekubonakaleni kwakhe.
Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi , njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakatha ka, nibanike udumo , lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa. Ukuhamba ngokubekezela ekuhluphekeni
Uma bethi kithi : Hlalani size sifike kini , khona siyakuma endaweni yethu , singenyukeli kubo.
UGedaliya wafunga kubo nakubantu babo , wathi kubo: Ningesabi izinceku zamaKaledi; hlalani ezweni , niyikhonze inkosi yaseBabele , kuyakuba kuhle kini.
Lapho sebemtshela uDavide lokho , wathumela ukuzihlangabeza , ngokuba ayenamahloni kakhulu lawo madoda . Yathi inkosi : Hlalani eJeriko , zize zihlume izilevu zenu, bese nibuya.
Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele izithelo ngokwalo , kuphela uma lihlala emvinini, kunjalo nani, kuphela uma nihlala kimi.
Njengalokho uBaba engithandile , nami nginithandile ; hlalani othandw eni lwami.
Hlalani kuleyo ndlu , nidle, niphuze abanipha khona ; ngokuba isisebenzi sifanele inkokhelo yaso. Ningangenisi ezindlini ngezindlu.
Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba ; kepha hlalani emzini , nize nembathiswe amandla avela phezulu. Ukuvalelisa kukaJesu nokwenyuselwa kwakhe (Mark. 16:19; IzE. 1:9)
Nakuyiphi indlu eningena kuyo, hlalani lapho, nize nimuke khona.
Bafika endaweni ethiwa iGetsemane; wathi kubafundi bakhe: Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka.
Wathi kubo : Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni ; hlalani lapha, nilinde.
Wathi kubo : Nakuphi lapho ningena khona endlini , hlalani kuyo , nize nimuke khona.
Ngalokho nani hlalani nilungele, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ngesikhathi eningasicabangiyo.
Khona uJesu wafika nabo endaweni ethiwa iGetsemane, wathi kubafundi: Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka laphaya.
Khona wathi kubo : Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.
Bhekani, njengalokho uJehova eniphile isabatha , ngalokho uyaninika ngosuku lwesithupha isinkwa sezinsuku ezimbili ; hlalani, kube yilowo nalowo endaweni yakhe , kungaphumi muntu endaweni yakhe ngosuku lwesikhombisa.
Isiprofetho nge -Arabiya. Hlalani ebusuku ehlathini lase -Arabiya nina mahele aseDedanimi.
U-Abrahama wathi ezincekwini zakhe : Hlalani lapha nembongolo ; mina nomfana sisaya laphaya, sikhuleke, sibuye size kini.
Yisho kuyo inkos i nakuyo indlovukazi ukut hi: Hlalani phansi ngokuzithoba, ngokuba izigqoko zenu ziwile phansi , umqhele wodumo lwenu.
UGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani wafunga kubo nakubantu babo , wathi: Ningesabi ukukhonza amaKaledi : hlalani ezweni , niyikhonze inkosi yaseBabele, kuyakuba kuhle kini.
Wathi-ke kuwo: Hlalani lapha lobu busuku, nginibuyisele izwi, njengalokhu uJehova eyakukhuluma kimi. Izikhulu zakwaMowabi zahlala-ke kuBileyamu.
Wathatha amadoda ayishumi kuwo amalunga omuzi , wathi: Hlalani phansi lapha. Ahlala.