Skip to Content

"icilongo"

27 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 14:8

Ngokuba um a icilongo likhala ngezwi elingaqondakaliyo , ngubani oyakuzilungiselela ukulwa na?

1 kwabaseKorinte 15:52

ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso , ngecilongo lokugcina ; ngokuba icilongo liyakukhala, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe.

1 uSamuweli 13:3

UJonathani wachitha ikhanda lamaFilisti elaliseGeba , amaFilisti akuzwa . USawule wabetha icilongo ezweni lonke, wathi: Makezwe amaHeberu.

2 AmaKhosi 9:13

Zase zishesha, zathatha, kwaba yileyo naleyo ingubo yayo, zazibeka phansi kwakhe esikhwelweni, zabetha icilongo, zathi: UJehu uyinkosi.

2 uSamuweli 18:16

UJowabe wayesebetha icilongo , abantu babuya ekumxosheni u -Israyeli, ngokuba uJowabe wabagodla abantu.

2 uSamuweli 20:1

Kwakukhona umuntu omubi ogama lakhe lalinguSheba indodana kaBikri umBenjamini; wabetha icilongo , wathi: Asinasabelo kuDavide , asinafa endodaneni kaJese; yiyani nonke ematendeni enu, Israyeli.

2 uSamuweli 20:22

Owesifazane wayeseya ngokuhlakanipha kwakhe kubantu bonke . Bamnquma uSheba indodana kaBikri ikhan da, baliphonsa kuJowabe . Yena wabetha icilongo , bahlakazeka kulowo muzi , baya, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. UJowabe wabuyela eJerusalema enkosini.

2 uSamuweli 2:28

UJowabe wayesebetha icilongo; bonke abantu bema, ababe besamxosha u- Israyeli, futhi ababe besalwa.

AbAhluleli 3:27

Kwathi esefikile , wabetha icilongo ezintabeni zakwa -Efrayimi, abantwana bakwa-Israyeli behla naye ezintabeni, yena ephambi kwabo.

AbAhluleli 6:34

Kepha uMoya kaJehova wammboza uGideyoni , wabetha icilongo , kwabuthana ama-Abiyezeri, amlandela.

AbAhluleli 7:18

Nxa ngibetha icilongo, mina nabo bonke abanami, bethani nani amacilongo nxazonke zekamu, nithi: EkaJehova nekaGideyoni!

AmaHubo 81:3

Bethani icilongo ekwethwaseni kwenyang a nasekuhlanganeni kwenyanga ngosuku lomkhosi wethu.

IsAmbulo 10:7

kepha ngezinsuku zezwi lengelosi yesikhombisa , lapho isizakubetha icilongo, imfihlakalo kaNkulunkulu isiyakube ifeziwe , njengalokho azazisa izinceku zakhe abaprofethi ngezindaba ezijabulisayo.

IsAmbulo 11:14

Kwadlula uMaye wesibili; bheka, uMaye wesithathu uyeza masinyane. Icilongo lesikhombisa

NgokukaMathewu 6:2

Ngakho-ke nxa wabela isipho , ungakhalisi icilongo phambi kwakho , njengalokhu kwenza abazenzisi emasinagogeni nasemigwaqweni ukuba badunyiswe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.

U-Amose 3:6

Kungabethwa icilongo emzini , bangesabi abantu , na? Umuzi ungehlelwa ngokubi, engakwenzamga uJehova, na?

U-Eksodusi 19:13

makangaphathwa ngesandla , kepha impela uyakukhandwa ngamatshe nokuba ahlatshwe ngemicibisholo ; noma kuyinkomo noma kungumuntu , akuyikuphila. Nxa icilongo likhala linganqamuki , bayakukhuphukela entabeni.

U-Isaya 18:3

Nonke nina enakhileyo ezweni nani nonke enihlezi emhlaben i bhekani, lapho ibhanela liphakanyiswa ezintabeni; zwanini, lapho icilongo libethwa.

U-Isaya 27:13

Kuyakuthi ngalolo suku libethwe icilongo elikhulu , kufike ababelahlekile ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.

UHezekeli 33:3

nalapho yena esebona inkemba yehla phezu kwezwe , abethe icilongo , axwayise abantu,

UHezekeli 33:6

Kepha uma umlindi ebona inkemba yehla , angabethi icilongo , abantu bangaxwayi, bese yehla inkemba, isuse umuntu kubo , uyasuswa ngenxa yobubi bakhe kepha igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni somlindi.

UHezekeli 7:14

Babethile icilongo, balungisile konke, kepha akakho ophuma impi, ngokuba ukufutheka kwami kuphezu kwaso sonke isixuku sabo.

UHoseya 8:1

Beka icilongo emlonyeni wakho ; onjengokhozi wehlela indlu kaJehova ; ngokuba beqile isivumelwano sami, baphambuka emthethweni wami.

UJoweli 2:1

Bethani icilongo eSiyoni , nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele; mabathuthumele bonke abakhe ezweni , ngokuba luyeza usuku lukaJehova , ngokuba lusondele;

UJoweli 2:15

Bethani icilongo eSiyoni, ningcwelise ukuzila ukudla, nibize umhlangano;

UNehemiya 4:18

nabakhi bonke babe nenkemba ibhincwe ezinkalweni zabo , bakha kanjalo. Owabetha icilongo wayengaseceleni kwami.

UZakariya 9:14

UJehova abesebonakala phezu kwabo , umcibisholo wakhe uphume njengonyazi; iNkosi uJehova iyakubetha icilongo , ihambe ngezivunguvungu zaseningizimu.