Skip to Content

"ifike"

10 occurrences in ZUL

1 iziKronike 17:25

Ngokuba wena Nkulunkulu wami wambulele endlebeni yenceku yakho ukuthi uyakuyakhela indlu ; ngalokho inceku yakho ifike kulokhu ukuba ikhuleke phambi kwakho.

1 kwabaseKorinte 11:26

Ngokuba njalo, nxa nidla lesi sinkwa niphuza lesi sitsha, nimemezela ukufa kweNkosi ize ifike.

EkaJakobe 5:7

Ngakho bekezelani, bazalwane, ize ifike iNkosi. Bhekani, umlimi uyalindela isithelo somhlaba esiyigugu , ebekezelela sona, size sithole imvula yokuqala neyamuva.

NgokukaLuka 15:30

kodwa kuthe ukuba ifike leyo ndodana yakho eqede imfuyo yakho nezifebe, wayihlabisa ithole elikhuluphalisiweyo.

NgokukaMarku 13:36

funa ifike ngokuzuma, inifumane nilele.

U-Isaya 47:11

Kepha ububi buyakukwehlela , awuyikwazi lapho buvela khona ; nengozi iyakuwela phezu kwakho , awuyikuba namandla okuyichezukisa , incithakalo ifike phezu kwakho ngokuzumayo, ungazi.

U-Isaya 56:1

Usho kanje uJehova , uthi: Gcinani ukwahlulela, nenze ukulunga, ngokuba insindiso yami iseduze ukuba ifike, nokulunga kwami ukuba kwambulwe.

UDaniyeli 11:13

Inkosi yasenyakatho iyakubuya, iveze isixuku esikhulu kunesokuqala , ifike nokufika ngasekupheleni kwezikhathi eziyiminyaka nempi enkulu nempahla eningi.

UJeremiya 50:36

Inkemba ifike phezu kwabaprofethi bamanga , babe yiziwula, inkemba ifike phezu kwamaqhawe alo, aphele amandla.

UJeremiya 50:37

Inkemba ifike phezu kwamahhashi alo , naphezu kwezinqola zalo, naphezu kwayo yonke ingxubevange yabantu ephakathi kwalo, babe njengabesifazane; inkemba ifike phezu kwengcebo yalo, ize iphangwe.