Skip to Content

"ihlazo"

44 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 17:26

UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye , wathi: Kuyakwenziwa ntoni kumuntu obulala lowo mFilisti , asuse ihlazo kwa -Israyeli, na? Ngokuba ngubani lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise impi kaNkulunkulu ophilayo na?

AmaHubo 132:18

Izitha zalo ngiyakuzembesa ihlazo , kepha kuyena uqobo umqhele wakhe uyakukhazimula.

AmaHubo 69:7

Ngokuba ngithwele isihlamba ngenxa yakho; ihlazo lisibekela ubuso bami.

AmaHubo 89:50

Khumbula, Nkosi, ihlazo lezinceku zakho nokuthi ngithwele esifubeni sami ihlazo lezizwe eziningi kakhulu,

IsAmbulo 16:15

Bheka, ngiyeza njengesela ; ubusisiwe olindayo , alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze balibone ihlazo lakhe.

IsAmbulo 3:18

ngiyakululeka ukuba uthenge kimi igolide elihlanzwe ngomlilo uku ze ucebe, nezingubo ezimhlophe ukuze wembathe, kungabonakali ihlazo lobuze bakho nomuthi wamehlo wokugcoba amehlo akho ukuba ubone.

IsiLilo 5:1

Khumbula, Jehova, esehlelwe yikho; bheka, ubone ihlazo lethu.

IzAga 12:16

Ukukhathazeka kwesiwula kuyaziwa ngosuku , kepha oqondileyo uyasibekela ihlazo.

IzAga 3:35

Abahlakaniphileyo bayakudla ifa lodumo , kepha iziwula ziyakuphiwa ihlazo.

KumaHeberu 12:2

sibhekile kuJesu , umqalisi nomphelelisi w okukholwa kwethu , owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.

KumaHeberu 13:13

Masiphumele kuye ngaphandle kwekamu, sithwale ihlazo lakhe.

NgokukaLuka 1:25

Yenze njalo iNkosi kimi emihleni eyangibheka ngayo ukususa ihlazo lami phakathi kwabantu.

NgokukaMathewu 1:19

Kepha uJosefa indoda yakhe engumuntu olungileyo , engathandi ukumthela ihlazo, wayefuna ukumlahla ngasese.

U-Ezra 4:14

Njengokuba manje sidla usawoti wendlu yenkosi , kungasifanele ukuba sibone ihlazo lenkosi, ngalokho sithumele sayazisa inkosi

U-Isaya 4:1

Ngalolo suku abesifazane abayisikhombisa bayakubamba indoda inye, bathi: Siyakudla isinkwa sethu , sembathe izingubo zethu . Masibizwe kuphela ngegama lakho, ususe ihlazo lethu. Inkazimulo yaseSiyoni

U-Isaya 54:4

Ungesabi, ngokuba awuyikujabha , ungabi namahloni , ngokuba awuyikujabhiswa, ngokuba uyakukhohlwa ihlazo lobusha bakho , ungabe usawakhumbula amahloni obufelokazi bakho.

UDaniyeli 11:18

Useyakubuphendulela ubuso bakhe eziqhingini , athathe eziningi , kepha isikhulu siyakuqeda ihlazo elenziwa nguye, futhi sibuyisele ihlazo lakhe kuye.

UDaniyeli 12:2

Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ihlazo nokunengwa okuphakade.

UGenesise 30:23

Wakhulelwa, wazala indodana, wathi: UNkulunkulu ususile ihlazo lami.

UHezekeli 16:52

Thwala wena ihlazo lakho , lokhu wathetha odadewenu ; ngezono z akho ozenzileyo ezinengekayo balungile kunawe ; yebo, mawujabhe, uthwale ihlazo lakho ngokuthetha odadewenu.

UHezekeli 16:54

ukuba uthwale ihlazo lakho, ujabhe ngenxa yakho konke okwenzileyo , ube yinduduzo kubo.

UHezekeli 22:4

ngegazi olichithileyo un ecala, nangezithombe zakho ozenzileyo ungcolile ; usondezile izinsuku zakho , ufikile eminyakeni yakho ; ngalokho ngikwenzile ihlazo ezizweni nenhlekiso emazweni onke.

UHezekeli 34:29

Ngiyakuzivusela insimu edumileyo ; azisayikususwa yindlala ezweni , zingasalithwali ihlazo labezizwe.

UHezekeli 36:15

Angisayikukuzwisa ihlazo labezizwe , ungasathwali amahloni abantu , ungasakhubekisi isizwe sakini, isho iNkosi uJehova.

UHezekeli 36:30

Ngiyakwandisa izithelo zomuthi nokudla komhlabathi , ningabe nisamukeliswa ihlazo lendlala phakathi kwezizwe.

UHezekeli 36:6

ngalokho profetha ngezwe lakwa -Israyeli, uthi kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bhekani, ngikhulume ngomhawu wami nangokufutheka kwami , ngokuba nithwele ihlazo labezizwe.

UHezekeli 36:7

Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngiphakamisile isandla sami ngokuthi: Impela abezizwe abakini nxazonke bayakuthwala ihlazo labo.

UHezekeli 39:26

Bayakuthwala ihlazo l abo nazo zonke izeqo zabo abeqe ngazo kimi , lapho beyakuhlala belondekile ezweni lakubo, kungabikho obesabisayo,

UHezekeli 44:13

Awayikusondela kimi abe ngabapristi kimi, angasondeli nasezintweni zami ezingcwele, izinto ezingcwele kakhulu , kepha ayakuthwala ihlazo lawo nezinengiso zawo azenzileyo.

UHoseya 10:6

Iyakuyiswa e -Asiriya ibe yisipho kuyo inkosi uJarebi ; u-Efrayimi uyakwamukela ihlazo, u-Israyeli ajabhe ngeziluleko zakhe.

UHoseya 12:14

U-Efrayimi ucunulile ngokubabisayo ; icala lakhe legazi liyakuphonswa phezu kwakhe; iNkosi yakhe ibuyisele kuye ihlazo lakhe.

UHoseya 2:10

Sengiyakwambula ihlazo lakh e emehlweni ezithandwa zakhe ; akuyikubakho omophula esandleni sami.

UHoseya 4:18

Ukuphuza kwabo sekuphelile ; bayafeba nokufeba ; izikhulu zabo zithandisisa ihlazo.

UJeremiya 13:26

Ngiyakuphakamisa imiphetho yakho ebusweni bakho , kubonakale ihlazo lakho.

UJeremiya 15:15

Uyazi wena Jehova ; ngikhumbule, ngihambele, ungiphindisele kwabangizingelayo; ungangisusi ngokubekezela kwakho ; yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.

UJeremiya 20:8

Njalo lapho ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhubhisa, lokhu izwi likaNkulunkulu lenziwa ihlazo nenhlekiso kimi usuku lonke.

UJeremiya 23:40

nginehlisele ihlazo eliphakade namahloni emiyo njalo okungayikukhohlakala.

UJeremiya 31:19

Impela lapho sengibuyisiwe , ngazisola, nalapho ngifundisiwe, ngashaya ithanga lami, ngaba namahloni, yebo, ngajabha, ngokuba ngathwala ihlazo lobusha bami.

UJeremiya 3:25

Masilale phansi namahloni , ihlazo lethu lisisibekele , ngokuba sonile kuJehova uNkulunkulu wethu , thina nawobaba , kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.

UJoshuwa 5:9

UJehova wayesethi kuJoshuwa : Namuhla ngilethulile kini ihlazo laseGibithe. Ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iGiligali kuze kube namuhla. Iphasika laseKhanani

UMika 2:6

Ningaprofethi, baprofetha, basho njalo , ningaprofethi ngalokho ; ihlazo aliyikusifica.

UMika 6:16

Izimiso zika-Omri ziyagcinwa, nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi; nihamba ngamacebo abo; ngalokho ngiyakunenza incithakalo nabakhileyo khona into encimfelwayo; niyakuthwala ihlazo labantu bami.

UNahume 3:5

Bheka, ngimelene nawe , usho uJehova Sebawoti ; ngiyakuphakamisa imiphetho yakho ebusweni bakho , ngibonise izizwe ubunqunu bakho , nemibuso ihlazo lakho.

UZefaniya 3:18

Abadabuka ngemikhosi ngiyakubabutha , ababahlukene nawe , usathwele ihlazo.