Skip to Content

"imfihlakalo"

21 occurrences in ZUL

1 kuThimothewu 3:16

Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi : Owabonakaliswa enyameni , walungisiswa emoyeni , wabonwa yizingelosi , washunyayelwa ezizweni , wakholeka ezweni , waphakanyiselwa enkazimulweni.

1 kuThimothewu 3:9

ephethe imfihlakalo yokukholwa kunembeza omhlophe.

1 kwabaseKorinte 15:51

Bhekani, ngiyanitshela imfihlakalo; asiyikulala sonke, kepha siyakuguqulwa sonke,

2 kwabaseThesalonika 2:7

Ngokuba imfihlakalo yokungabi namthetho isiyasebenza , kuphela ukuze kudediswe yena obambezelayo manje.

IsAmbulo 10:7

kepha ngezinsuku zezwi lengelosi yesikhombisa , lapho isizakubetha icilongo, imfihlakalo kaNkulunkulu isiyakube ifeziwe , njengalokho azazisa izinceku zakhe abaprofethi ngezindaba ezijabulisayo.

IsAmbulo 17:7

Yayisithi kimi ingelosi : Umangalelani na ? Ngizakukutshela imfihlakalo yowesifazane neyesilo esimthweleyo , esinamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi.

IsAmbulo 1:20

Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide yile : izinkanyezi eziyisikhombisa ziyizingelosi zamabandla ayisikhombisa , nezinti zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.

IzAga 25:9

Mela indaba yakho nomakhelwane wakho , ungambuli imfihlakalo yomunye,

Kwabase-Efesu 1:9

esazisa imfihlakalo yentando yakhe njengokuzibonela kwakhe azimisela khona ngaphambili,

Kwabase-Efesu 3:3

ukuthi ngaziswa imfihlakalo ngesambulo , njengalokho sengaloba ngokufushane --4okungakho, nxa nikufunda , ningaqonda ukwazi kwami ngemfihlakalo kaKristu,

Kwabase-Efesu 6:19

ninginxusele nami ukuba ngiphiwe izwi , nxa ngivula umlomo wami, ngize ngiyishumayele ngesibindi imfihlakalo yevangeli;

KwabaseKolose 1:26

ngisho imfihlakalo ebifihlakele selokhu kwaqala izikhathi nezizukulwane , kepha kalokhu yambuliwe kwabangcwele bakhe;

KwabaseKolose 2:2

ukuze izinhliziyo zabo ziduduzwe , behlanganisiwe othandweni babe nengcebo yonke yokwazi okuphelele , bazisise imfihlakalo kaNkulunkulu enguKristu,

KwabaseKolose 4:3

Nathi nisikhulekele, ukuze uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu engiboshwe ngenxa yayo,

U-Amose 3:7

Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho , ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.

UDaniyeli 2:19

Khona yabonakaliswa imfihlakalo kuDaniyeli ngombono ebusuku . UDaniyeli wambonga uNkulunkulu wasezulwini.

UDaniyeli 2:27

UDaniyeli waphendula phambi kwenkosi , wathi: Imfihlakalo e yibuzayo inkosi, abahlakaniphileyo, nabathwebulayo, nezanusi, nabahlola imihlola , bangeyibonise yona inkosi.

UHezekeli 28:3

bheka, uhlakaniphile kunoDaniyeli , ayikho imfihlakalo abangakufihlela yona;

UJobe 11:7

Ungathola imfihlakalo kaNkulunkulu na ? Ungamfumana uSomandla kuze kube sekupheleleni kwakhe na?

UJobe 15:8

Uzwile imfihlakalo kaNkulunkulu, wazigodlela wedwa ukuhlakanipha na?

UJobe 28:11

Uyavimba imifula ukuba ingacons i; imfihlakalo uyayikhiphela ekukhanyeni.