Skip to Content

"imfuyo"

46 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 3:13

Ngikunika futhi nalokho ongakucelanga , imfuyo nodumo , ngangokuba kungayikubakho onjengawe phakathi kwamakhosi zonke izinsuku zakho.

1 iziKronike 28:1

UDavide wabutha zonke izikhulu zakwa -Israyeli, izikhulu zezizwe , nezinduna zezigaba ezazikhonza inkosi , nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zayo yonke imfuyo yenkosi neyamadodana ayo , nezinduna zendlunkulu , namaqhawe, nawo onke am adoda anamandla eJerusalema.

AmaHubo 39:6

Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje ; impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.

AmaHubo 49:10

Qha, uyakubona ukuthi abahlakaniphileyo bayaf a nokuthi isiwula kanye nesiphukuphuku ziyabhubha, imfuyo yabo bayishiyele abanye.

AmaHubo 49:6

labo abathemba imfuyo yabo bezigabisa ngomcebo wabo omkhulu, na?

AmaHubo 62:10

Maningakwethembi ukuqhwaga , ningazigabisi ngokuphangiweyo ; uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.

AmaHubo 73:12

Bheka, laba bayibo ababi; bazinza njalo; bandisa imfuyo.

IzAga 10:15

Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla; incithakalo yabampofu ingubumpofu babo.

IzAga 12:27

Isidenge asiyosi inyamazane yaso , kepha imfuyo enqabileyo ingeyokhutheleyo.

IzAga 13:11

Imfuyo etholakala kalula iyancipha , kepha obutha kancane kancane uyandiselwa.

IzAga 18:11

Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla ; injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.

IzAga 19:4

Imfuyo iyenezela abangane abaningi, kepha ompofu uyashiywa ngumngane wakhe.

IzAga 20:21

Imfuyo ingatholwa ngokushesha ekuqaleni , kepha ukuphela kwayo akuyikubusiswa.

IzAga 28:22

Umuntu oneso elibi ushesha ukuba athole imfuyo ; akazi ukuthi ukuswela kuyakumehlela.

IzAga 28:8

Owandisa imfuyo yakhe ngenzalo nangenzuz o uyibuthela onomusa kwabampofu.

IzAga 29:3

Umuntu othanda ukuhlakanipha uthokozisa uyise, kepha umngane wezifebe uchitha imfuyo yakhe.

NgokukaLuka 15:13

Kwathi emva kwezinsuku ezingeziningi indodana encane yayisibutha konke, yamuka, yaya ezweni elikude , yachitha khona imfuyo yayo ihamba ngokonakala.

NgokukaLuka 15:30

kodwa kuthe ukuba ifike leyo ndodana yakho eqede imfuyo yakho nezifebe, wayihlabisa ithole elikhuluphalisiweyo.

U-Eksodusi 10:26

Imfuyo yethu nayo iyakuhamba nathi ; akuyikusala nanselo , ngokuba siyakuthatha kuyo lokhu esiyakumkhonza ngakho uJehova uNkulunkulu wethu; asikwazi esiyakumkhonza ngakho uJehova, singakafiki khona.

U-Eksodusi 12:38

Kwenyuka nabo ingxubevange yabantu , nezimvu, nezinkomo, imfuyo eningi kakhulu.

U-Eksodusi 9:19

Ngalokho thuma, ubuyise imfuyo yakho nakho konke onakho endle ; bonke abantu nazo zonke izinkomo okuyakufunyanwa endle kungagoduswanga kuyakuwelelwa yisichotho, kufe.

U-Eksodusi 9:6

Wakwenza-ke lokho uJehova ngangomuso ; yafa yonke imfuyo yaseGibithe , kepha emfuyweni yabantwana bakwa-Israyeli akwafa neyodwa.

U-Isaya 10:14

Isandla sami sifumene imfuyo yabantu njengesidleke, nanjengalokhu umuntu ebutha amaqanda ashiyiwey o ngibuthile wonke umhlaba , akwababikho oshaya phiko, novula mlomo, notshiyozayo.

U-Isaya 10:3

Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelw a nasekuchithakaleni okuvela kude na? Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na ? Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?

U-Isaya 30:6

Isiprofetho ngezilwane zaseNingizimu. Badabula izwe losizi nelokuhlupheka, lapha kuvela khona ibhubesi nebhubesikazi , ibululu nenyoka endizayo , bethwala imfuyo yabo emihlane yezimbongol o nengcebo yabo phezu kwamalunda amakamela bakuyise kubantu abangenansizakalo.

U-Isaya 60:11

Amasango akho ayakuvuleka njalo , awayikuvalwa imini nobusuku , ukuze imfuyo yezizwe ilethwe kuwe, amakhosi azo eqhutshwa eboshiwe.

U-Isaya 61:6

Kepha nina niyakuthiwa abapristi bakaJehova , niyakubizwa ngokuthi izikhonzi zikaNkulunkulu wethu ; niyakudla imfuyo yezizwe , nizibonge ngodumo lwazo.

U-Obadiya 1:11

Ngosuku owema kude ngalo , ngosuku abafokazi abasusa ngalo imfuyo yakhe, nabezizwe bangena ngamasango akhe , benza inkatho ngeJerusalema, nawe wawunjengomunye wabo.

UDuteronomi 11:6

nowakwenzayo kuDathani naku -Abiramu amadodana ka -Eliyabe kaRubeni ukuthi umhlaba wavula umlomo wawo , wabagwinya nabendlu yabo , namatende abo, nayo yonke imfuyo eyabalandelayo phakathi kwabo bonke abakwa-Israyeli.

UDuteronomi 8:18

Kepha womkhumbula uJehova uNkulunkulu wakho , ngokuba nguyena okupha amandla okuzuza imfuyo ukuba amise isivumelwano sakhe asifungela oyihlo njenganamuhla.

UGenesise 31:18

Wathatha yonke imfuyo yakhe ayizuzileyo , imfuyo yo kufuya kwakhe ayizuze ePhadani Aramu ukuba aye ku-Isaka uyise ezweni laseKhanani.

UGenesise 31:9

Kanjalo uNkulunkulu uthathile imfuyo kayihlo, wayinika mina.

UGenesise 36:7

Ngokuba imfuyo yabo yayiyinkulu kunokuba bahlale ndawonye , nezwe lokugogobala kwabo lalingenakubathwala ngenxa yemfuyo yabo.

UHezekeli 26:12

Bayakuphanga imfuyo yakho , bagcugce impahla yakho ethengiswayo , babhidlize izingange zakho , badilize izindlu zakho ezinhle , babeke amatshe akho nemithi yakho nesihlabathi sakho phakathi kwamanzi.

UHezekeli 28:4

ngokuhlakanipha kwakho nangokuqonda kwakh o uzizuzele imfuyo, wafaka igolide nesiliva engcebeni yakho;

UHezekeli 28:5

ngokuhlakanipha kwakho okukhulu kokutheng a wandisile imfuyo yakho ; inhliziyo yakho iziphakamisile ngenxa yengcebo yakho.

UHezekeli 38:12

ukuze uphange impango , ubamuke impahla , bese wuphendulela isandla sakho ezindaweni ezichithekileyo esezakhiwe nakubantu asebebuthiwe ezizweni, bezuza imfuyo nempahla, behlala enkabeni yezwe.

UHezekeli 38:13

ISheba, neDedani, nabathengi baseTharishishi kanye nazo z onke izingonyama zakho kuyakusho kuwe, kuthi: Ufikele ukuphanga na? Ubuthile iviyo lakho ukuba wamuke impahla , ususe isiliva negolide , uthathe imfuyo nempahla, uphange impango enkulu, na?

UHezekeli 44:28

Bayakuba nefa ; mina ngiyifa labo ; aniyikubanika imfuyo kwa -Israyeli; mina ngiyimfuyo yabo.

UHezekeli 46:18

Isikhulu asiyikuthatha efeni labantu ukubaphuca imfuyo yabo ; sithatha emfuyweni yaso siyakuwanika amadodana aso ifa ukuze abantu bami bangahlukani, kube yilowo nalowo nemfuyo yakhe.

UHoseya 12:8

U-Efrayimi uthi: Impela ngicebile, ngithole imfuyo; kukho konke ukuzuza kwami abayikufumana bubi obuyisono.

UJeremiya 15:13

Ngiyakunikela imfuyo yakh o nengcebo yakho kube yimpango kungengantengo, ngazo zonke izono zakho emikhawulweni yakho yonke.

UJeremiya 20:5

Futhi ngiyakunikela yonke imfuyo yalo muzi , nayo yonke imisebenzi yawo, nakho konke kwawo okuyigugu , yebo, yonke ingcebo yamakhosi akwaJuda esandleni sezitha zabo, ziyiphange, ziyithathe, ziyiyise eBabele.

UJobe 20:28

Imfuyo yendlu yakhe iyakumuka, inyamalale ngomuhla wentukuthelo.

UJobe 31:25

uma ngithokozile , ngokuba imfuyo yami inkul u nangokuba isandla sami sithole okuningi;

UZakariya 9:4

Bheka, iNkosi iyakulaphuca , iphonse imfuyo yalo elwandle , lona lidliwe ngumlilo.