Skip to Content

"imicabango"

31 occurrences in ZUL

AmaHubo 10:4

Omubi ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe uthi : Akanaki lutho ; akakho uNkulunkulu, injalo imicabango yakhe yonke.

AmaHubo 139:17

Imicabango yakho , Nkulunkulu, ingamagugu kimi ; bukhulu kangaka ubuningi bayo.

AmaHubo 139:23

Ngihole, Nkulunkulu, wazi inhliziyo yami; ngilinge, wazi imicabango yami,

AmaHubo 33:10

UJehova uchitha icebo labezizwe; uphuthisa imicabango yabantu.

AmaHubo 56:5

Amazwi ami bawahlanekezela usuku lonke ; yonke imicabango yabo iqonde ukungona.

AmaHubo 73:7

Amehlo abo aphinqekile ngokunona; imicabango yenhliziyo iyachichima.

AmaHubo 92:5

Yeka ubukhulu bezenzo zakho, Jehova. Imicabango yakho ijulile kakhulu.

AmaHubo 94:11

UJehova uyayazi imicabango yabantu ukuba ingumoya nje.

IzAga 12:5

Imicabango yabalungileyo ingeyokwahlulela , kepha iziluleko zababi ziyinkohliso.

IzAga 21:5

Imicabango yokhutheleyo isenzuzweni, kepha eyabo bonke abaphangisayo isekusweleni kuphela.

IzAga 6:18

nenhliziyo eceba imicabango emibi , nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini,

KumaHeberu 4:12

Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile , linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya , amalungu nomnkantsha , lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo;

KwabaseRoma 2:15

babonakalisa ukuthi umsebenzi womthetho ulotshiwe ezinhliziyweni zabo, nonembeza wabo uyafakaza naye , imicabango yabo imangalelana noma ivunana,

NgokukaLuka 11:17

Kepha yena eyazi imicabango yabo wathi kubo : Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, indlu idilike phezu kwendlu.

NgokukaMarku 7:21

ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi , nobufebe, nokweba, nokubulala,

U-Isaya 55:7

Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova , uyakuba nomusa kuye , yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu.

U-Isaya 55:8

Ngokuba imicabango yami ayisiyo imicabango yenu, nezindlela zenu azisizo izindlela zami, usho uJehova.

U-Isaya 59:7

Izinyawo zabo zigijimela ebubini , bashesha ukuchitha igazi elingenacala ; imicabango yabo iyimicabango yobubi ; incithakalo nokubhujiswa kusezindleleni zabo.

UDaniyeli 2:29

Wena-ke, nkosi, imicabango yakho yokuyakuba khona emva kwalokhu yafika kuwe usembhedeni wakho ; owambula izimfihlakalo ukwazisile okuyakuba khona.

UDaniyeli 2:30

Mina-ke, akungokuhlakanipha enginakho kunabanye abakhona ukut hi le mfihlakalo yambuliwe kimi , kepha kungukuba inkosi yaziswe incazelo nokuba wazi imicabango yenhliziyo yakho.

UDaniyeli 4:19

Khona uDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari wamangala isikhashana , imicabango yakhe ya mesabisa. Inkosi yathatha yathi : Beliteshasari, iphupho nencazo makungakwesabisi . UBeliteshasari waphendula wathi : Nkosi, iphupho malibe kwabakuzondayo, nencazo yalo kuzo izitha zakho.

UDaniyeli 4:5

Ngase ngibona iphupho, langethusa; imicabango embhedeni wami nemibono yekhanda lami yangesabisa.

UDaniyeli 5:10

Ngenxa yamazwi enkosi nawezinduna zayo kwase kungena inkosikazi endlini yedili ; inkosikazi yakhuluma yathi : Mana njalo , nkosi; imicabango yakho mayingakwesabisi, kungaguquki ukucwebezela kwakho.

UDaniyeli 7:28

Nakhu ukuphela kwendaba . Mina Daniyeli , imicabango yami yangikhathaza kakhulu , nokucwebezela kwami kwaguquka kimi , kepha ngayigcina indaba enhliziyweni yami.

UDuteronomi 31:21

Kuyakuthi lapho sebehlelwe ngokubi nezinhlupheko eziningi , leli hubo lifakaze phambi kwabo njengofak azi, ngokuba aliyikukhohlakala emilonyeni yenzalo yabo , lokhu ngiyazi imicabango yabo abayicabangayo namanje , ngingakabangenisi ezweni engalifungela bona.

UGenesise 8:21

UJehova wezwa iphunga elimnandi ; uJehova wathi enhliziyweni yakhe : Angisayikuphinda ngiqalekise umhlaba ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe ; angisayikuphinda ngibhubhise konke okuphilayo, njengalokho ngenzile.

UJeremiya 29:11

Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani , usho uJehova , imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba.

UJeremiya 4:14

Jerusalema, hlanza inhliziyo yakho , kuphume ububi , ukuze usindiswe . Koze kube nini imicabango yakho emibi ihlala phakathi kwakho na?

UJobe 20:2

Ngalokho imicabango yami iyangiphendul a ngenxa yokushesha okuphakathi kwami.

UJobe 21:27

Bhekani, ngiyazi imicabango yenu, namacebo enu eniyakungona ngawo.

UMika 4:12

Kepha azazi imicabango kaJehova , aziqondi amasu akhe , ngokuba uzibuthile njengezithungu esibuyeni.