"imifula"
33 occurrences in ZUL
Ngemba, ngaphuza amanzi angaziwayo; ngomisa ngamathe onyawo lwami yonke imifula yaseGibithe.
O-Abana noFariphari , imifula yaseDamaseku , abangcono kun awo onke amanzi akwa -Israyeli na ? Ngingegeze kuyo yini , ngihlambuluke, na? Wayesephenduka, wahamba ethukuthele.
Imifula wayiphendula ihlane, nemithombo yamanzi isigagadu,
Imifula yamanzi iyehlela emehlweni ami , ngokuba abagcini umthetho wakho.
Nguwena owaqhamukisa isiphethu nomfudlana ; nguwe owomisa imifula egobhoza njalo.
Waphendula lapho imifula yabo nemifudlana yabo yaba yigazi , ukuze bangabi nakuphuza.
Imifula iphakamisile , Jehova, imifula iphakamisile ukuholoba kwayo ; imifula iphakamisa ukuduma kwayo.
Imifula mayishaye ihlombe, izintaba zihalalise kanyekanye
Iso lami liyamululeka imifula yamanz i ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.
Okholwa yimi , njengokusho kombhalo , esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo.
Imifula iyakunuka , imifudlana yaseGibithe iyakuncipha , yome, kubune umhlanga nebungu.
Kuzo zonke izintaba eziphakemeyo nakuwo onke amagquma amade kuyakuba khona imifula nemifudlana yamanzi ngosuku lokuhlaba okukhulu, lapho kuyakuwa imibhoshongo.
Ngemba, ngaphuza amanzi ; ngomisa ngamathe onyawo lwam i yonke imifula yaseGibithe.
Ngiyakuvula imifula emadulini angenalutho nemithombo phakathi kwezigodi; ngiyakwenza ihlane libe yichibi lamanzi, nomhlabathi owomileyo ube yiziphethu zamanzi.
Ngiyakwenza ize izintaba namagquma , ngomise yonke imifino ya wo, ngenze imifula ibe yiziqhingi, ngenze amachibi ukuba ashe.
oshoyo kuwo umsinga ukuthi: Yisha, ngiyakomisa imifula yakho;
Thatha amatshe okugaya , ugaye impuphu , uyisuse imvakazi yakho , uwukhumule umhushuzo wakho, wambule umlenze, uwele imifula.
Ngalokho ekufikeni kwam i kwaba ngani ukuba kungabikho muntu , nasekubizeni kungabikho ophendulayo , na? Isandla sami sifinyeziwe nokufinyezwa, ukuze singahlengi na ? Noma angisenamandla okophula na ? Bheka, ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle , ngenze imifula ibe yihlane ; izinhlanzi zalo ziyanuka, ngokuba awakho amanzi, ziyafa ukoma.
UJehova uyathukuthelela imifula na ? Ulaka lwakho luvuthela imifula , nentukuthelo yakho ulwandle , lokhu ukhwele amahhashi akho , nezinqola zakho zokunqoba, na?
Ngiyakwenza imifula ishe, ngithengise ngezwe esandleni sababi , ngichithe izwe nokugcwala kwalo ngesandla sabafokazi; mina Jehova ngikukhulumile.
Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngosuku owehlela ngalo endaweni yabafileyo ngalwenza utwa ukuba lulile , ngalusibekela, ngavimba imifula yalo, namanzi amaningi avalelwa ; ngalenza iLebanoni libe mnyama ngenxa yawo; imithi yonke yasendle yadangala ngenxa yawo.
Amanzi awukhulisa , utwa lwawuphakamisa ; imifula yawo yahamb a yazungeza indawo yokutshalwa kwawo ; yayisithuma imisele yayo kuyo yonke imithi yasendle.
Ngiyakwenza ukuba amanzi abo abohle , ngihambise imifula yabo njengamafutha, isho iNkosi uJehova.
Ngiyakugcwalisa izintaba zayo ngababuleweyo bayo , abagwazwe ngenkemba bawa emagqumeni akho , nasezigodini zakho , nakuyo yonke imifula yakho.
ngalokho, zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi leNkosi uJehova lokuthi: Isho kanje iNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi, nakuzo izi ndawo ezichithekileyo , nakuyo imizi eshiyiweyo , osekuyimpango nenhlekiso yezizwe eziseleyo ezikhona nxazonke,
ngalokho profetha ngezwe lakwa -Israyeli, uthi kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bhekani, ngikhulume ngomhawu wami nangokufutheka kwami , ngokuba nithwele ihlazo labezizwe.
Nina zintaba zakwa -Israyeli, yizwani izwi leNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma , kuyo imifula yamanzi nakuzo izigodi , lithi: Bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwenu inkemba , ngichithe izindawo zenu eziphakemeyo.
Akayikubuka imifula, iminonjana nemifudlana yezinyosi namangqanga.
Uyavimba imifula ukuba ingacons i; imfihlakalo uyayikhiphela ekukhanyeni.
lapho izinyathelo zami zagezwa ngamangqanga , nedwala elalingakimi langithelela imifula yamafutha.
Yebo, nezilwane zasendle ziyakulangazelela , ngokuba imifula yamanzi ishile, nomlilo udlile amadlelo asehlane.
Kuyakuthi ngalolo suk u izintaba ziconse iwayini elimnandi , amagquma agobhoze ubisi , yonke imifula yakwaJuda igobhoze amanzi ; kuyakuvela umthombo endlini kaJehova oyakunisela isigodi saseShithimi.
Yonke imifula iyangena elwandle , kepha ulwandle alugcwali; endaweni eya kuyo imifula, ibuye iye khona njalo.