Skip to Content

"imihlambi"

17 occurrences in ZUL

1 iziKronike 27:29

imihlambi eyayiklaba eSharoni yayiphethwe nguShitirayi umSharoni , nemihlambi eyayisezigodini yayiphethwe nguShafati indodana ka-Adilayi;

2 iziKronike 17:11

AmaFilisti athile aletha izipho kuJehoshafati , nesiliva lentela ; nabase- Arabiya baletha kuye imihlambi , izinqama eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa nezimpongo eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa.

U-Isaya 60:7

Yonke imihlambi yaseKedari iyakubuthelwa kuwe , nezinqama zakwaNebayoti ziyakukukhonza , zikhuphukele e -altare lami ngokuthanda kwami, ngiyidumise indlu yodumo lwami.

U-Isaya 61:5

Abezizwe bayakumela ukwalusa imihlambi yenu , abafokazi babe ngabalimi benu nabaphathi bezivini zenu.

UGenesise 29:2

Wabheka, nanko umthombo endle , nemihlambi emithathu yezimvu ilele ngakuwo, ngokuba kulowo mthombo babephuzisa imihlambi ; itshe elalisemlonyeni womthombo lalilikhulu kakhulu.

UGenesise 29:8

Base bethi : Singekwenze lokho ingakabuthani imihlambi yonke , balisuse itshe emlonyeni womthombo; yikhona siyakuphuzisa izimvu. Ukubonana kukaJakobe noRaheli

UGenesise 30:36

Wamisa ibanga lezinsuku ezintathu phakathi kwakhe noJakobe ; uJakobe walusa imihlambi eseleyo kaLabani.

UGenesise 30:38

Wazifaka izinti abezebulile emikhombeni nasemiqengqeni yamanzi phambi kwemihlambi, lapho imihlambi iza khona ukuphuza ; yamitha ekufikeni kwayo ukuphuza.

UGenesise 30:39

Imihlambi yamitha phambi kwezin ti, imihlambi yazala ezinemishwe , nezimanakanaka, nezimagqabhagqabha.

UGenesise 30:41

Kwathi l apho ibiyakumitha imihlambi eqinileyo , uJakobe wabeka izinti phambi kwamehlo emihlambi emiqengqeni ukuba imithe phakathi kwezinti.

UGenesise 31:43

ULabani waphendula, wathi kuJakobe: Amadodakazi angamadodakazi ami, abantwana bangabantwana bami , imihlambi iyimihlambi yami ; konke okubonayo kungokwami ; lawa madodakazi ami ngingawenzela ntoni namuhla, nabantwana bawo abazalileyo, na?

UGenesise 34:23

Imihlambi yabo , nempahla yabo , nezinkomo zabo akuyikuba ng okwethu na? Masibavumele kuphela, bakhe kithi.

UGenesise 47:18

Usuphelile lowo mnyaka , beza kuye ngomnyaka wesibili , bathi kuye : Asiyikufihlela inkosi ukuthi imali yethu yonke isiphelile ; imihlambi yezinkomo isingeyenkosi ; akukho okuseleyo emehlweni enkosi ngaphandle kwemizimba yethu namazwe ethu.

UHezekeli 36:38

Njengomhlambi ongcwelisiweyo , njengomhlambi waseJerusalema emikhosini yalo emisiweyo , kanjalo imizi echithekileyo iyakugcwala imihlambi yabantu, bazi ukuthi nginguJehova.

UJobe 24:2

Imincele iyasuswa; bahlwitha imihlambi, bayiklabise.

UJoweli 1:18

Yeka, ukububula kwezilwane ! Imihlambi yezinkomo ikhungathekile , ngokuba ayinadlelo, yebo, nemihlambi yezimvu izithwese icala.

UZefaniya 2:14

Imihlambi iyakubuthisa phakathi kwalo , zonke izilwane zesizwe , ivuba nonondwebu kuhlale ebusuku ezihlokweni zezinsika zalo , isikhova sikhale emafasiteleni, kube khona incithakalo emigulugulwini , ngokuba wambulile okwemisedari.