Skip to Content

"impango"

61 occurrences in ZUL

1 iziKronike 20:2

UDavide wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo, wafumana isisindo sawo ukuthi sasiyitalenta legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide; wakhipha emzini impango eningi kakhulu.

1 uSamuweli 14:30

Kakhulu kangakanani, uma abantu bebedlile impela impango yezitha zabo abayifumanayo, ngokuba nga engabulawanga kakhulu amaFilisti na?

1 uSamuweli 15:21

Kepha abantu bathatha kuyo impango , izimvu nezinkabi , okuhle kokuqalekisiweyo, ukuba bahlabele uJehova uNkulunkulu wakho eGiligali.

1 uSamuweli 30:16

Wayesemehlisa; bheka, babehlakazekile endaweni yonke , bedla, bephuza, besina phakathi kwayo yonke impango ababeyithathile ezweni lamaFilisti nasezweni lakwaJuda.

1 uSamuweli 30:26

UDavide esefike eSikilagi wathuma enye impango kumalunga akwaJuda nakubo abangane bakhe, ethi: Bhekani, naso isipho senu sempango yezitha zikaJehova:

2 iziKronike 14:14

Bachitha yonke imizi ezungeza iGerari , ngokuba ingebhe ngoJehova yayiphezu kwabo ; baphanga yonke imizi, ngokuba kwakukhona impango eningi kuyo.

2 iziKronike 20:25

Lapho uJehoshafati nabantu bakhe befika ukuqoqa impango kubo , bafumanisa phakathi kwabo ubuningi bengcebo nezidumbu nezinto ezinxanelekayo, bazihlubulela zona , kwaze kwangabakho ongazithwala ; kwaba yizinsuku ezintathu beqoqa impango, ngokuba yayiningi kangaka.

2 iziKronike 24:23

Kwathi ngasekupheleni komnyaka impi yase -Aramu yakhuphukela kuye , yafika kwaJuda naseJerusalema, yabhubhisa zonke izikhulu zabantu phakathi kwabantu, yathuma yonke impango yazo enkosini yaseDamaseku.

2 iziKronike 25:13

Kepha abantu bempi ababebuyiselwe emu va ngu -Amasiya ukuba bangaphumi impi naye baphundla imizi yakwaJuda kusukela eSamariya kuze kube seBeti Horo ni, babulala kuyo izinkulungwane ezintathu , bathatha impango eningi.

2 iziKronike 28:15

Namadoda abizwe ngamagama ayesesukuma , abathatha abathunjwa, abembathisa impango bonke ababehamba ze , abembathisa, abafaka izicathulo, abapha ukudla , abaphuzisa, abagcoba, abakhweza ezimbongolweni bonke ababebuthakathaka , abayisa eJeriko umuzi wamasundu kubafowabo; ayesebuyela eSamariya.

2 iziKronike 28:8

Abantwana bakwa -Israyeli bathumba kubafowabo izinkulungwane ezingamakhulu amabili , abesifazane, namadodana, namadodakazi, besusa kubo nempango eningi, beyiyisa impango eSamariya.

2 uSamuweli 12:30

Wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo ; isisindo sawo sasiyitalenta legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide ; wakhipha emzini impango eningi kakhulu.

2 uSamuweli 3:22

Bheka, izinceku zikaDavide nezikaJowabe zabuya eviyweni , zaletha impango enkulu; kepha u-Abineri wayengekho kuDavide eHebroni , ngokuba wayemmukisile, wahamba ngokuthula.

AbAhluleli 5:11

Ekwahlukaniseni impango phakath i kwemiqengqe yamanzi balanda khona izenzo ezilungileyo zikaJehova , ukulunga kokubusa kwakhe kwa -Israyeli; khona abantu bakaJehova behlela emasangweni.

AbAhluleli 5:30

Angithi batholile babelana impango ? Intombi, yebo, izintombi ezimbili endodeni ngayinye ; kuSisera impango yezingubo ezinemibala , impango yezingubo ezinemibala ezifekethisiweyo ; izingubo ezimbili ezinemibala ezifekethisiweyo zezintamo zaba yimpango.

AmaHubo 104:21

Izingonyama ezintsha zibhongela impango , zifuna ukudla kwazo kuNkulunkulu.

AmaHubo 119:162

Ngithokoza ngezwi lakho njengozuza impango enkulu.

AmaHubo 68:12

Amakhosi ezimpi ayabaleka ; ayabaleka wona ; isifazane esihlezi ekhaya sabela impango.

IzAga 12:12

Ishinga lifisa impango yababi, kepha impande yabalungileyo iyathela.

IzAga 16:19

Kungcono ukuba nomoy a othobekileyo kan ye nabathobekileyo, kunokwabelana impango nabazidlayo.

IzAga 1:19

Zinjalo izindlela zabo bonke abaphanga impango ; iyasusa ukuphila komniniyo.

NgokukaLuka 11:22

Kepha nxa onamandla kunaso esisukela , asinqobe, uyasaphuca izikhali zaso zonke ebesizethembile, ayabe impango yaso.

NgokukaMathewu 23:25

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazensizi, ngokuba nihlambulula ingaphandle lenkezo nesitsha , kepha ngaphakathi kugcwele impango nokuhuheka!

U-Eksodusi 15:9

Isitha sathi: Ngiyakubaxosha, ngibafice, ngahlukanise impango , inhliziyo yami idele ngabo; ngiyakuhosha inkemba yami, isandla sami sibachithe.

U-Isaya 10:6

Ngiyalithuma esizweni esingenaNkulunkulu , ngiliyaleze ngabantu bentukuthelo yam i ukuba liphange impango , liqhwage, libenze okunyathelwayo njengodaka lwasezitaladini.

U-Isaya 33:23

Izintambo zakho ziya xega, azinakusiqinisa isiqu sensika yabo , azinakumeneka useyili ; khona iyakwabelwa impango enkulu ephangiweyo ; nezinyonga ziyakuthatha impango.

U-Isaya 33:4

Impango iyakubuthwa njengoku butha kwecimbi , nanjengokuhlasela kwezinkumbi iyakuhlaselwa.

U-Isaya 3:14

UJehova uyakungena ekwahluleleni namalunga abantu bakhe nezikhulu zabo ngokuthi: Yinina eniqedile isivini, impango yabampofu isezindlini zenu.

U-Isaya 49:24

Impango ingasuswa kuwo amaqhawe , nabathunjwa bangophulwa kubacindezeli, na?

U-Isaya 53:12

Ngalokho ngiyakuyabela kanye nabakhulu , yahlukanise impango nabanamandla, ngokuba yawuthulula umphefumulo wayo ekufeni , yabalwa kanye nezelelesi; yathwala nokho izono zabaningi, yakhulekela aboni.

U-Isaya 59:15

Iqiniso lisilele; osuka ebubini uzenza impango ; uJehova wakubona lokho , kwaba kubi emehlweni akhe ukuthi ukwahlulela akukho.

U-Isaya 5:29

Ukubhonga kwabo kunjengokwengonyamakazi, bayakubhonga njengamabhongo ebhubesi, yebo, bayakugwavuma, babambe impango yabo , bamuke nayo, kungekho oyophulayo.

U-Isaya 9:3

Uyakwandisa isizwe , ukhulise intokozo yaso ; bathokoza phambi kwakh o njengokuthokoza ekuvuneni , njengalokhu abantu bethokoza ekwabeleni kwabo impango.

UDaniyeli 11:24

Ngesikhathi sokuthula uyakusukela izindawo ezinonileyo zesifunda , akwenze okungenziwanga ngoyise nangoyisemkhulu : uyakuhlakaza phakathi kwabo impango , nengcugco, nempahla, acebe amacebo ngezinqaba kube yisikhathi.

UDuteronomi 13:16

Uyakuyibuthela yonke impango yawo phakathi nesigcawu sawo , uwushise umuzi ngomlilo, nayo yonke impango yawo , ibe ngumnikelo oshiswa wonke kuJehova uNkulunkulu wakho, ube yinxiwa njalo, ungabe usakhiwa futhi.

UDuteronomi 20:14

kepha abesifazane , nabantwana, nezinkomo, nakho konke okusemzini, yebo, yonke impango yawo , uyakukuthatha kube yimpango yakho , uyidle impango yezitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho akunike yona.

UGenesise 49:27

UBenjamini uyimpisi ehomfuzayo ; ekuseni uyadla impango , kusihlwa uyahlukanisa akuphangileyo.

UHezekeli 19:3

Yakhulisa elinye lamawundlu ayo , laba yibhongo ; lafunda ukubamba impango, ladla abantu.

UHezekeli 19:6

Lahambahamba phakathi kwezingonyama , liyibhongo; lafunda ukubamba impango, ladla abantu.

UHezekeli 22:25

Kukhona uzungu lwabaprofethi bawo phakathi kwawo njengengonyama ebhongayo edwengula impango ; badlile imiphefumulo , bathatha ingcebo nokuyigugu; benzile abafelokazi babo babe baningi phakathi kwawo.

UHezekeli 22:27

Izikhulu zawo phakathi kwawo zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuchitha igazi nokuqeda imiphefumulo ukuba ziphange nokuphanga.

UHezekeli 29:19

Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, ngizakunika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele , izwe laseGibithe ; uyakuyisusa ingcebo yalo, aphange impango yalo, agcugce ingcugco yalo, kube yinkokhelo yempi yakhe.

UHezekeli 38:12

ukuze uphange impango , ubamuke impahla , bese wuphendulela isandla sakho ezindaweni ezichithekileyo esezakhiwe nakubantu asebebuthiwe ezizweni, bezuza imfuyo nempahla, behlala enkabeni yezwe.

UHezekeli 38:13

ISheba, neDedani, nabathengi baseTharishishi kanye nazo z onke izingonyama zakho kuyakusho kuwe, kuthi: Ufikele ukuphanga na? Ubuthile iviyo lakho ukuba wamuke impahla , ususe isiliva negolide , uthathe imfuyo nempahla, uphange impango enkulu, na?

UJeremiya 2:14

U-Israyeli uyisigqila yini , uyisigqila esazalelwa ekhaya na ? Waba kanjani impango na?

UJeremiya 6:13

Ngokuba kusukela kwabancane bab o kuya kwabakhulu bab o bayaphanga impango bonke, nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.

UJeremiya 8:10

Ngalokho abafazi babo ngiyakubanika abanye , namasimu abo kwabayakuwadla, ngokuba kusukela kwabancane kuya kwabakhul u bayaphanga impango bonke , nabaprofethi nabapristi bonk e baqamba amanga.

UJobe 29:17

Ngaphula imihlathi yowonayo, ngahlwitha impango emazinyweni akhe.

UJobe 38:39

Uyazingelela ibhubesikazi impango, usuthise iphango lamabhongo,

UJobe 4:11

Ibhubesi elinamandla liyabhubha ngokuswela impango ; amawundlu ebhubesikazi ayahlakazeka.

UJoshuwa 11:14

Impango yonke yale mizi nezinkomo abantwana b akwa-Israyeli baziphangela khona; kepha bachitha bonke abantu ngosiko lwenkemba baze babaqeda; abashiyanga noyedwa ophefumulayo.

UJoshuwa 22:8

Buyelani ematendeni enu nemfuyo eningi : izinkomo eziningi kakhulu , nesiliva, negolide, nethusi, nensimbi, nezingubo eziningi, nabelane impango yezitha zenu nabafowenu.

UJoshuwa 8:2

uyakwenza kulo i-Ayi nenkosi yalo njengalokho wenza kulo iJeriko nenkosi yalo; impango yalo kuphela nezinkomo zalo niyakuziphangela khona . Wuqamekele umuzi emva kwawo.

UNahume 2:13

Bheka, ngimelene nawe , usho uJehova Sebawoti ; ngiyakushisa izinqola zakho emsini , inkemba idle amabhongo akho ezingonyama ; ngiyakunquma impango yakho emhlabeni, nezwi lezithunywa zakho alisayikuzwakala.

UNumeri 23:24

Bheka, abantu bavuk a njengengonyamakazi, nanjengengonyama bayaziphakamisa; abayikulala phansi, bengakayidli impango, baphuze igazi lababuleweyo.

UNumeri 31:11

Bathatha yonke impango nayo yonke impahla edliweyo, abantu nezilwane.

UNumeri 31:26

Balani impango yonke ethathiweyo , abantu nezilwane, wena no-Eleyazare umpristi, nezinhloko zezindlu zawoyise benhlangano,

UNumeri 31:27

wena wahlukanisele impango kabili phakathi kwamadoda empi aya ekulweni nenhlangano yonke,

UNumeri 31:32

Impango-ke eyayisele kwethathiwe ngamadoda empi yayiyizimvu eziyizinkulungwane ezinga makhulu ayisithupha namashumi ayisikhombisa nanhlanu,

UNumeri 31:53

Ngokuba amadoda empi ayezithathele impango , kwaba yileyo naleyo ngokwayo.

UZakariya 14:1

Bheka, luyeza usuku lukaJehova , lapho impango yakho iyakwahlukaniswa phakathi kwakho.