Skip to Content

"indlala"

43 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 18:2

Wayesehamba u -Eliya ukuzibonakalisa ku -Ahabi. Indlala yayinamandla eSamariya.

1 AmaKhosi 8:37

Uma kukhona indlala ezweni , noma kukhona isifo , noma kukhona ukuhamuka, nesikhutha, nesikhonyane, nemiswenya, noma isitha sabo sibavimbezela ezweni lemizi yabo, noma kuyiphi inhlupheko nasiphi isifo,

1 iziKronike 21:12

Zikhethele noma indlala yeminyaka emithathu , noma ukuchithwa yizitha zakho iz inyanga ezintathu uficwa yinkemba yezitha zakho , noma izinsuku ezintathu zenkemba kaJehova nesifo ezweni , ingelosi kaJehova ichithe emikhawulweni yonke yakwa -Israyeli. Manje zibonele izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.

2 AmaKhosi 25:3

Ngosuku lwesishiyagalolunye lwenyanga indlala yaba namandla emzini , akubangakho kudla kubantu bezwe.

2 AmaKhosi 4:38

U-Elisha wabuyela eGiligali ; kwakukhona indlala kulelo zwe ; amadodana abaprofethi ayehlezi phambi kwakhe ; wathi encekwini yakhe: Bheka ikhanzi elikhulu, uphekele amadodana abaprofethi ukudla.

2 AmaKhosi 6:23

Yayisibalungisela idili, badla, baphuza; yabavumela ukuba bahambe , baya enkosini yabo . Amaviyo ama -Aramu awabe esaphinda ukungena ezweni lakwa-Israyeli. Indlala yaseSamariya

2 AmaKhosi 6:25

Kwaba khona indlala enkulu eSamar iya; bheka, balivimbezela kwaze kwathengiswa ngekhanda lembongolo ngezinhlamvu ezingamashumi ayisishiyagalombili zesiliva nokwesine kwesigaxa somswani wejuba ngezinhlamvu eziyisihlanu zesiliva.

2 AmaKhosi 7:4

Uma sithi : S iyakungena emzini , indlala isemzini , siyakufela khona ; uma sihlezi lapha , siyakufa futhi . Ngalokho masihambe sisukele ikamu lama - Aramu; uma esiyeka, siyakuphila; uma esibulala, siyakufa.

2 AmaKhosi 8:1

U-Elisha wayekhulumile nowesifazane ondodana yakhe ayivusile ngokuthi : Suka uhambe wena nabendlu yakho, uhlale lapho ungahlala khona, ngokuba uJehova umemezele indlala, futhi iyakufika ezweni iminyaka eyisikhombisa.

2 iziKronike 6:28

Uma kukhona indlala ezweni , noma kukhona isifo , noma kukhona ukuhamuka, nesikhutha, nesikhonyane, nemiswenya, noma izitha zabo zibavimbezela ezweni lemizi yabo, noma kuyiphi inhlupheko nasiphi isifo,

2 uSamuweli 21:1

Kwaba khon a indlala ezinsukwini zikaDavide iminyaka emithathu ngokulandelana; uDavide wafuna ubuso bukaJehova . UJehova wathi : Kungenxa kaSawule nangenxa yendlu yakhe yegazi , ngokuba wabulala abaseGibeyoni.

AmaHubo 105:16

Futhi wathuma indlala phezu kwezwe, walwaphula uzime lwesinkwa.

IzEnzo 11:28

Kwasukuma omunye kubo ogama lakhe lingu -Agabu, wakhomba ngoMoya ukuthi kuzakuba khona indlala enzima ezweni lonke ; yaba khona emihleni kaKlawudiyu.

IzEnzo 7:11

Kepha kwafika indlala kulo lonke iGibithe nakwaKhanani , nokuhlupheka okukhulu; obaba kabafumana ukudla.

KwabaseRoma 8:35

Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na ? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba ze, noma ingozi, noma inkemba, na?

NgokukaLuka 15:14

Isisaphaze konke, kwavela indlala enkulu kulelo zwe; yaqala ukuswela.

NgokukaLuka 15:17

Kuthe sekusile kuyo , yathi: Bangaki abaqashwa bakab aba abanokudla okuningi, kanti mina ngifa indlala lapha.

NgokukaLuka 4:25

Kepha ngempela ngithi kini : Kwakukhona kwa -Israyeli abafelokazi abaningi emihleni ka-Eliya, lapho izulu lalivalekile iminyaka emi thathu nezinyanga eziyisithupha, kwaba khona indlala enkulu ezweni lonke;

NgokukaMarku 13:8

Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe , nombuso uvukele umbuso ; kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo , kube khona indlala ; lokhu kungukuqala kwemihelo.

NgokukaMathewu 24:7

Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo.

U-Amose 8:10

Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe ngukukhala, nezihlabelelo zenu zonke zibe yizililo, ngibeke izindwangu zamasaka ezinkalweni zonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda , ngikwenze kube njengokulilela indodana eyodwa , ukuphela kwakho kube njengosuku olumunyu. Indlala yezwi likaNkulunkulu

U-Amose 8:11

Bhekani, izinsuku ziyeza, isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakuthuma indlala ezweni, kungabi yindlala yezinkwa, kungabi ngukomela amanzi, kepha kube ngeyokuzwa amazwi kaJehova.

UDuteronomi 32:24

Bayakuphela indlala , baqedwe ngukushisa komzimba , nayisifo esibuhlungu, ngibathumele amazinyo ezilwane , kanye nesihlungu sezikhasayo othulini.

UGenesise 12:10

Kwakukhona indlala ezweni ; u-Abrama wehlela eGibithe ukuba agogobale khona, ngokuba indlala yayinzima ezweni.

UGenesise 26:1

Kwaba khona indlala ezweni ngaphandle kwendlala yokuqal a eyayikhona emihleni ka-Abrahama; u-Isaka waya eGerari ku-Abimeleki inkosi yamaFilisti.

UGenesise 41:30

Emva kwayo iyakuvela iminyaka eyisikhombisa yendlala ; iyakukhohlakala inala yonke ezweni laseGibithe; indlala iyakuliqeda izwe.

UGenesise 41:49

UJosefa waqongelela amabele angangesihlabathi solwandle , okuningi kakhulu, waze wayeka ukubala, ngokuba kwakungenakubalwa. Indlala

UGenesise 41:56

Indlala yayisebusweni bezwe lonke ; uJosefa wavula zonke izinqolobane , wathengisela abaseGibithe; indlala yayinzima ezweni laseGibithe.

UGenesise 41:57

Amazwe onke afika kuJosefa eGibithe ukuyothenga amabele , ngokuba indlala yayinzima emhlabeni wonke.

UGenesise 42:33

Lowo muntu, inkosi yezwe, wayesethi kithi: Ngalokhu ngiyokwazi ukuthi ningabaqotho: shiyani kimi omunye wabafowenu, niphathele indlala yezindlu zenu ukudla, nimuke,

UGenesise 42:5

Ayesefika amadodana ka -Israyeli ukuthenga phakathi kwalabo ab abefika, ngokuba kwakukhona indlala ezweni laseKhanani.

UGenesise 43:1

Indlala yayinzima ezweni.

UGenesise 45:6

Ngokuba isimibili iminyaka indlala ikhona ezweni ; kusasele iminyaka eyisihlanu okungayikulinywa, kuvunwe ngayo.

UGenesise 47:13

Ukudla kwakungekho ezweni lonke , ngokuba indlala yayinzima kakhulu ; izwe laseGibithe nezwe laseKhanani afa indlala.

UGenesise 47:20

UJosefa wamthengela uFaro izwe lonke laseGibithe , ngokuba bonke abaseGibithe bathengisa ngamasimu abo , lokhu indlala yayinzima phezu kwabo; izwe lase liba ngelikaFaro.

UGenesise 47:4

Bathi kuFaro: Size ukugogobala ezweni, ngokuba akukho dlelo lemihlambi yezinceku zakho , lokhu indlala inzima ezweni laseKhanani ; ngalokho izinceku zakho mazakhe ezweni laseGosheni.

UHezekeli 14:13

Ndodana yomuntu , lapho izwe lona kimi ngokwenza iziphambeko , ngelulele isandla sami phezu kwalo , ngaphule uzime lwalo lwesinkwa , ngithume indlala kulo, nginqume kulo abantu nezilwane,

UHezekeli 36:29

Ngiyakunisindisa kukho konke ukungcola kwenu , ngibize amabele, ngiwandise, ngingabeki indlala phezu kwenu.

UHezekeli 5:16

Lapho ngithumela kini imicibisholo emibi yendlala eyakuba ngukuchitheka kwabo, engiyakuyithuma ukunichitha, ngiyakukhulisa indlala phe zu kwenu, ngaphule uzime lwenu lwesinkwa,

UHezekeli 5:17

ngithumele kini indlala nezilwane ezimbi, zikwaphuce abantwana, kudlule phezu kwakho isifo negazi , ngehlisele inkemba phezu kwakho . Mina Jehova ngikhulumile.

UJeremiya 42:16

inkemba eniyesabayo iyakunifica khona ezweni laseGibithe , indlala eninovalo ngayo inamathele kini lapho eGibithe, nifele khona.

UJeremiya 52:6

Ngenyanga yesine ngolwesishiyagalolunye lwenyanga indlala yaba namandla emzini, akubangakho kudla kubantu bezwe.

URuthe 1:1

Kwathi emihleni abahlulela ngayo abahluleli kwaba khona indlala ezweni . Umuntu othile waseBetlehema Juda waya u kuyohlala ezweni lakwaMowabi, yena nomkakhe, namadodana akhe amabili.