Skip to Content

"inetha"

19 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 7:18

Wenza amapomegranati; kwakuyizinhla ezimbili nxazonke kwelinye inetha ukwembesa izihloko ezaziphezu kwezinsika ; wenze njalo nakwesinye isihloko.

AmaHubo 140:5

Abazidlayo bangifihlela ugibe ; ngezintambo bendlala inetha ; eceleni kwendlela bangibekela izihibe. Sela

AmaHubo 35:8

Ukubhujiswa makumehlele engazelele ; inetha lakhe alibeke ngasesitha malimbambe yena; makawele kulo kube ngukubhujiswa kwakhe.

IsiLilo 1:13

Ephezulu ungithumele umlil o emathanjeni ami , wawahlula; wenekele izinyawo zami inetha , wangibuyisela emuva. Ungenze incithakalo, ngiphele amandla usuku lonke.

IzAga 1:17

Ngokuba inetha lenekelwe ize emehlweni azo zonke izinyoni.

IzAga 29:5

Umuntu othopha umakhelwane wakhe wenekela izinyawo zakhe inetha.

NgokukaJohane 21:11

Wasuka uSimoni Petru , walihudulela emhlabathini inetha . Ligcwele izinhlanzi ezinkulu , ziyikhulu namashumi ayisihlanu nantathu ; noma zingako, inetha alidabukanga.

NgokukaJohane 21:6

Wayesethi kubo : Phonsani inetha ngakwesokunene somkhumbi , nizakuthola. Base bephonsa , ababe besaba namandla ukulidonsa ngenxa yobuningi bezinhlanzi.

NgokukaJohane 21:8

Kepha abanye abafundi beza ngesikebhe, ngokuba bebengekude nenhlabathi kepha kungathi izingalo ezingamakhulu amabili , bedonsa inetha linezinhlanzi.

NgokukaMarku 1:16

Kwathi edlula ngaselwandle lwaseGalile , wabona oSimoni no -Andreya umfowabo kaSimoni bephonsa inetha elwandle, ngokuba babe ngabadobi.

NgokukaMathewu 4:18

UJesu ehamba ngaselwandle lwase Galile wabona izelamani ezimbili , uSimoni othiwa uPetru no -Andreya umfowabo , bephonsa inetha elwandle ; ngokuba babe ngabadobi.

U-Eksodusi 27:5

Wolibeka ngaphansi , phansi kosiko oluzungeza i -altare, ukuba inetha lifinyelele ngaphakathi kwe-altare ukuya phezulu.

UHabakuki 1:16

Ngalokho uyahlabela inetha lakhe , ashisele inetha lakhe elihudulwayo impepho, ngokuba isabelo sakhe siy anona ngakho , kube mnandi ukudla kwakhe.

UHabakuki 1:17

Ngalokho uyakuthulula inetha lakhe , abulale njalo izizwe ngokunganqamukiyo, na?

UHezekeli 12:13

Ngiyakuleneka inetha lami phezu kwaso , sibanjwe ogibeni lwami ; ngiyakusiyisa eBabele ezweni lamaKaledi. Kepha asiyikulibona, noma sifela khona.

UHezekeli 17:20

Ngiyakweneka inetha lami , abanjwe ogibeni lwami , ngimyise eBabele , ngimahlulele khona ngeseqo sakhe eqe ngaso kimi.

UHezekeli 19:8

Izizwe zase zilihlelela nxazonke , zivela emazweni , zeneka phezu kwalo inetha, labanjwa emgodini wazo.

UHezekeli 32:3

Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakweneka inetha lami phezu kwakho ngesixuku sabantu abaningi, bakukhuphule ngenetha lami.

UHoseya 7:12

Lapho sebehamba , ngiyabenekela inetha lami , ngibehlise njengezinyoni zezulu, ngibajezise njengokuzwakeleyo ebandleni labo.