Skip to Content

"ingalo"

22 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 2:31

Bheka, izinsuku ziyeza engiyakunquma ngazo ingalo yakho nengalo yendlu kayihlo ukuba kungabikho xhegu endlini yakho.

AmaHubo 10:15

Yaphula ingalo yomubi ; buphenyisise ububi besoni , ukuze ungabe usabufumana.

AmaHubo 71:18

Futhi mawungangishiyi, nxa ngimdala, ngiyimpunga, ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane, amandla akho kubo bonke abezayo.

AmaHubo 89:13

Ingalo yakho inobuqhawe , isandla sakho sinamandla, esokunene sakho siphakeme.

AmaHubo 89:21

Isandla sami siyakuba naye siqinile, ingalo yami iyakumqinisa.

NgokukaJohane 12:38

ukuba izwi lika -Isaya umprofethi ligcwaliseke , alikhuluma lokuthi: Nkosi, ngubani owakholwa ngukushumayela kwethu na ? Ingalo yeNkosi yambulelwa bani na?

NgokukaLuka 12:25

Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka enezele ebudeni bakhe ingalo na?

NgokukaMathewu 6:27

Ngumuphi kini ongelekela ebudeni bakhe ingalo ibe nye ngokukhathazeka na?

U-Eksodusi 26:13

Ingalo ngalapha nengalo ngalapha kulokho okudluleleyo ebudeni bezilenge zetende azilenge emaceleni etabernakele ngalapha nangalapha ukulisibekela.

U-Isaya 40:10

Bhekani, iNkosi uJehova iyeza ngamandla ; ingalo yayo iyakumbusela ; bhekani, umvuzo wayo inawo, inkokhelo yayo iphambi kwayo.

U-Isaya 52:10

UJehova wambulile ingalo yakhe engcwel e emehlweni ezizwe zonke , namajukujuku onke omhlaba ayakubona insindiso kaNkulunkulu wethu.

U-Isaya 53:1

Ngubani owakholwa ngesikuzwileyo; ingalo kaJehova yambulelwa bani na?

U-Isaya 59:16

Wabona ukuthi akukho muntu , wamangala ukuthi wayengekho omelayo ; yayisimsindisa ingalo yakhe, nokulunga kwakhe kwamphasa.

U-Isaya 63:12

owenza ukuba ingalo yakhe emangalisay o ihambe ngakwesokunene sikaMose, owahlukanisa amanzi phambi kwab o ukuba azenzele igama eliphakade;

U-Isaya 63:5

Ngabheka, kepha kwakungekho osizayo ; ngamangala, kepha kwakungekho osekelayo; yayisingisindisa ingalo yami, nokufutheka kwami kwangisekela.

UDuteronomi 33:20

NgoGadi wathi: Makabusiswe owandisa uGadi: uhlezi njengengonyamakazi, udwengula ingalo nokhakhayi.

UHezekeli 30:21

Ndodana yomuntu , ngaphulile ingalo kaFaro inkosi y aseGibithe; bheka, ayiboshiwe ukuba kuthelwe imithi , kufakwe umzongolozelo wokubopha , ukuze iqiniselwe ukubamba inkemba.

UHezekeli 43:13

Lezi zaziyizilinganiso ze -altare ngezingalo , ingalo iyingalo nobubanzi besandla: isinqe sasiyingalo ukuphakama kwaso , nobubanzi buyingalo ; umncele walo ngaseceleni kwalo nxazonke wawunjengokudazuluka kweminwe; lokhu kwakungukuphakama kwe-altare;

UHezekeli 4:7

Uyakubhekisa ubuso b akho kukho ukuvinjezelwa kweJerusalema , ingalo yakho yambuliwe, uprofethe ngalo.

UJeremiya 48:25

Uphondo lukaMowabi lunqunyiwe, ingalo yakhe yaphukile, usho uJehova.

UJobe 26:2

Usizile kanjani ongenamandla! Usindisile kanjani ingalo engenamandla?

UZakariya 11:17

Maye kumalusi oyisiwula oshiya izimvu ! Inkemba iyakuba sengalweni yakhe nasesweni l akhe lokunene ; ingalo yakhe iyakubuna nokubuna, neso lakhe lokunene liyakufiphala nokufiphala.