Skip to Content

"ingcosana"

16 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 17:10

Wayesesuka waya eSarefati; esefikile esangweni lomuzi, bheka, umfelokazi wayecakasha khona ; wambiza wathi : Ake ungilethele ingcosana yamanzi esitsheni, ngiphuze.

1 kuThimothewu 4:8

Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana , kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke , kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.

1 uSamuweli 14:29

Wayesethi uJonathani : Ubaba uhluphile izwe ; ake nibone ukuthi amehlo ami aseqabukile, ngokuba ngizwe ingcosana yalezi zinyosi.

1 uSamuweli 14:43

USawule wayesethi kuJonathani : Ngitshele okwenzileyo . UJonathani wamtshela wathi : Impela ngezwa ingcosana yezinyosi ngesihloko senduku eyayisesandleni sami; bheka, sengizakufa.

2 kwabaseKorinte 9:6

Kepha nakhu : ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcos ana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.

AbAhluleli 4:19

Wayesethi kuye : Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi , ngokuba ngomile . Wavumbulula igabha lobisi, wamphuzisa, wamembesa.

NgokukaJohane 6:7

UFiliphu wamphendula wathi : Izinkwa zawodenariyu abangamakhulu amabili zingebanele, kube yilowo nalowo athole ingcosana.

NgokukaMarku 14:35

Waqhubeka ingcosana, wawa phansi, wakhuleka ukuba, uma kungenzeka, kudlule kuye lo mzuzu.

NgokukaMarku 1:19

Eseqhubekile ingcosana wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini, belungisa amanetha.

NgokukaMarku 6:31

Wayesethi kubo : Zanini nina nodwa endaweni eyih lane, niphumule ingcosana. Ngokuba babe baningi abezayo nabahambayo , abaze bathola nasikhathi sokudla.

NgokukaMathewu 26:39

Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: Baba, uma kungenzeka, akudlule kimi lesi sitsha ; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.

U-Isaya 28:10

Ngokuba kuyisiyalezelo phezu kwesiyalezelo , isiyalezelo phezu kwesiyalezelo, umthetho phezu komthetho , umthetho phezu komthetho , lapha ingcosana, nalapho ingcosana.

U-Isaya 28:13

Ngalokho izwi likaJehova liyakuba kubona isiyalezelo phezu kwesiyalezelo, isiyalezelo phezu kwesiyalezelo , umthetho phezu komthetho , umthetho phezu komthetho , lapha ingcosana , nalapho ingcosana , ukuze bahambe , bawe nyovane, baphuke, bacushwe, babanjwe.

UGenesise 18:4

Makulethwe ingcosana ya manzi, nigeze izinyawo zenu , niphumule phansi komuthi.

UGenesise 24:17

Inceku yayisigijima ukuyihlangabeza , yathi: Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi embizeni yakho.

UGenesise 24:43

bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi ; kuyakuthi intombazana eza ukuyokukha, engisho kuyo ukuthi : Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi embizeni yakho,