Skip to Content

"inkabi"

24 occurrences in ZUL

1 kuThimothewu 5:18

Ngokuba umbhalo uthi : Ungayifaki isifonyo inkabi ebhulayo , futhi: Isisebenzi siyifanele inkokhelo yaso. Ngokuthetha amacala nezinye iziluleko

1 kwabaseKorinte 9:9

Ngokuba kulotshiwe emthethweni kaMose ukuthi : Ungayifaki inkabi isifonyo, nxa ibhula amabele. Konje uNkulunkulu ukhathalela izinkabi na?

1 uSamuweli 12:3

Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe inkabi kabani , ngithathe imbongolo kabani, ngikhohlisile ubani, ngicindezele ubani, ngamukele umvuzo esandleni sikabani ukuba ngifihle amehlo ami ngawo na? Ngiyakukubuyisela kini.

1 uSamuweli 14:34

Wathi uSawule : Hlakazekelani phakathi kwabantu , nithi kubo : Lethani kimi, kube yilowo nalowo inkabi yakhe, nalowo imvu yakhe, nizihlabe lapha, nidle, ningoni kuJehova ngokudla okunegazi . Bonke abantu baletha , kwaba yilowo nalowo inkabi yakhe ngalobo b usuku ngesandla sakhe , bazihlaba khona.

2 uSamuweli 6:13

Kwakuthi ababethwele umphongolo kaJehova sebehambile izinyathelo eziyisithupha, wahlaba inkabi nethole elikhuluphalisiweyo.

NgokukaLuka 13:15

Kepha iNkosi yamphendula yathi : Bazenzisi, kanti yilowo nalowo kini kayithukululi yini ngesa batha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe emkhombeni, ayise ukuyoyiphuzisa, na?

NgokukaLuka 14:5

Wathi kubo: Ngumuphi kini ongathi indodana noma inkabi iyele emgodini , angayikhiphi masinyane ngosuku lwesabatha, na?

U-Eksodusi 21:28

Uma inkabi iqhubukusha owesilisa noma owesifazane baze bafe , inkabi yokhandwa ngamatshe impela , inyama yayo ingadliwa ; kepha umnininkabi uyakuyekelwa.

U-Eksodusi 21:29

Kepha uma inkabi ibizinge ihlaba nangaphambili , futhi lokhu kufakaziwe kumniniyo, engayigcinanga kodwa , inkabi isibulele owesilisa noma owesifazane, leyo nkabi yokhandwa, abulawe nomniniyo.

U-Eksodusi 21:32

Uma inkabi iqhubukusha isigqila noma isigqilakazi , uyakunika inkosi yaso amashekeli angamashumi amathathu esiliva, inkabi ikhandwe ngamatshe.

U-Eksodusi 21:33

Uma umuntu evula umgodi , noma emba umgodi engawusibekeli, kukhalakathele kuwo inkabi noma imbongolo,

U-Eksodusi 21:35

Uma inkabi yomuntu ihlaba eyomunye ize ife , bayakuthengisa ngenkabi ephilayo, bahlukaniselane imali yayo, bahlukaniselane nefileyo futhi.

U-Eksodusi 21:36

Kodwa uma kwaziwa ukuthi inkabi ibizinge ihlaba nangaphambili , umniniyo engayigcinanga kodwa , uyakuyikhokha nokuyikhokha inkabi ngenkabi, efileyo ibe ngeyakhe.

U-Eksodusi 22:1

Uma umuntu eba inkabi noma imvu , ayihlabe, noma athengise ngayo , uyakukhokha inkabi ngezinkabi eziyisihlanu, nemvu ngezimvu ezine.

U-Eksodusi 22:10

Uma umuntu enikeza kumakhelwane wakhe imbongolo , noma inkabi, noma imvu , noma kungaba yisilwane sini , ukuba akulondoloze, bese kufa , noma kulimala, noma kuphangwa, kungabonwa muntu,

U-Eksodusi 23:12

Izinsuku eziyisithupha wosebenza umsebenzi wakho , uphumule ng osuku lwesikhombisa ukuba inkabi yakho nembongolo yakho ziphumule , bahlunyelelwe indodana yencekukazi yakho nomfokazi.

U-Eksodusi 23:4

Uma ufumana inkabi yesitha sakho noma imbongolo yaso iduka , woyibuyisela nokuyibuyisela kuso.

U-Isaya 1:3

Inkabi iyamazi umniniy o nembongolo umkhombe womnikaziyo ; u-Israyeli akazi, isizwe sami asiqondi.

UDuteronomi 22:1

Awuyikubona inkabi yomfowenu noma imvu yakhe iduka , ucashe kuzo ; wozibuyisela nokuzibuyisela kumfowenu.

UDuteronomi 22:4

Awuyikubona imbongolo yomfowenu noma inkabi yakhe iwile endleleni , ucashe kuzo; womsiza nokumsiza ukuzivusa.

UDuteronomi 25:4

Ungayifaki inkabi isifonyo, nxa ibhula. Umthetho wokungena

UDuteronomi 28:31

Inkabi yakho iyakuhlatshwa emehlweni akho , ungayidli; imbongolo yakho iyakuhlwithwa ebusweni bakho , ingabuyiselwa kuwe ; izimvu zakho ziyakunikwa izitha zakho, kungabikho okusindisayo.

UJobe 6:5

Imbongolo yasendle iyakhala yini inotshani na? Inkabi iyakhonya isekudleni kwayo na?

UNumeri 22:4

UMowabi wathi kumalunga akwaMidiyani: Manje leli bandla liyakukhotha konke okungakithi nxazonke , njengalokhu inkabi ikhotha utshani bedlelo . UBalaki indodana kaSipori wayeyinkosi yakwaMowabi ngaleso sikhathi.