"inqama"
20 occurrences in ZUL
Wothabatha inqama ibe nye ; u-Aroni namadodana akhe babeke izandla zabo enhloko yenqama.
Woyihlaba inqama, uthabathe igazi layo, ufafaze ngalo i-altare nxazonke.
Uyihlahlele inqama , uzihlanze izibilini zayo namanqina ayo , ukubeke ndawonye nezitho zayo nenhloko yayo.
Woyishisa yonke inqama e -altare; kungumnikelo wokushiswa kuJehova , yiphunga elimnandi, ngumnikelo womlilo kuJehova.
Uthabathe enye inqama ; u-Aroni namadodana akhe babek e izandla zabo enhloko yayo.
Woyihlaba inqama , uthabathe igazi layo , ulibhece esicutshini sendlebe yokunene ka -Aroni, nasesicutshini sendlebe yokunene yamadodana akhe , nasesithupheni sesandla sabo sokunene, nakuqukula wonyawo lwabo lokunene, ufafaze i-altare nxazonke ngegazi.
Woyithabatha inqama yokwahlukaniselwa, upheke inyama yayo endaweni engcwele.
Inqama oyibonileyo inezimpondo ezimbili , zingamakhosi aseMediya nasePheresiya.
Ngase ngiphakamisa amehlo ami , ngabona; bheka, kwakumi phambi komfula inqama inezimpondo ezimbili ; lezo zimpondo ezimbili zazithaphile , kepha olunye lwaluthaphe kunolunye, oluthaphileyo lwavela muva.
Ngabona inqama iqhubukusha ngasentshonalanga , nangasenyakatho, nangaseningizimu; kwakungekho silo ebesinokuma phambi kwayo , kwakungekho ongophula esandleni sayo , kepha yenza njengentando yayo , yazikhulisa.
Ngayibona isondela kakhulu enqameni , yababa ngayo , yayishaya inqama , yazaphula izimpondo zayo ezimbili ; kwakungekho mandla enqameni okuma phambi kwayo , kepha yayiphonsa phansi , yayinyathela, kwakungekho ongayophula inqama esandleni sayo.
U-Abrahama waphakamisa amehlo akhe , wabona; bheka, ngemuva yinqama, ibhajiwe esihlahleni ngezimpondo zayo ; u-Abrahama waya wayithatha inqama , wanikela ngayo umnikelo wokushiswa esikhundleni sendodana yakhe.
Uyakuletha umnikelo wakhe wecala kuJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, inqama ibe ngumnikelo wecala.
Uma umuntu esenza isiphambeko , one kungengamabomu ezintweni ezingcwele zikaJehova, woletha kuJehova umnikelo wakhe wecala , inqama yasemhlambini eng enasici njengokulinganisa kwakho namashekeli esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele, ibe ngumnikelo wecala,
Woletha kumpristi inqama engenasici yasemhlambini njengokulinganisa kwakho, ibe ngumnikelo wecala , umpristi amenzele ukubuyisana ngesiphosiso aphosise ngaso engazi, aze athethelelwe.
Woletha umnikelo wakhe wecala kuJehova , inqama engenasici yasemhlambini ngokulinganisa kwakho , ibe ngumnikelo wecala , iyiswe kumpristi,
Wayeseletha inqama yomnikelo wokushiswa ; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenqama.
Wahlanza izibilini namanqina ngamanzi ; uMose washisa yonke inqama e - altare; yayingumnikelo wokushiswa , waba yiphunga elimn andi, umnikelo womlilo kuJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.
Waletha nenye inqama , inqama yokwahlukaniselwa; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenqama.
Kepha inqama uyakuyilungisela okweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo exovwe nokwesithathu kwehini lamafutha, kube ngumnikelo wempuphu;