Skip to Content

"insimu"

46 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 21:18

UManase wayeselala koyise, wembelwa ensimini yendlu yakhe , insimu ka- Uza; u-Amoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 uSamuweli 14:30

Wayesethi ezincekwini zakhe : Bhekani, insimu kaJowabe iseduze neyami , unebhali khona ; hambani niyithungele ngomlilo . Izinceku zika -Abisalomu zayithungela-ke insimu ngomlilo.

2 uSamuweli 14:31

Wayesesuka uJowabe , waya ku -Abisalomu endlini yakhe , wathi kuye : Izinceku zakho ziyithungeleleni insimu yami ngomlilo na?

AbAhluleli 1:14

Kwathi ekufikeni kwakhe wamnxusa ukuba acele insimu kuyise ; wehla embongolweni yakhe; uKalebi wathi kuye: Ukhala ngani?

IzAga 12:11

Olima insimu yakhe uyakusutha ngokudla , kepha olandela amayiyane akanangqondo.

IzAga 28:19

Olima insimu yakhe uyakusutha ngokudla , kepha olandela amayiyane uyakusutha ngobumpofu.

IzEnzo 1:18

Lowo-ke wazuza insimu ngomvuzo wokungalungi , wawa ngekhanda , waqhuma phakathi, nezibilini zakhe zonke zachitheka;

IzEnzo 1:19

kwaziwa yibo bonke abakhileyo eJerusalema , yaze yaqanjwa leyo nsimu ngolimi lwakubo ngokuthi i-Akeldama, okungukuthi iNsimu Yegazi.

NgokukaJohane 18:1

UJesu esekhulume lawo mazwi waphuma kanye nabafundi bakhe , waya phesheya komfudlana iKedroni, lapho kwakukhona insimu angena kuyo yena nabafundi bakhe.

NgokukaJohane 19:41

Khona ngakuleyo ndawo , lapho wayebethelwe khona esiphambanweni , kwakukhona insimu , nasensimini kukhona ithuna elisha okwakungazange kubekwe muntu kulo.

NgokukaLuka 14:18

Kepha bonke baqala ukuzilandulela ngazwi linye ; owokuqala wathi kuye : Ngithengile insimu , kuswelekile ukuba ngiye ngiyibone ; ngiyakuncenga, mawungilandulele.

NgokukaMathewu 13:38

insimu yizwe ; imbewu enhle yibo abangabantwana bombuso ; kodwa ukhula ngabantwana bomubi;

NgokukaMathewu 27:10

bakhokha ngazo insimu yombumbi, njengokuba iNkosi ingiyalile.

NgokukaMathewu 27:7

Benza icebo , bathenga ngayo insimu yombumbi , ibe ngeyokumbela abafokazi.

NgokukaMathewu 27:8

Ngalokho insimu leyo ithiwa insimu yegazi kuze kube namuhla.

U-Eksodusi 22:6

Uma kuvela umlilo, uvuthe emeveni kuze kushe izinhlanga zamabele, noma amabele angakavunwa, noma insimu, othungele umlilo uyakukhokha impela.

U-Isaya 29:17

Akuseyisikhashana nje iLebanoni lize liphenduke insimu , nensimu ithiwe ihlathi, na?

U-Isaya 32:15

uMoya aze athululwe phezu kwethu evela phezulu , nehlane liphenduke insimu, nensimu ithiwe ihlathi.

U-Isaya 5:8

Wo kubona abahlanganisa indlu nendlu , besondeza insimu nensimu , kuze kungabe kusaba khona indawo, kwakhe nina nodwa emhlabeni!

UGenesise 23:17

Kanjalo insimu ka -Efroni yaseMakaphela elingaphambi kweMamre , insimu nomhume okuyo , nemithi yonke esensimini nxazonke kuze kube semikhawulweni yonke

UGenesise 23:20

Insimu nomhume okuyo kwase kunqunyelwa u -Abrahama ngabantwana bakwaHeti, kube yindawo yethuna.

UGenesise 25:10

insimu ayithenga u -Abrahama kubo abantwana bakwaHeti ; khona wembelwa u-Abrahama noSara umkakhe.

UGenesise 2:10

E-Edene kwavela umfula owamanzisa insimu ; wahlukana khona , waba yizimbaxa ezine.

UGenesise 2:7

UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi , waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila ; kanjalo umuntu waba umphefumulo ophilayo. Insimu yase-Edene

UGenesise 2:8

UJehova uNkulunkulu watshala insimu e -Edene ngasempumalanga ; wambeka khona umuntu amenzileyo.

UGenesise 49:32

insimu nomhume okuyo okwathengwa kubantwana bakwaHeti.

UHezekeli 28:13

Wawuse-Edene, insimu kaNkulunkulu ; onke amatshe anqabileyo ayeyisisibekelo sakho , isardiyu, netopazi, nedayimani, neshohamu, nejaspi, nesafire, nesimaragidu, nekrisolithe; nezivunulo zakho nezisekelo zamatshe zaziyigolide, zilungisiwe ngosuku lokudalwa kwakho.

UHezekeli 34:29

Ngiyakuzivusela insimu edumileyo ; azisayikususwa yindlala ezweni , zingasalithwali ihlazo labezizwe.

UJeremiya 32:25

Wena Nkosi Jehova , noma umuzi unikelwe esandleni samaKaledi , washo kimi, wathi: Zithengele insimu ngemali, uzifakazisele.

UJeremiya 32:7

Bheka, uHanameli indodana kaShalumi uyihlokazi uyakufika kuwe , athi: Zithengele insimu yami ese -Anathoti, ngokuba ilungelo lokuyihlenga lingelakho ukuba uyithenge.

UJeremiya 32:8

Wayesefika kimi uHanameli indodana kababekazi egcekeni letilongo njengezwi likaJehova, wathi kimi: Ake uyithenge insimu yami ese -Anathoti elisezweni lakwaBenjamini, ngokuba ilungelo lefa lingelakho , nokuhlenga kungokwakho; zithengele lona. Ngase ngazi ukuthi leli zwi lavela kuJehova.

UJeremiya 32:9

Ngayithenga insimu ese -Anathoti kuHanameli indodana kababekazi, ngamlinganisela imali, amashekeli ayishumi nesikhombisa esiliva.

UJeremiya 4:17

Njengabalinda insimu baphezu kwalo nxazonke , ngokuba lingihlubukile , usho uJehova.

UJoshuwa 15:18

Kwathi ekufikeni kwakhe wamnxusa ukuba acele insimu kuyise ; wehla embongolweni yakhe; uKalebi wathi kuye: Ukhala ngani?

ULevitikusi 25:3

Iminyaka eyisithupha uyakulima insimu yakho , iminyaka eyisithupha uyakuthena isivini sakho, ubuthe izithelo zaso,

ULevitikusi 25:4

kepha ngomnyaka wesikhombisa kuyakuba khona isabatha lokuphumula okuzothileyo kwezwe , isabatha kuye uJehova ; awuyikulima insimu ya kho, ungatheni isivini sakho.

ULevitikusi 27:17

Uma engcwelisa insimu yakhe kusukela emnyakeni wejubili , iyakuma ngokulinganisa kwakho.

ULevitikusi 27:18

Kepha uma ungcwelisa insimu emva kwejubili , umpristi uyakumbalela imali ngeminyaka eseleyo kuze kuf ike umnyaka wejubili , kuncishiswe ukulinganisa kwakho.

ULevitikusi 27:19

Uma ongcwelisa insimu ethanda ngempela ukuyihlenga , uyakuthasisela kuyo okwesihlanu kwemali yokulinganisa kwakho, iqiniswe kuye.

ULevitikusi 27:20

Uma engahlengi insimu , noma ethengisile ngensimu komunye umuntu , ayisayikuhlengwa.

ULevitikusi 27:21

Kepha insimu ekuphumeni kwayo ngejubili iyakuba ngcwele kuJehova njengensimu eyahlukaniswayo; iyakuba yifa lompristi.

ULevitikusi 27:22

Uma engcwelisela uJehova insimu ayithengileyo , engesiyo insimu yefa lakhe,

ULevitikusi 27:24

Ngomnyaka wejubili insimu iyakubuyela kuye eyathengwa kuye , yebo, kuye olifa lensimu lingelakhe.

ULevitikusi 27:28

Nokho into yonke eyahlukaniswa, umuntu ayahlukanisela uJehova kukho konke anakho , noma abantu , noma izilwane , noma insimu yefa lakhe , akuyikuthengiswa ngayo , ingahlengwa; konke okwahlukanisiwe kungcwelengcwele kuJehova.

URuthe 2:22

UNawomi wayesethi kuRuthe umalokazana wakhe: Kuhle, ndodakazi yami, ukuba uphume namantombazana akhe, ungafikelwa kwenye insimu.

URuthe 2:8

UBowazi wayesethi kuRuthe : Angithi uyezwa, ndodakazi yami ? Ungayi ukukhothoza kwenye insimu , futhi ungasuki lapha , kepha namathela kuwo amantombazana ami lapha.