Skip to Content

"insindiso"

53 occurrences in ZUL

1 iziKronike 16:23

Hlabelelani kuJehova , mhlaba wonke , nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.

1 uSamuweli 19:5

wabeka ukuphila kwakhe esandleni sakhe , wabulala umFilisti , uJehova wamenzela wonke u -Israyeli insindiso enkulu , wakubona wena, wathokoza; pho, uyakulonelani igazi elingenacala, umbulale uDavide engone lutho na?

2 kuThimothewu 2:10

Ngalokho ngiyakhuthazela kukho konke ngenxa yabakhethiweyo , ukuze nabo bazuze insindiso ekuKristu Jesu, kanye nenkazimulo yaphakade.

2 uSamuweli 22:51

Uyenza insindiso ibe nkulu enkosin i yakhe; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.

2 uSamuweli 23:10

wasuka wabulala amaFilisti saze sakhathala isandla sakhe , isandla sakhe sanamathela enkembeni ; uJehova wenza insindiso enkulu ngalolo suku ; abantu babuya emva kwakhe ukuba baphange kuphela.

2 uSamuweli 23:12

Kepha wayemi phakathi nesiqephu , wasivikela, wawabulala amaFilisti ; uJehova wenza insindiso enkulu.

2 uSamuweli 23:5

Ayinjalo indlu yami kuNkulunkul u na? Ngokuba wenzile nami isivumelwano esiphakade ; sihleliwe ezintweni zonke , sigcinekile, ngokuba yonke insindiso yami nokwenama kwami akayikukuhlumisa na?

AmaHubo 119:123

Amehlo ami ayalangazelela insindiso yakho nezwi lokulunga kwakho.

AmaHubo 119:166

Ngiyethemba insindiso yakho, Jehova; imiyalo yakho ngiyayenza.

AmaHubo 119:174

Ngiyalangazelela insindiso yakho , Jehova; umthetho wakho uyintokozo yami.

AmaHubo 119:41

Mawuze kimi umusa wakho, Jehova, insindiso yakho ngokwezwi lakho.

AmaHubo 119:81

Umphefumulo wami ulangazelela insindiso yakho ; ngiyalethemba izwi lakho.

AmaHubo 132:16

Abapristi balo ngiyakubembesa insindiso; abangcwele balo bayakumemeza nokumemeza ngenjabulo.

AmaHubo 144:10

Nguye onika amakhosi insindiso , okhulula inceku yakhe uDavide enkembeni elimazayo.

AmaHubo 18:50

Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe ; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.

AmaHubo 3:8

Insindiso ingekaJehova; isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela

AmaHubo 40:16

Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo; abathanda insindiso yakho mabasho njalo, bathi: Makadunyiswe uJehova.

AmaHubo 50:23

Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa ; oqaphela indlel a yakh e ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.

AmaHubo 62:1

Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela ; insindiso yami ivela kuye.

AmaHubo 62:7

Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu ; idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.

AmaHubo 67:2

ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni , insindiso yakho kubo bonke abezizwe.

AmaHubo 69:29

Mina kodwa ngihluphekile , ngibuhlungu; insindiso yakho , Nkulunkulu mayingilondoloze.

AmaHubo 70:4

Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo; abathanda insindiso yakho mabasho njalonjalo, bathi: Makabe mkhulu uNkulunkulu.

AmaHubo 74:12

Nokho uNkulunkulu uyiNkosi yami kwaphakad e eyenza insindiso emhlabeni.

AmaHubo 85:7

Sitshengise umusa wakho, Jehova, usiphe insindiso yakho.

AmaHubo 85:9

Impela insindiso yakhe iseduze nabamesabayo , ukuze kuhlale udumo ezweni lethu.

AmaHubo 91:16

Ngiyakumsuthisa ngobude bezinsuku, ngimbonise insindiso yami.

AmaHubo 96:2

Hlabelelani kuJehova , nibonge igama lakhe , nimemeze insindiso yakhe imihla ngemihla.

AmaHubo 98:2

UJehova wazisile insindiso yakhe ; ukulunga kwakhe ukwambulile emehlweni abezizwe.

AmaHubo 98:3

Ukhumbulile umusa wakhe nokuthembeka kwakhe kuyo indlu ka -Israyeli; imikhawulo yonke yomhlaba ibonile insindiso kaNkulunkulu wethu.

IsAmbulo 12:10

Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini , lithi: Kalokhu insindiso namandla nobukhosi ngokukaNkulunkulu wethu , nombuso ngokaKristu wakhe , ngokuba uphonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu obamangalelayo phambi kukaNkulunkulu wethu imini nobusuku.

IsAmbulo 19:1

Emva kwalokho ngezwa kungathi izwi elikhulu lesixuku esikhulu ezulwini , lithi: Haleluya! Insindiso, nenkazimulo, namandla ngokukaNkulunkulu wethu,

IsAmbulo 7:10

samemeza ngezwi elikhulu, sithi: Insindiso ngekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi neyeWundlu!

IzEnzo 4:12

Ayikho insindiso ngomunye , ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.

KwabaseRoma 11:10

kufiphazwe amehlo abo ukuba angaboni, ugobe umhlane wabo njalo. Ngokungakholwa kuka-Israyeli insindiso yafika kwabezizwe

KwabaseRoma 11:11

Ngakho ngithi : Bakhubeka ukuba bawe na ? Qha nakanye ; kepha ngesiphambeko sabo insindiso ifikile kwabezizwe ukubavusela umhawu.

KwabaseRoma 13:11

Yenzani lokhu, njengokuba nazi isikhathi ukuthi sekuyihora lokuba nivuke ebuthongweni; ngokuba manje insindiso isisondele kithi kunaleso sikhathi esaqala ukukholwa ngaso.

NgokukaJohane 4:22

Nina nikhuleka kweningakwaziyo, thina sikhuleka kwesikwaziyo; ngokuba insindiso ivela kubaJuda.

NgokukaLuka 19:9

UJesu wathi kuye : Namuhla insindiso ifikile kule ndlu , lokhu naye eyindodana ka-Abrahama.

NgokukaLuka 1:71

insindiso ezitheni zethu nasesandleni sabo bonke abasizondayo,

NgokukaLuka 1:77

ukunika abantu bayo ukuyazi insindiso ngokuthethelelwa kwezono zabo,

NgokukaLuka 2:30

ngokuba amehlo ami abonile insindiso yakho

NgokukaLuka 3:6

inyama yonke izakubona insindiso kaNkulunkulu.

U-Isaya 26:1

Ngalolo suku lesi sihlabelelo siyakuhlatshelelwa ezweni lakwaJuda sokuthi : Umuzi onamandla sinawo; uyasimisela insindiso ibe yizingange nezindonga.

U-Isaya 26:18

Sasikhulelwe, sasinobuhlungu, sabeletha kungathi umoya nje ; asenzanga insindiso emhlabeni, nabayakwakha ezweni abasazalwa.

U-Isaya 46:13

Ngiyakusondeza ukulunga kwami , akukude, insindiso yami ayiyikulibala ; ngibeka insindiso eSiyoni nodumo lwami kwa-Israyeli.

U-Isaya 51:5

Ukulunga kwami kuseduze , insindiso yami iphumile , izingalo zami ziyakubahlulela abantu; iziqhingi ziyangihlalela, zilindela umkhono wami.

U-Isaya 51:6

Phakamiselani amehlo enu ezulwini , niwubheke umhlaba phansi , ngokuba izulu liyakunyamalala njengomusi, umhlaba uguge njengengubo, nabakhileyo kuwo bafe njengezinsensane, kepha insindiso yami iyakum a kuze kube phakade, nokulunga kwami akuyikuphela.

U-Isaya 52:10

UJehova wambulile ingalo yakhe engcwel e emehlweni ezizwe zonke , namajukujuku onke omhlaba ayakubona insindiso kaNkulunkulu wethu.

U-Isaya 56:1

Usho kanje uJehova , uthi: Gcinani ukwahlulela, nenze ukulunga, ngokuba insindiso yami iseduze ukuba ifike, nokulunga kwami ukuba kwambulwe.

U-Isaya 60:18

Indluzula ayisayikuzwakala ezweni lakho , nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemikhawulo yakho , kepha uyakubiza izingange zakho ngokuthi iNsindiso, namasango akho ngokuthi iNdumiso.

U-Isaya 62:11

Bhekani, uJehova uyezwakal a kuze kube sekugcineni komhlaba , ethi: Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi : Bheka, insindiso yakho iyeza . Bheka, umvuzo wakhe unawo, nenkokhelo yakhe iphambi kobuso bakhe.

UGenesise 49:18

Ngiyihalele insindiso yakho, Jehova.