Skip to Content

"intambo"

8 occurrences in ZUL

IzEnzo 27:28

Base bephonsa intambo yokulinganisa , bafumana kung amafatome angamashumi amabili ; sebeqhubekile kancane bayiphonsa futhi , bafumana kungamafatome ayishumi nanhlanu;

U-Amose 7:8

UJehova wathi kimi : Amose, ubonani na ? Ngathi: Intambo yomthofu wokumisa. Yayisithi iNkosi : Bhekani, ngiyakubeka intambo yomthofu wokumisa phakathi kwabantu bami u-Israyeli; angisayikubadlula.

U-Isaya 34:11

Liyakuba yifa levuba nelikanondwebu , kwakhe kulo isikhova negwababa ; uyakwelula phezu kwalo intambo yencithakalo , nomthofu wokumisa wokuyize.

U-Isaya 44:13

Umbazi uyelula intambo, adwebe umuthi ngokubomvu, awenze ngezibazo, adwebe ngekompasi , awenze ngomfanekiso womuntu , ngobuhle bomuntu , ukuba uhlale endlini.

UHezekeli 40:3

Wangiyisa khona ; bheka, umuntu osimo sakhe sasinjengesimo sethusi , ephethe intambo yefilakisi esandleni sakhe , nohlanga lokulinganisa, wayemi esangweni.

UJobe 4:21

Intambo yetende labo ayisishulwa yini phakathi kwabo, bafe bengazelele, na?

UJoshuwa 2:21

Wathi: Makube njengamazwi enu . Wayesewamukisa ahamba ; wabopha intambo ebomvu efasiteleni.

UMika 2:5

Ngalokho akuyikubakho ophonsa intambo ngenkatho ebandleni likaJehova.