Skip to Content

"intela"

24 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 4:21

USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke kusukela eMfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe; bathela intela , bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.

1 iziKronike 18:2

Wanqoba noMowabi ; abakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide , bathela intela.

1 iziKronike 18:6

UDavide wamisa amakhanda e -Aramu laseDamaseku ; ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.

2 AmaKhosi 17:3

Kwenyuka ukulwa naye uShalimaneseri inkosi yase -Asiriya; uHosheya waba yisikhonzi sakhe, wathela intela kuye.

2 iziKronike 17:5

Ngalokho uJehova wawuqinisa umbuso esandleni sakhe ; wonke uJuda wathela intela kuJehoshafati, wayenengcebo nodumo olukhulu.

2 iziKronike 24:9

Kwase kumenyezelwa kwaJuda naseJerusalema ukuba balethe kuJehova intela uMose inceku kaNkulunkulu ayibeke phezu kuka-Israyeli ehlane.

2 iziKronike 26:8

Abakwa-Amoni bathela intela ku -Uziya; igama lakhe lahamba laze lafika nasekuyeni eGibithe, ngokuba waba namandla kakhulu.

2 uSamuweli 8:2

Washaya nabakwaMowabi , wabalinganisa ngentambo, wabalalisa emhlabathini, wabalinganisa ngezintambo ezimbili abayakubulawa nangentambo epheleleyo abayakusindiswa . AbakwaMowabi base beba yizinceku zikaDavide, bathela intela.

2 uSamuweli 8:6

UDavide wamisa amakhanda e -Aramu laseDamaseku , ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaph i lapho eya khona.

KwabaseRoma 13:6

Ngokuba ngenxa yalokho nikhipha intela ; ngokuba bayizikhonzi zikaNkulunkulu ezikhuthalela khona lokho.

KwabaseRoma 13:7

Nikani bonke okubafaneleyo : intela kofanele intela , inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshwa, udumo kofanele udumo. Ukuthanda abazalwane

NgokukaLuka 20:18

Yilowo nalowo owayo phezu kwalelo tshe uyakuphohlozwa , kepha lowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa. Intela kaKesari (Math. 22:15; Mark. 12:13)

NgokukaMarku 12:12

Base befuna ukumbamba , kepha besaba isixuku ; ngokuba bazi ukuthi ukhulume lo mfanekiso ngabo. Base bemshiya bamuka. Intela kaKesari (Math. 22:15; Luk. 20:19)

NgokukaMathewu 17:25

Wathi: Uyayithela. Esengene endlini uJesu wamandulela , wathi: Usho ukuthini, Simoni? Amakhosi omhlaba athatha kubaphi intela nenkokhiso , kumadodana awo noma kubafo, na?

NgokukaMathewu 22:14

Ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo. Intela kaKesari (Mark. 12:13; Luk. 20:19)

U-Ezra 4:13

Makwazeke enkosini , kalokhu, ukuthi uma lo muzi wakhiwa, ziqedwe izingange, abayikuthela intela, nenkokhiso, nemali yendlela, okuyakulimaza amakhosi ekugcineni.

U-Ezra 4:20

Kade kwakukhona amakhosi anamandla naphezu kweJerusalema, ayebusa lonke elingaphesheya koMfula; aphiwa intela, nenkokhiso, nemali yendlela.

U-Ezra 6:8

Futhi ngikhipha isimemezelo ngeniyakukwenza kulawo malunga abaJuda ukuba kwakhiwe leyo ndlu kaNkulunkulu : labo bantu mabanikwe kakhulu izindleko empahleni yenkosi , intela yaphesheya koMfula , ukuba bangathiywa.

U-Ezra 7:24

Futhi siyanazisa ukuthi akakho onegunya lokuthelisa abapristi namaLevi , nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini, nezinceku zale ndlu kaNkulunkulu intela, nenkokhiso, nemali yendlela.

U-Isaya 33:18

Inhliziyo yakho iyakucabanga ngovalo, ithi: Uphi umbhali, uphi olinganisile intela, uphi obalile imibhoshongo na?

UNumeri 31:38

Izinkomo zaziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesithupha, intela kaJehova kuzo ingamashumi ayisikhombisa nambili.

UNumeri 31:39

Izimbongolo zaziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu namakhulu ayisihlanu, intela kaJehova kuzo ingamashumi ayisithupha nanye.

UNumeri 31:40

Abantu babe yizinkulungwane eziyishumi nesithupha, intela kaJehova kubo ingamashumi amathathu nambili.

UNumeri 31:41

UMose wamnika u -Eleyazare umpristi intela eyayingumnikelo wokuphakanyiswa kaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.