Skip to Content

"intombazana"

24 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 5:4

Yangena, yatshela inkosi yayo, yathi: Intombazana yasezweni lakwa-Israyeli yasho ukuthi nokuthi.

IzEnzo 12:13

Esengqongqotha esivalweni sesango , yeza intombazana ukusabela , egama layo linguRoda;

IzEnzo 16:16

Kwathi siya endaweni yokukhuleka , kwahlangana nathi intombazana enomoya wobungoma, eyayitholela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.

NgokukaJohane 18:17

Intombazana elinda emnyango yayisithi kuPetru : Imbala nawe awusiye owabafundi balowo muntu na? Wathi yena: Angisiye.

NgokukaLuka 22:56

Intombazana ethile , imbona ehlezi ngasemlilweni , yamgqolozela yathi : Nalona ube naye.

NgokukaMarku 14:69

Intombazana imbona yabuye yaqala ukusho kwababemi khona ukuthi: Lona ungomunye wabo.

NgokukaMarku 5:42

Yayisivuka masinyane intombazana, yahamba; ngokuba yayineminyaka eyishumi nambili. Khona bamangala ngokumangala okukhulu.

NgokukaMarku 6:28

Laletha ikhanda lakhe ngoqwembe , layinika intombazana , intombazana yamnika unina.

NgokukaMathewu 14:11

Ikhanda lakhe lalethwa ngoqwembe, lanikwa intombazana; yaliyisa kunina.

NgokukaMathewu 26:69

Kepha uPetru wayehlezi ngaphandle egcekeni ; kweza kuye intombazana, yathi: Nawe ubunoJesu waseGalile.

NgokukaMathewu 26:71

Kwathi esephumele esangweni, enye intombazana yambona, yathi kwababe lapho: Lona ube noJesu waseNazaretha.

NgokukaMathewu 9:24

wathi kubo: Dedani, ngokuba intombazana ayifile , kodwa ilele. Bamhleka usulu.

NgokukaMathewu 9:25

Isixuku sesikhishiw e, wangena, wayibamba ngesandla ; yavuka intombazana.

U-Eksodusi 2:5

Kwase kwehla indodakazi kaFaro ukuyogeza emfuleni ; amantombazana ayo ahamba eceleni komfula ; ibona ibhokisi emhlangeni yathuma intombazana ukulilanda.

U-Eksodusi 2:8

Indodakazi kaFaro yathi kuye : Hamba. Yasuka intombazana, yabiza unina wengane.

UDuteronomi 22:23

Uma ikhona intombazana eyintombi iyingoduso yendoda , umuntu ayifumane emzini, alale nayo,

UGenesise 24:14

Makuthi intombazana engizakusho kuyo ukuthi : Mawubeke phansi imbiza yakho, ngiphuze, ithi: Phuza, ngizakuphuzisa namakamela akho , ibe yileyo- ke oyimisele inceku yakho u -Isaka; ngalokho ngizakwazi ukuthi wenzele inkosi yami umusa.

UGenesise 24:16

Intombazana yayibukeka kahle , iyintombi, engaziwa yindoda ; yehlela ngasemthonjeni, yagcwalisa imbiza yayo, ibisenyuka.

UGenesise 24:28

Kepha intombazana yagijima, yatshela abendlu kanina lezo zinto.

UGenesise 24:43

bheka, sengimi ngasemthonjeni wamanzi ; kuyakuthi intombazana eza ukuyokukha, engisho kuyo ukuthi : Ake ungiphuzise ingcosana yamanzi embizeni yakho,

UGenesise 24:55

Umnewabo nonina bathi : Ake ihlale kithina intombazana izinsukwan a, mhlawumbe eziyishumi, andukuba ihambe.

UGenesise 24:57

Base bethi: Sizakuyibiza intombazana, sizwe emlonyeni wayo.

ULevitikusi 12:5

Kepha uma ezala intombazana , makabe ngongcolile amasonto amabili njengasekungcoleni ngefindo lakhe , ahlale esegazini lokuhlambuluka izinsuku ezingamashumi ayisithupha nesithupha.

ULevitikusi 12:7

yena anikele ngakho phamb i kukaJehova , amenzele ukubuyisana , aze ahlambuluke emthonjeni wegazi lakhe . Yilowo umthetho wozalayo umfana noma intombazana.