Skip to Content

"isaya"

54 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 19:2

Yathuma u-Eliyakimi owayephezu kwendlu, noShebina umbhali, namalunga abapristi, bembeswe izindwangu zamasaka , ku-Isaya u mprofethi, indodana ka-Amose.

2 AmaKhosi 19:20

U-Isaya indodana ka -Amose wathumela kuHezekiya , wathi: Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Lokho okukhuleke kimi ngoSaneheribi inkosi yase-Asiriya ngikuzwile.

2 AmaKhosi 19:5

Izinceku zenkosi uHezekiya sezifikile ku-Isaya,

2 AmaKhosi 19:6

u-Isaya wathi kuzo : Niyakusho kanje enkosini yenu , nithi: U sho kanje uJehova, uthi: Ungesabi lawo mazwi owezwileyo , izinceku zenkosi yase - Asiriya ezingithuke ngawo.

2 AmaKhosi 20:1

Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula, wayephansi kokufa . Kwafika kuye u - Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda.

2 AmaKhosi 20:11

U-Isaya umpro fethi wakhala kuJehova , wasibuyisa isithunzi izinyathelo eziyishumi ebesizehlile ezinyathelweni zika-Ahazi. Izithunywa zaseBabele

2 AmaKhosi 20:14

Wayesefika u -Isaya umprofethi enkosini uHezekiya , wathi kuye : Batheni labo bantu ; beze kuwe bevelaphi na ? Wathi uHezekiya: Bavela ezweni elikude eBabele.

2 AmaKhosi 20:16

U-Isaya wathi kuHezekiya: Yizwa izwi likaJehova:

2 AmaKhosi 20:19

Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: Lihle izwi likaJehova olikhulumileyo. Wathi futhi: Akunjalo, uma kuyakuba khona ukuthula nokulondeka emihleni yami , na?

2 AmaKhosi 20:4

Kwathi u -Isaya engakaphumi emzini ongaphakathi , izwi likaJehova lafika kuye, lathi:

2 AmaKhosi 20:7

Wathi u -Isaya: Landani isigaxa samakhiwane . Basilanda, basibeka ethumbeni, wasinda.

2 AmaKhosi 20:8

Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: Siyakuba yini isibonakaliso sokuthi uJehova uyangiphilisa nokuthi ngiyakwenyukela endlini kaJehova ngosuku lwesithathu na?

2 AmaKhosi 20:9

Wathi u-Isaya: Lesi siyakuba yisibonakaliso kuwe esivela kuJehova sokuthi uJehova uyakukwenza lo kho akukhulumileyo : isithunzi siyakuya phambili izinyathelo eziyishumi, noma siyakubuya izinyathelo eziyishumi na?

2 iziKronike 26:22

Ezinye izindaba zi ka-Uziya, ezokuqala nezokugcina , zalotshwa ngu -Isaya umprofethi, indodana ka-Amose.

2 iziKronike 32:20

UHezekiya inkosi no -Isaya umprofethi , indodana ka -Amose, bakhuleka ngenxa yalokho, bakhala ngasezulwini.

2 iziKronike 32:32

Ezinye izindaba zikaHezekiya nezenzo zakhe ezinhle , bheka, zilotshiwe embonweni ka-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, encwadini yamakhosi akwaJuda nakwa-Israyeli.

IzEnzo 28:25

kwathi ukuba bangezwani bodwa , bamuka, uPawulu esekhuluma izwi labalinye lokuthi: Wakhuluma kahle uMoy a oNgcwele ngo -Isaya umprofethi koyihlo

IzEnzo 8:28

ibisibuya, ihlezi enqoleni yayo, ifunda umprofethi u-Isaya.

IzEnzo 8:30

UFiliphu wayesegijimela kuyo , wayizwa ifunda umprofethi u-Isaya, wathi: Uyakuqonda kambe lokhu okufundayo na?

KwabaseRoma 10:16

Kodwa abalilalelanga bonke ivangeli . Ngokuba u -Isaya uthi : Nkosi, ngubani owakholwa ngesikuzwileyo na?

KwabaseRoma 10:20

Kepha u-Isaya unesibindi sokuthi: Ngafunyanwa yilabo abangangifunanga, ngabonakala kulabo abangangibuzanga.

KwabaseRoma 15:12

Futhi u -Isaya uthi : Kuyakuba khona impande kaJesayi , yena oyakuvuka abuse abezizwe; abezizwe bayakwethembela kuye.

KwabaseRoma 9:27

U-Isaya umemeza ngo -Israyeli, uthi: Nokuba umumo wabantwana bakwa - Israyeli ungangesihlabathi solwandle, yinsali eyakusindiswa,

KwabaseRoma 9:29

njengalokho washo u -Isaya ngaphambili ukuthi : Uma iNkosi Sebawoti ibingasishiyelanga inzalo besiyakuba njengeSodoma, sifane neGomora.

NgokukaJohane 12:38

ukuba izwi lika -Isaya umprofethi ligcwaliseke , alikhuluma lokuthi: Nkosi, ngubani owakholwa ngukushumayela kwethu na ? Ingalo yeNkosi yambulelwa bani na?

NgokukaJohane 12:39

Ngalokho babengekholwe, ngokuba u-Isaya washo futhi ukuthi:

NgokukaJohane 12:41

U-Isaya wakusho lokho , ngokuba ebona inkazimulo yakhe , ekhuluma ngaye.

NgokukaJohane 1:23

Wathi: Ngiyizwi lomemeza ehlane , ethi: Lungisani indlela yeNkosi , njengalokho washo u-Isaya umprofethi.

NgokukaLuka 3:4

njengokuba kulotshiwe encwadini yamazwi ka-Isaya umprofethi ukuthi: Izwi lomemezayo ehlane, lithi: Lungisani indlela yeNkosi , nenze imikhondo yayo iqonde.

NgokukaLuka 4:17

Wanikwa incwadi ka -Isaya umprofethi , wayivula incwadi , wafumana indawo okulotshwe kuyo ukuthi:

NgokukaMarku 1:2

Njengokulotshwe kumprofethi u -Isaya ukuthi : Bheka, ngiyasithuma isithunywa sami phambi kwakho esiyakulungisa indlela yakho, --

NgokukaMarku 7:6

Wayesethi kubo : U-Isaya waprofetha kahle ngani nina bazenzisi njengokulotshiweyo ukuthi : Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo , kepha inhliziyo yaso ikude nami;

NgokukaMathewu 12:17

ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:

NgokukaMathewu 13:14

Kugcwaliseka kubo isiprofetho sika -Isaya sokuthi: Ngokuzwa niyakuzwa, ningaze naqonda; ngokubona niyakubona, ningaze nabonisisa;

NgokukaMathewu 15:7

Bazenzisi, waprofetha kahle ngani u-Isaya, ethi:

NgokukaMathewu 3:3

Ngokuba nguye akhuluma ngaye umprofethi u-Isaya, ethi: Izwi lomemezayo ehlane, lithi: Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde.

NgokukaMathewu 4:14

ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:

NgokukaMathewu 8:17

ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo -Isaya umprofethi ukuthi : Yena wabetshatha ubuthakathaka bethu, wathwala izifo zethu. Ukumlandela uJesu (Luk. 9:57)

U-Isaya 13:1

Isiprofetho ngeBabele asibonayo u-Isaya indodana ka-Amose.

U-Isaya 1:1

Umbono ka-Isaya, indodana ka-Amose, awubonayo ngoJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda.

U-Isaya 20:2

ngaleso sikhathi uJehova wakhuluma ngesandla sika -Isaya indodana ka - Amose, wathi: Hamba uthukulule indwangu yamasaka okhalweni lwakho , ukhumule izicathulo zakho ezinyaweni zakho . Wenze njalo , wahamba ze , akafakanga nazicathulo.

U-Isaya 20:3

UJehova wathi : Njengalokhu inceku yami u -Isaya isihambe ze ingafakile nazicathulo iminyaka emithathu , iyisibonakaliso nesimangaliso eGibithe naseKushe,

U-Isaya 2:1

Indaba ayibonayo u-Isaya indodana ka-Amose ngoJuda neJerusalema.

U-Isaya 37:2

Yathuma u-Eliyakimi owayephezu kwendlu, noShebina umbhali, namalunga abapristi, bembeswe izindwangu zamasaka , ku-Isaya umprofethi , indodana ka-Amose.

U-Isaya 37:21

U-Isaya indodana ka -Amose wathumela kuHezekiya , wathi: Usho kanje uJehova uNku lunkulu ka -Israyeli, uthi: Njengalokhu ukhuleke kimi ngoSaneheribi inkosi yase-Asiriya,

U-Isaya 37:5

Izinceku zenkosi uHezekiya sezifikile ku-Isaya,

U-Isaya 37:6

u-Isaya wathi kuzo : Niyakusho kanje enkosini yenu , nithi: U sho kanje uJehova, uthi: Ungesabi lawo mazwi owezwileyo, izinceku zenkosi yase - Asiriya ezingithuke ngawo.

U-Isaya 38:1

Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula , wayephansi kokufa . Kwafika kuye u - Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda.

U-Isaya 38:21

U-Isaya wathi : Mabathathe isigaxa samakhiwane , basibeke ethumbeni, uyakusinda.

U-Isaya 38:4

Lafika ku-Isaya izwi likaJehova, lathi:

U-Isaya 39:3

Wayesefika u -Isaya, umprofethi, enkosini uHezekiya , wathi kuye : Batheni labo bantu ; beze kuwe bevelaphi na ? Wathi uHezekiya: Bavela ezweni elikude, iBabele, beze kimi.

U-Isaya 39:5

U-Isaya wathi kuHezekiya: Yizwa izwi likaJehova Sebawoti.

U-Isaya 39:8

Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: Lihle izwi likaJehova olikhulumileyo . Wathi futhi: Ngokuba kuyakuba khona ukuthula nokulondeka emihleni yami.

U-Isaya 7:3

Kepha uJehova wathi ku -Isaya: Mawuphume ukuhlangabeza u-Ahazi, wena noSheyari Jashubi indodana yakho, ngasekugcineni komsele wechibi lasenhla elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi,