Skip to Content

"ishmayeli"

53 occurrences in ZUL

1 iziKronike 1:28

Amadodana ka-Abrahama: ngo-Isaka no-Ishmayeli.

1 iziKronike 1:29

Lezi ziyizizukulwane zabo: izibulo lika-Ishmayeli uNebayoti, noKedari, no- Adibeli, noMibisamu,

1 iziKronike 1:31

noJeturu, noNafishi, noKhedema. Labo babe ngamadodana ka-Ishmayeli.

1 iziKronike 27:30

u-Obili wakwa-Ishmayeli wayephethe amakamela ; uJehedeya umMeronoti wayephethe izimbongolo;

1 iziKronike 8:38

u-Aseli wayenamadodana ayisithupha; amagama awo yilawa : o-Azirikamu, noBokeru, no-Ishmayeli, noShehariya, no-Obadiya, noHanani. Bonke labo babe ngamadodana ka-Aseli.

1 iziKronike 9:44

u-Aseli wayenamadodana ayisithupha; amagama awo yilawa : o-Azirikamu, noBokeru, no-Ishmayeli, noShehariya, no-Obadiya, noHanani; labo babe ngamadodana ka-Aseli.

2 AmaKhosi 25:23

Zonke izinduna zempi , zona nabantu bazo , sezizwile ukuthi inkosi yaseBabele imenzile uGedaliya umbusi ezweni , zaya kuGedaliya eMispa : u- Ishmayeli indodana kaNethaniya, noJohanani indodana kaKhareya, noSeraya indodana kaThanihumeti waseNethofa , noJahazaniya indodana yomMahakha, bona nabantu babo.

2 AmaKhosi 25:25

Kepha kwathi ngenyanga yesikhombisa wafika u -Ishmayeli indodana kaNethaniya ka -Elishama wozalo lwenkosi , abantu abayishumi benaye , wamshaya uGedaliya waze wafa , kanye nabaJuda namaKaledi ayenaye eMispa.

2 iziKronike 19:11

Bheka, u-Amariya umpristi omkhulu uphezu kwenu kuzo zonke izindaba zikaJehova, noZebadiya indodana ka -Ishmayeli, umbusi wendlu yakwaJuda , kuzo zonke izindaba zenkosi ; namaLevi ayakuba yizinduna ngaphambi kwenu. Yibani namandla ekwenzeni kwenu, uJehova uyakuba nabalungileyo.

2 iziKronike 23:1

Ngomnyaka wesikhombisa uJehoyada waziqinisa , wazithathela izinduna zamakhulu, u-Azariya indodana kaJerohamu , no-Ishmayeli indoda na kaJehohanani, no-Azariya indodana ka -Obede, noMahaseya indodana ka - Adaya, no-Elishafati indodana kaZikiri, zenza isivumelwano naye.

AbAhluleli 8:24

UGideyoni wathi kubo : Mangicele okuthile kini ukuba ninginike , kube yilowo nalowo amacici empango yakhe . Babenamacici egolide , lokhu bebengabakwa-Ishmayeli.

AmaHubo 83:6

amatende ka-Edomi naka-Ishmayeli, nakaMowabi nakaHagari,

U-Ezra 10:22

Kumadodana kaPhashuri : ngo-Eliyohenayi, noMahaseya, no-Ishmayeli, noNethaneli, noJozabadi, no-Eleyasa.

UGenesise 16:11

Ingelosi kaJehova yathi kuye: Bheka, usukhulelwe; uyakuzala indodana , uyiqambe igama lokuthi u -Ishmayeli, ngokuba uJehova uzwile ukuhlupheka kwakho.

UGenesise 16:15

UHagari wamzalela u -Abrama indodana ; u-Abrama waqamba igama lendodana yakhe ayizalayo uHagari ngokuthi u-Ishmayeli.

UGenesise 16:16

U-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nesithupha mhla uHagari emzalela u-Abrama u-Ishmayeli.

UGenesise 17:18

Wathi u-Abrahama kuNkulunkulu: Sengathi u-Ishmayeli angaphila phambi kwakho.

UGenesise 17:20

Ngo-Ishmayeli lo ngikuzwile; bheka, ngiyakumbusisa, ngimuphe inzalo , ngimandise kakhulu impela , azale izikhulu eziyishumi nambili , ngimenze isizwe esikhulu.

UGenesise 17:23

U-Abrahama wathatha u -Ishmayeli indodana yakhe , nabo bonke ababezelwe endlini yakhe, nabo bonke ababethengwe ngemali yakhe , bonke abesilisa phakathi kwaba ntu bendlu ka -Abrahama, wasoka inyama yejwabu labo ngalona lolo suku, njengalokho uNkulunkulu emtshelile.

UGenesise 17:25

U-Ishmayeli indodana yakhe wayeneminyaka eyishumi nantathu mhla esokwa enyameni yejwabu lakhe.

UGenesise 17:26

U-Abrahama nendodana yakhe u-Ishmayeli basokwa ngalusuku lunye.

UGenesise 21:7

Wathi futhi: Ngubani obengasho ku-Abrahama ukuthi uSara ubeyakuncelisa abantwana na? Ngokuba sengimzalele indodana esemdala. O-Ishmayeli noHagari besehlane

UGenesise 25:11

Kwathi emva kokufa kuka -Abrahama uNkulunkulu wambusisa u -Isaka indodana yakhe; u-Isaka wahlala eBeri Lahayi Royi. Inzalo ka-Ishmayeli

UGenesise 25:12

Lezi ziyizizukulwane zika -Ishmayeli indodana ka -Abrahama, uHagari waseGibithe incekukazi kaSara amzalela zona u-Abrahama.

UGenesise 25:13

Lawa angamagama am adodana ka -Ishmayeli ngamagama awo nangokuzalwa kwawo: izibulo lika-Ishmayeli nguNebayoti, kanye noKedari, no-Adibeli, noMibisamu,

UGenesise 25:16

yilawo angamadodana ka -Ishmayeli, yilawo angamagama awo ngemizi yawo nangezikaniso zawo, izikhulu eziyishumi nambili ngezizwe zawo.

UGenesise 25:17

Le iyiminyaka yokuhamba kuka -Ishmayeli: iminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa; wagqibuka wafa, wabuthelwa kubantu bakhe.

UGenesise 25:9

O-Isaka no -Ishmayeli amadodana akhe bammbela emhumeni waseMakaphela, ensimini ka-Efroni indodana kaSowari umHeti engaphambi kweMamre,

UGenesise 28:9

waya ku-Ishmayeli, wathatha uMahalati indodakazi ka -Ishmayeli indodana ka-Abrahama, udadewabo kaNebayoti , abe ngumkakhe kanye nabafazi ayesenabo. Iphupho likaJakobe eseBethele

UGenesise 36:3

noBasemati indodakazi ka-Ishmayeli, udadewabo kaNebayoti.

UGenesise 37:25

Bahlala phansi ukuba badle isinkwa ; baphakamisa amehlo abo , babona; bheka, kwafika ihele labakwa -Ishmayeli livela kwaGileyadi , linamakamela alo ethwele inhlaka nebhalisamu nemure, likwewusela eGibithe.

UGenesise 37:27

Wozani sithengise ngaye kwabakwa -Ishmayeli, isandla senu singabi phezu kwakhe, ngokuba ungumfowethu, uyinyama yethu. Abafowabo bamlalela.

UGenesise 37:28

Kwase kudlula abathengi bakwaMidiyani ; bamdonsa uJosefa , bamkhuphula emgodini , bathengisa ngoJosefa kwabakwa -Ishmayeli ngezinhlamvu ezingamashumi amabili ze siliva. Labo-ke bamusa uJosefa eGibithe.

UGenesise 39:1

UJosefa wehliselwa eGibithe ; uPotifari inceku kaF aro, induna yemilindankosi, owaseGibithe, wamthenga esandleni sabakwa -Ishmayeli ababemehlisele khona.

UJeremiya 40:14

bathi kuye : Uyazi yini ukuthi uBahalisi inkosi yabantwana bakwa -Amoni uthume u -Ishmayeli indodana kaNethaniya ukuba akubulale na ? Kepha uGedaliya indodana ka-Ahikamu akabakholwanga.

UJeremiya 40:15

UJohanani indodana kaKhareya wakhuluma kuGedaliya eMispa ngasese , wathi: Mangihambe ngimbulale u -Ishmayeli indodana kaNethaniya , kungaziwa muntu ; ubeyakukubulalelani, ukuze bonke abaJuda ababuthene kuwe bahlakazake, insali yakwaJuda ichithwe, na?

UJeremiya 40:16

Kepha uGedaliya indodana ka -Ahikamu wathi kuJohanani indodana kaKhareya: Awuyikwenza le nto, ngokuba ukhuluma amanga ngo-Ishmayeli.

UJeremiya 40:8

zaya kuGedaliya eMispa : u-Ishmayeli indodana kaNethaniya , noJohanani noJonathani amadodana kaKhareya , noSeraya indodana kaThanihumeti , namadodana ka -Efayi waseNethofa , noJahazaniya indodana yomMahakha , bona nabantu babo.

UJeremiya 41:1

Kwathi ngenyanga yesikhombisa u -Ishmayeli indodana kaNethaniya ka - Elishama, wozalo lwenkosi nowezikhulu zenkosi, wafika namadoda ayishumi kuGedaliya indodana ka -Ahikamu eMispa, badla khona isinkwa kanyekanye eMispa.

UJeremiya 41:10

U-Ishmayeli wayesethumba bonke abantu abaseleyo eMispa , amadodakazi enkosi nabo bonke abantu ababesele eMispa , uNebuzaradani induna yabalindi ayebanikele kuGedaliya indodana ka -Ahikamu, yebo, u-Ishmayeli indodana k aNethaniya wabathumba , wahamba ukuba adlulele kubantwana bakwa-Amoni.

UJeremiya 41:11

Kepha lapho uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye sebezwi le konke okubi u -Ishmayeli indodana kaNethaniya abekwenzile,

UJeremiya 41:12

bathatha bonke abantu, baya ukulwa no-Ishmayeli indodana kaNethaniya, bamfumana ngasemanzini amaningi aseGibeyoni.

UJeremiya 41:13

Kwathi lapho bonke abantu ababe no -Ishmayeli bembona uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye, bathokoza.

UJeremiya 41:14

Base bephenduka bonke abantu u-Ishmayeli ayebathumbile eMispa, babuya, baya kuJohanani indodana kaKhareya.

UJeremiya 41:15

Kepha u -Ishmayeli indodana kaNethaniya waphunyuka kuJohanani enamadoda ayisishiyagalombili, waya kubantwana bakwa-Amoni.

UJeremiya 41:16

UJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye base bethatha yonke insali yabantu ayeyibuyisile ku -Ishmayeli indodana kaNethaniya eMispa , yena esembulele uGedaliya indodana ka -Ahikamu, amadoda empi , nabesifazane, nabantwana, nabathenwa ayebabuyisile eGibeyoni.

UJeremiya 41:18

ngenxa yamaKaledi , ngokuba babewesaba , lokhu u -Ishmayeli indodana kaNethaniya ebembulele uGedaliya indodana ka-Ahikamu, inkosi yaseBabele eyamenza umbusi ezweni.

UJeremiya 41:2

Wayesesuka u -Ishmayeli indodana kaNethaniya namadoda ayi shumi ayenaye, bamshaya uGedaliya indodana ka -Ahikamu kaShafani ngenkemba , bambulala, yena inkosi yaseBabele ebimenze umbusi ezweni.

UJeremiya 41:3

U-Ishmayeli wabulala nabo bonke abaJuda ababe naye uGedaliya eMispa , namaKaledi, amadoda empi ayefunyanwa khona.

UJeremiya 41:6

U-Ishmayeli indodana kaNethaniya waphuma eMispa ukubah langabeza, ehamba ekhala . Kwathi lapho esehlangana nabo , wathi kubo : Ngenani kuGedaliya indodana ka-Ahikamu.

UJeremiya 41:7

Kwathi sebengenile phakathi komuzi , u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wababulala, wabalahla emgodini, yena namadoda ayenaye.

UJeremiya 41:8

Kepha kwafunyanwa amadoda ayishumi phakathi kwabo asho ku -Ishmayeli, athi: Ungasibulali, ngokuba sinokolweni , nebhali, namafutha, nezinyosi okubekelelwe endle. Wayesebayeka, akababulalanga kanye nabafowabo.

UJeremiya 41:9

Umgodi u -Ishmayeli alahla kuwo zonke izidumbu zabantu ayebabulele wawungumgodi omkhulu owenziwa yinkosi u -Asa ngenxa kaBahasha inkosi ka-Israyeli; u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wawugcwalisa ngababuleweyo.