Skip to Content

"isibili"

6 occurrences in ZUL

1 kwabaseThesalonika 2:13

Ngalokho nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi , ngokuba, kuthe lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi , anilamukelanga njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu , njengokuba liyilo isibili , elona lisebenza futhi phakathi kwenu nina enikholwayo.

NgokukaJohane 17:8

Ngokuba amazwi ongiphe wona ngibaphile wona , bawamukela, bazi isibili ukuthi ngavela kuwe, bakholwa ukuthi wangithuma wena.

NgokukaJohane 6:55

Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami lingukuphuza isibili.

NgokukaJohane 7:26

Bheka, ukhuluma obala , kabasho lutho kuye . Kungaba ngukuthi ababusi sebazi isibili ukuthi lo unguKristu na?

NgokukaJohane 7:40

Abanye besixuku sebezwa lawa mazwi bathi: Lo ungumprofethi isibili.

NgokukaJohane 8:31

Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye : Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili;