Skip to Content

"isibindi"

45 occurrences in ZUL

1 iziKronike 22:13

Khona uyakuphumelela, uma ugcina ukwenza izimiso nezah lulelo uJehova ayala ngazo uMose ngo -Israyeli; qina, ume isibindi ; ungesabi, ungabi naluvalo.

1 iziKronike 28:20

Wayesethi uDavide kuSolomoni indodana yakhe : Qina, ume isibindi, ukwenze; ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu , yebo, uNkulunkulu wami , unawe; akayikukuyeka, akayikukushiya uze uphele wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova.

1 kwabaseKorinte 14:3

Kepha oprofethayo ukhuluma kubantu kube ngukwakha , nokududuza, nokuqunga isibindi.

1 kwabaseThesalonika 2:12

siniyala, sinimisa isibindi , sifakazela ukuba nihambe ngokufaneleyo phambi kukaNkulunkulu onibizela embusweni nasebukhosini bakhe. UPawulu ulanda ngezinhlupheko zabo zokuzingelwa ngenxa yokukholwa

2 iziKronike 15:8

Lapho u -Asa esezwa lawo mazwi nesiprofetho sika -Azariya ka -Odedi umprofethi, waziqinisa isibindi , wasusa izinengiso ezweni lonke lakwaJuda noBenjamini, nasemizini ayeyithathile ezintabeni zakwa-Efrayimi, walivusa i- altare likaJehova elaliphambi kompheme kaJehova.

2 iziKronike 32:7

Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningapheli amandla ngenkosi yase -Asiriya nangesixuku sonke esinayo, ngokuba onathi mkhulu kunonaye;

2 kwabaseKorinte 5:6

Ngakho simi isibindi ngesikhathi sonke , sazi ukuthi, nxa ikhaya lethu lise semzimbeni, sahlukene nekhaya eliseNkosini;

2 kwabaseKorinte 5:8

simi isibindi, singathanda kakhulu ukwahlukana nekhaya elisemzimbeni , sihlale ekhaya eliseNkosini.

2 uSamuweli 11:25

UDavide wayesethi kuso isithunywa : Uyakusho kanje kuJowabe , uthi: Le nto mayingabi mbi emehlweni akho , ngokuba inkemba idla omunye njengomunye; qinisa impi yakho ngasemzini, uwuchithe; bese wumqunga isibindi.

2 uSamuweli 13:28

U-Abisalomu wayala izinceku zak he ngokuthi: Bhekani, lapho inhliziyo ka- Amnoni ithokoza ngewayini nalapho ngithi kini : Bulalani u -Amnoni, nimbulale ningesabi ; angithi mina nginiyalile na ? Yimani isibindi , nibe ngamaqhawe.

2 uSamuweli 7:27

Ngokuba wena Jehova Sebawoti , Nkulunkulu ka -Israyeli, wambulele endlebeni yenceku yakho ukuthi : Ngiyakukwakhela indlu; ngalokho inceku yakho ithole isibindi sokukhuleka lo mkhuleko kuwe.

AmaHubo 138:3

Ngosuku engakhala ngalo wangiphendula ; wangiqunga isibindi, wangipha amandla emphefumulweni wami.

AmaHubo 27:14

Lindela uJehova , uqine, inhliziyo yakho ime isibindi ; yebo, lindela uJehova.

IsiLilo 2:11

Amehlo ami ayaphela izinyembezi , izibilini zami ziyaxhaphazela ; isibindi sami sithululelwe emhlabathini ngenxa yokuchitheka kwendodakazi yabantu bami, ngokuba izingane nabancelayo bayadangala ezigcawini zomuzi.

IzAga 7:23

umcibisholo uze uhlabe isibindi sakh e njengenyoni isheshela ogibeni , ingazi ukuthi lubekelwe ukuphila kwayo.

IzEnzo 23:11

Ngobusuku obu landelayo iNkosi yema ngakuye , yathi: Yima isibindi ; njengalokho ufakaze ngami eJerusalema , ngokunjalo umelwe ukufakaza naseRoma. Icebo labaJuda lokumbulala uPawulu

IzEnzo 27:22

Kepha manje senginiluleka ukuba nime isibindi , ngokuba akuyikufa muntu kini, umkhumbi kuphela.

IzEnzo 27:25

Ngalokho yimani isibindi, madoda; ngokuba ngiyakholwa nguNkulunkulu ukuthi kuzakuba njengalokho kukhulunyiwe kimi.

IzEnzo 27:36

Base bema isibindi bonke, badla nabo.

IzEnzo 28:15

Abazalwame sebezwile ngathi basuka khona , beza ukusihlangabeza baze bafika e -Aphiyo Foru naseTresi Thaberne ; uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi.

IzEnzo 28:31

washumayela umbuso kaNkulunkulu , wafundisa ngaso sonke isibindi izindaba zeNkosi uJesu Kristu, enganqatshelwa muntu.

IzEnzo 4:13

Kwathi bebona isibindi sikaPetru noJohane , beqonda ukuthi bangabantu abangafundile, bayimifunda nje, bamangala; babazi ukuthi kade benoJesu;

IzEnzo 4:29

Manje-ke, Nkosi, bheka ukuso ngela kwabo , unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngaso sonke isibindi

KumaHeberu 10:35

Ngakho-ke maningalahli isibindi senu esinomvuzo omkhulu.

KumaHeberu 3:6

kepha uKristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe , esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nentokozo yethemba liqine kuze kube sekupheleni. Abakholwayo mabangadeleli izwi lakhe

KwabaseFilipi 1:14

nokuthi iningi labazalwane eNkosini betholile ithemba ngezibopho zami bazuzile kakhulu isibindi sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.

NgokukaJohane 16:33

Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi . Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.

NgokukaMarku 10:49

Wayesema uJesu, wathi: Mbizeni. Bayibiza impumputhe, bathi kuyo: Yima isibindi, usukume; uyakubiza.

NgokukaMarku 6:50

Ngokuba bonke bambona , bethuka. Kepha washesha wakhuluma nabo , wathi kubo: Yimani isibindi; yimina, ningesabi.

NgokukaMathewu 14:27

Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane , wathi: Yimani isibindi; yimina, ningesabi.

NgokukaMathewu 9:2

Bheka, baletha kuye umuntu ofe uhlangothi elele ohlakeni . UJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi: Yima isibindi , ndodana; uthethelelwe izono zakho.

NgokukaMathewu 9:22

UJesu ephenduka wambona , wathi: Yima isibindi , ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile. Wasinda owesifazane, kusukela kuleso sikhathi.

U-Isaya 40:2

Qungani iJerusalema isibindi , nimemeze kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile nokuthi buhlanguliwe ububi balo , ngokuba lamukeliswe esandleni sikaJehova ngokuphindiweyo ngazo zonke izono zalo.

U-Isaya 41:7

Umbazi uqunga umkhandi isibindi , nololonga ngesando uqunga oshaya isikhandelo isibindi , ethi ngokunamathelisa : Kuhle, ekubethela ngezipikili , funa kunyakaziswe. Umkhululi ka-Israyeli

UDuteronomi 31:23

Wamyala uJoshuwa indodana kaNuni , wathi: Qina, ume isibindi, ngokuba wena uyakubangenisa abantwana bakwa -Israyeli ezweni engalifungela bona ; mina ngiyakuba nawe.

UDuteronomi 31:6

Qinani, nime isibindi , ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo , ngokuba uJehova u Nkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe ; akayikukuyeka, akushiye.

UDuteronomi 31:7

UMose wambiza uJoshuwa , wathi kuye emehlweni abantu bonke bakwa - Israyeli: Qina, ume isibindi, ngokuba uyakuhamba nalaba bantu, uye ezweni uJehova afunga koyise ukubanika lona ; wena uyakwenza ukuba balidle ifa lalo.

UDuteronomi 3:28

Kepha yala uJoshuwa, umqunge isibindi , umqinise, ngokuba uyakuwela phambi kwalaba bantu, abenze ukuba balidle izwe oyakulibona.

UHoseya 2:14

Ngalokho bhekani, ngiyakumyenga, ngimyise ehlane, ngimqunge isibindi.

UJoshuwa 10:25

UJoshuwa wathi kuzo : Ningesabi, ningabi naluvalo; qinani, nime isibindi, ngokuba uJehova uyakwenza kanjalo kuzo zonke izitha zenu enilwa nazo.

UJoshuwa 1:18

Yilowo nalowo oyakuhlubuka ezwini lakho , angalaleli amazwi akho kukho konke omyala ngakho, uyakubulawa; qina kuphela, ume isibindi.

UJoshuwa 1:6

Qina, ume isibindi , ngokuba uyakwenza ukuba laba bantu badle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.

UJoshuwa 1:7

Qina kuph ela, ume isibindi kakhulu , uqaphele ukwenza ngokomthetho wonke akuyala ngawo uMose inceku yami , ungaphambuki kuwo ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukuba ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona.

UJoshuwa 1:9

Angikuyalile na ? Qina, ume isibindi , ungesabi, ungabi naluvalo , ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.

UJoshuwa 23:6

Yimani kakhulu isibindi ukugcina nokwenza konke okulots hiwe encwadini yomthetho kaMose , ukuze ningachezuki kukho ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo,