Skip to Content

"isihawu"

15 occurrences in ZUL

1 kaJohane 3:17

Kepha yena onemfuyo yezwe , ebona umzalwane wakhe eswele , amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?

1 uSamuweli 20:15

kepha futhi mawunganqumi isihawu sakho endlini yami kuze kube phakade, hhayi nalapho uJehova esenqumile zonke izitha zikaDavide ebusweni bomhlaba.

1 uSamuweli 20:8

Ngalokho yenzela inceku yakho isihawu , ngokuba ungenisile inceku yakho esivumelwaneni sikaJehova nawe; kepha uma kukhona ububi kimi, ngibulale wena, ngokuba ubuyakungiyiselani kuyihlo na?

EkaJakobe 2:13

Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyaku mehlela ongenzi isihawu ; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni. Ukukholwa kufanele kube nezenzo

EkaJakobe 3:17

Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe , andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle ; akunakungabaza, akunakuzenzisa.

KumaHeberu 4:16

Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

NgokukaLuka 10:37

Sathi: Yilowo owamenzela isihawu . Wayesethi uJesu kuso : Hamba wenze njalo nawe. OMarta noMariya

NgokukaLuka 1:50

Isihawu sakhe sikuzo izizukulwane ngezizukulwane kubo abamesabayo.

NgokukaLuka 1:54

Uyisizile inceku yakhe u-Israyeli, ukuze akhumbule isihawu,

NgokukaLuka 1:58

Abakhelene naye nezihlobo zakhe bezwa ukuthi iNkosi yenze isihawu sayo saba sikhulu kuye, bathokoza naye.

NgokukaMathewu 12:7

Kepha uma benazi ukuba kuyini lokhu ukuthi : Ngifuna isihawu , hhayi umhlatshelo, nga ningabalahlanga laba abangenacala.

NgokukaMathewu 9:13

Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi : Ngifuna isihawu , hhayi umhlatshelo. Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke. Ukuzila ukudla (Mark. 2:18; Luk. 5:33)

U-Ezra 9:9

Ngokuba siyizigqila ; nokho uNkulunkulu wethu akasishiyanga ebugqileni bethu, kepha usenzele isihawu emehlweni amakhosi asePheresiya ukuba asinike ikhefu , simise ind lu kaNkulunkulu wethu , sivuse incithakalo yayo , asinike ugange kwaJuda naseJerusalema.

UHoseya 11:8

Ngingakunikela kanjani , Efrayimi, ngikukhaphele, Israyeli, na? Ngingakwenza kanjani ube njenge -Adima, ngikubeke ufane neSeboyimi , na? Inhliziyo iyaphenduka phakathi kwami, sonke isihawu sami sivusiwe.

UNehemiya 9:17

benqaba ukulalela , abakhumbulanga izimangaliso zakho owazenza phakathi kwabo , kepha benza lukhuni izi ntamo zabo , nangokuhlubuka kwabo bamisa induna ukuba babuyele ebugqileni babo ; kodwa wena unguNkulunkulu othethelelayo , onomusa nesihe ; wephuza u kuthukuthela, ugcwele isihawu; kawubashiyanga.