Skip to Content

"isihe"

6 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 8:50

uthethelele abantu bakho abonile kuwe naz o zonke iziphambeko zabo abaphambeke kuwe ngazo , ubanike ukuba bathole isihe phambi kwababathumbayo ukuba babaphathe ngesihe.

2 kwabaseKorinte 7:15

Yebo, isihe sakhe sivamile kakhulu ngakini , lapho ekhumbula ukulalela kwenu nonke ukuthi namamukela ngokwesaba nangokuthuthumela.

AmaHubo 17:7

Bonakalisa isihe sakho esimangalisay o wena osindisa ngesandla sakho sokunene labo abaphephela kuwe kwababahlaselayo.

U-Amose 1:11

Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Edomi, yebo, ngenxa yezine , angiyikuguquka, ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba, walahla isihe sakhe , wagcina ulaka lwakhe , wayilondoloza intukuthelo yakhe.

U-Eksodusi 34:6

UJehova wadlula phambi kwakhe , wamemeza wathi : NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso,

UGenesise 43:30

Wakhawuleza uJosefa , ngokuba ngaphakathi kwakhe kwavutha isihe ngomfowabo; wafuna lapho angakhala khona , wangena ekamelweni lakhe , wakhala khona.