Skip to Content

"isihlangu"

27 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:16

Inkosi uSolomoni yenza izihlangu ezingamakhulu amabili zegolide elikhandiweyo, kwaba ngamashekeli angamakhulu ayisithupha egolide elikhandiweyo kuso isihlangu sisinye,

1 iziKronike 12:34

KuNafetali yizinduna eziyinkulungwane , zinezinkulungwane ezingamashumi amathathu nesikhombisa eziphethe isihlangu nomkhonto.

1 iziKronike 12:8

KwabakwaGadi abanye bazahlukanisa baya kuDavide enqabeni ehlane , amaqhawe anamandla, abantu abazilungiselele ukulwa, abakwazi ukuphatha isihlangu nomkh onto, ababuso babo bafana nobuso bezingonyama , abanejubane njengezinsephe ezintabeni:

1 uSamuweli 17:41

Weza umFilisti , wafika wasondela kuDavide ; umuntu ophethe isihlangu wahamba phambi kwakhe.

1 uSamuweli 17:7

Uthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki ; isihloko somkhonto sasingamashekeli angamakhulu ayisithupha ensimbi ; ophethe isihlangu wahamba phambi kwakhe.

2 AmaKhosi 19:32

Ngalokho usho kanje uJehova ngenkosi yase -Asiriya, uthi: Ayiyikungena kulo muzi , ayiyikucibishela mcibisholo khona ; ayiyikubhekisa kuwo isihlangu, ayiyikunqwabela iduli ngakuwo.

2 iziKronike 9:15

Inkosi uSolomoni yenza izihlangu ezingamakhulu amabili zegolide elikhandiweyo, kwaba ngamashekeli angamakhulu ayisithupha egolide elikhandiweyo kuso isihlangu sinye,

2 iziKronike 9:16

kanjalo nezihlangu ezingamakhulu amathathu egolid e elikhandiweyo , amashekeli angamakhulu amathathu egolide kuso isihlangu sinye ; inkosi yazibeka endlini yehlathi laseLebanoni.

2 uSamuweli 1:21

Nina zintaba zaseGilibowa, makungabikho mazolo namvula phezu kwenu , nokugubha kotwa , ngokuba isihlangu samaqhawe santshingwa , isihlangu sikaSawule, singagcotshwanga ngamafutha.

2 uSamuweli 22:36

Wena unginikile isihlangu sensindis o yakho; ubumnene bakho bungikhulisile.

AbAhluleli 5:8

Bakhetha onkulunkulu abasha ; lapho kwafika impi emasangweni; kwabonwa isihlangu noma umkhonto yin i phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na?

AmaHubo 144:2

umusa wami nenqaba yami , umbhoshongo wami ophakemeyo nomkhululi wami, isihlangu sami , nengiphephela kuye , nothobisa abantu bami phansi kwami.

AmaHubo 18:35

Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho , isandla sakho sokunene singisekele, nobumnene bakho bungikhulisile.

AmaHubo 7:10

Isihlangu sami sikuNkulunkulu osindisa abaqotho ngenhliziyo.

AmaHubo 89:18

Ngokuba isihlangu sethu singesikaJehova ; inkosi yethu ingeyoNgcwele ka - Israyeli.

Kwabase-Efesu 6:16

kukho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi,

U-Eksodusi 28:15

Uyakwenza isihlangu sesifuba sokwahlulela, kube ngumsebenzi wengcweti, usenze njengokusetshenzwa kwengubo yamahlombe ngegolide , nangokuluhlaza nan gokububende nangokubomvu , nangelineni el icolekileyo lemicu ephothiweyo.

U-Eksodusi 28:22

Wenze kuso isihlangu sesifuba amaketanga njengamagoda , umsebenzi othandelweyo wegolide elicwengekileyo.

U-Eksodusi 28:23

Wenze kuso isihlangu sesifuba amasongo amabili egolide , uwafake amasongo omabili emaceleni omabili esihlangu sesifuba.

U-Eksodusi 28:28

Bayakusibopha isihlangu sesifuba ngamasongo aso emaso ngweni engubo yamahlombe ngentambo eluhlaza ukuba sibe phezu kwebhande elifekethisiweyo lengubo yamahlombe , ukuze isihlangu sesifuba singakhumuki engutsheni yamahlombe.

U-Eksodusi 28:4

Yilezi izambatho abayakuzenza : isihlangu sesifuba , nengubo yamahlombe , nejazi, nebhantshi elifekethisiweyo, nesigqoko, nebhande, bamenzele u-Aroni umfowenu namadodana akhe izambatho ezingcwele ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.

U-Eksodusi 39:21

Base bebopha isihlangu sesifuba ngamasongo aso emasongweni engubo yamahlombe ngentambo eluhlaza ukuba sibe phezu kwebhande elifekethisiweyo le ngubo yamahlombe , ukuze isihlangu sesifuba singakhumuki engutsheni yamahlom be, njengalokho uJehova emyalile uMose.

U-Eksodusi 39:8

Wayesesenza isihlangu sesifuba, umsebenzi wengcweti, njengokusetshenzwa kwengubo yamahlombe , ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo.

U-Eksodusi 39:9

Sasinezinhlangothi ezine ezilingeneyo; basenza isihlangu sesifuba siphindwe kabili; ubude baso babunjengokudazuluka kweminwe , nobubanzi baso babunjengokudazuluka kweminwe, siphindwe kabili.

U-Isaya 22:6

I-Elamu lathwala isamb o phakathi kwezinqola , nabantu, namahhashi, neKhiri lambula isihlangu.

U-Isaya 37:33

Ngalokho usho kanje uJehova ngenk osi yase -Asiriya, uthi: Ayiyikungena kulo muzi , ayiyikucibishela mcibisholo khona ; ayiyikubhekisa kuwo isihlangu, ayiyikunqwabela iduli ngakuwo.

ULevitikusi 8:8

Wamfaka isihlangu sesifuba , nasesihlangwini sesifuba wabeka i -Urimi neThumimi.