Skip to Content

"isikhamo"

7 occurrences in ZUL

IsAmbulo 14:20

Isikhamo sanyathelwa ngaphandle komuzi , kwaphuma igazi esikhamweni , laze lafika ematomini amahhashi , liqeda amastadiyu ayinkulungwane namakhulu ayisithupha.

IsAmbulo 19:15

Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali , ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi ; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.

NgokukaMarku 12:1

Wayeseqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso , ethi: Umuntu watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo , wakha isiqongo sokulinda , wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.

NgokukaMathewu 21:33

Yizwani omunye umfanekiso . Kwakukhona umuntu , umninindlu, owatshala isivini , wasibiyela ngothango , wemba khona isikhamo , wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.

U-Isaya 5:2

wasimba, wakhipha amatshe aso , wasitshala ngomvini omuhle , wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso , waqopha isikhamo kuso , wethemba ukuthi siyakuthela izithelo zomvini, kepha saveza izithelo zasendle.

U-Isaya 63:3

Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa; kwakungekho nami noyedwa kubantu; ngabanyathela ngentukuthelo yami , ngabaciphiza ngokufutheka kwami, negazi labo lasaphazeka ezingutsheni zami , ngazingcolisa zonke izambatho zami.

UJoweli 3:13

Fakani isikela , ngokuba okuzakuvunwa sekuvuthiwe ; ngokuba isikhamo sewayini sigcwele , nezikhongozelo ziyachichima , ngokuba ububi babo bukhulu.