Skip to Content

"isiqalekiso"

22 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 3:13

Ngokuba ngimtshelile ukuthi ngiyakwahlulela indlu yakhe kuze kube phakade ngobubi abaziyo , lokhu amadodana akhe ayezehlisela isiqalekiso, engawakhuzanga.

AmaHubo 10:7

Umlomo wakhe ugcwele isiqalekiso nenkohliso nobudlo va; ngaphansi kolimi lwakhe kukhona ukwelelesa nokonakala.

IsiLilo 3:65

Uyakubanika isimbozo senhliziyo, isiqalekiso sakho sibe phezu kwabo.

IzAga 26:2

Njengomzwilili ekuhambeni kwaw o nanjengenkonjane ekundizeni kwayo , kanjalo isiqalekiso esingenasizathu asizi.

IzAga 3:33

Isiqalekiso sikaJehova sisendlini yababi , kepha uyabusisa ikhaya labalungileyo.

KwabaseGalathiya 3:13

UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,

U-Isaya 24:6

Ngalokho isiqalekiso sidlile umhlaba , nabakhileyo kuwo batholiswa icala ; ngalokho abakhileyo emhlabeni bayashiswa , kusale abantu abayingcosana nje.

UDaniyeli 9:11

Wonke u -Israyeli weqile umthetho wakho , echezuka ukuze bangalilaleli izwi lakho ; ngalokho isiqalekiso sithululwe phezu kwethu kanye nesifungo esilotshiwe emthethweni kaMose inceku kaNkulunkulu, ngokuba sonile kuye.

UDuteronomi 23:5

UJehova uNkulunkulu wakho akamlalelanga nokho uBileyamu , kepha uJehova uNkulunkulu wakho waphendula isiqalekiso saba yisibusiso kuwe , ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wakuthanda.

UDuteronomi 28:20

UJehova uyakukwehlisela isiqalekiso , nokuphaphatheka, nokusolwa, kukho konke obeka isandla sakho kukho ukuba ukwenze , uze uchithwe , ubhubhe ngokushesha ngenxa yobubi bezenzo zakho ongidelele ngazo.

UGenesise 27:12

Mhlawumbe ubaba uyakungiphatha, ngibe ngokhohlisayo emehlweni akhe, ngizilethele isiqalekiso, kungabi yisibusiso.

UGenesise 27:13

Unina wayesethi kuye : Isiqalekiso sakho , ndodana yami , masibe phezu kwami; lalela izwi lami, uhambe ukungithathela wona.

UJeremiya 29:22

Kubona kuyakuthathwa isiqalekiso yibo bonke abathunjwa bakwaJuda abaseBabele ngokuthi: UJehova makakwenze ukuba ube njengoSede kiya no- Ahabi abosiwa ngomlilo yinkosi yaseBabele,

UMalaki 2:2

Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo, usho uJehova Sebawoti , ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni.

UNehemiya 13:2

ngokuba abahlangabezanga abakwa -Israyeli ngesinkwa namanzi , kepha babaqashela uBileyamu ukuba abaqalekise ; kodwa uNkulunkulu wethu waphendula isiqalekiso saba yisibusiso.

UNumeri 5:18

umpristi amb eke owesifazane phambi kukaJehova , athukulule izinwele zekhanda lowesifazane, afake umnikelo wempuphu wesikhumbuzo ezandleni zakhe, ongumnikelo wempuphu wesikhwele ; umpristi abe namanzi ababayo esandleni sakhe aveza isiqalekiso.

UNumeri 5:19

Umpristi amfungise , athi kowesifazane: Uma kungalalanga ndoda nawe , ungadukelanga ekungcoleni usephansi kwendoda yakho , mawukhululeke kulawa manzi ababayo aveza isiqalekiso;

UNumeri 5:21

umpristi uyakufungisa owesifazane ngesifungo sesiqalekiso , umpristi athi kowesifazane: UJehova makakwenze isiqalekiso nesifungo phakathi kwabantu bakini, lapho uJehova eshwabanisa ithanga lakho , avuvukalise isisu sakho.

UNumeri 5:22

Lawa manzi aveza isiqalekiso ayakungena ezibilini zakho, avuvukalise isisu sakho, ashwabanise ithanga lakho. Owesifazane uyakuthi: Amen! Amen!

UNumeri 5:24

aphuzise owesifazane amanzi ababayo aveza isiqalekiso ; amanzi aveza isiqalekiso ayakungena kuye, ababe.

UNumeri 5:27

Nxa esemphuzisile amanzi , kuyakuthi uma engcolisiwe waphambuka endodeni yakhe , amanzi aveza isiqalekiso angene kuye , ababe, isisu sakhe sivuvukale, ithanga lakhe lishwabane , owesifazane aqa lekiswe phakathi kwabantu bakubo.

UZakariya 5:3

Yayisithi kimi : Nasi isiqalekiso esiphumela ebuswe ni bomhlaba wonke , ngokuba ngokusho kwaso bonke abebayo bayakunqunywa lapha, nabo bonke abafungayo bayakunqunywa lapha ngokusho kwaso.