Skip to Content

"isisu"

17 occurrences in ZUL

IsiHlabelelo seziHlabelelo 7:2

Inkaba yakho ingumkhe le oncweliweyo , ongasweli iwayini elixutshanisiweyo; isisu sakho siyinqwaba kakolweni, ibiyelwe ngeminduze.

IzAga 13:25

Olungileyo uyadla uze usuthe umphefumulo wakhe , kepha isisu sababi siyaswela.

IzAga 18:20

Isisu somuntu siyasutha ngesithelo somlomo wakhe , saneliswe ngokuthela kwezindebe zakhe.

KwabaseRoma 16:18

ngokuba abanjalo abayikhonzi iNkosi yethu uKristu , bakhonza isisu sabo ; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenacala.

NgokukaLuka 11:27

Kwathi esakhuluma lokhu, owesifazane othile esixukwini waphakamisa izwi, wathi kuye: Sibusisiwe isisu esakuthwalayo namabele owawancelayo.

U-Eksodusi 21:22

Uma abantu belwa, balimaze owesifazane okhulelweyo , size siphuphume isisu sakhe, kungaveli enye ingozi kodwa, wohlawuliswa impela njengalokho indoda yomfazi iyakubeka kuye, akhokhe njengesinqumo sabahluleli.

UDaniyeli 2:32

Lesi sithombe-ke, ikhanda laso liyigolide elihle , isifuba saso nezingalo zaso kuyisiliva, isisu saso namathanga aso kuyithusi,

UDuteronomi 28:53

Uyakudla inzalo yesakho isisu, inyama yamadodana akho neyamadodakazi akho uJehova uNkulunkulu wakho akunike wona ekuvinjezelweni nasekuxinekeni izitha zakho eziyakukuxina ngakho.

UHezekeli 3:3

Wathi kimi: Ndodana yomuntu, sidlise isisu sakho, ugcwalise izibilini zakho ngalo mqulu engikunika wona . Ngase ngiwudla , wawumnandi emlonyeni wami njengezinyosi.

UHoseya 9:14

Banike, Jehova uyakunikani ? Banike isisu esiphuphumayo namabele omileyo.

UJeremiya 51:34

UNebukadinesari, inkosi yaseBabel e ungidlile wangiqeda ; ungenze isitsha esingenalutho, wangigwinya njengodrako ; ugcwalisile isisu sakhe ngokumnandi kwami, wangixosha.

UJobe 15:2

Ohlakaniphileyo uyakuphendula ngokwazi okungumoya nje, agcwalise isisu ngomoya wasempumalanga, na?

UJobe 15:35

Bakhulelwe ingozi, bazala ukona; isisu sabo silungisela inkohliso.

UJobe 20:23

Kuyakuthi lapho eyakugcwalisa isisu sakhe , uNkulunkulu aphonse kuye ukuvutha kwentukuthelo yakhe, akunise phezu kwakhe esekudleni.

UNumeri 5:21

umpristi uyakufungisa owesifazane ngesifungo sesiqalekiso , umpristi athi kowesifazane: UJehova makakwenze isiqalekiso nesifungo phakathi kwabantu bakini, lapho uJehova eshwabanisa ithanga lakho , avuvukalise isisu sakho.

UNumeri 5:22

Lawa manzi aveza isiqalekiso ayakungena ezibilini zakho, avuvukalise isisu sakho, ashwabanise ithanga lakho. Owesifazane uyakuthi: Amen! Amen!

UNumeri 5:27

Nxa esemphuzisile amanzi , kuyakuthi uma engcolisiwe waphambuka endodeni yakhe , amanzi aveza isiqalekiso angene kuye , ababe, isisu sakhe sivuvukale, ithanga lakhe lishwabane , owesifazane aqa lekiswe phakathi kwabantu bakubo.